Ingxoxo ekhethekile: Uyifuna esidlekeni seZinyoni iMTN8 uSihlalo
Sekuphele iminyaka eyisishiyalolunye ingayiphakamisi inkomishi esigabeni esikhulu iSwallows FC. IZinyoni zagcina ukunqoba indebe ezingeni elikhokhelayo ngowezi-2012 ngesikhathi zikhala zemuka neMTN8 zithela othulini iSuperSport United kowamanqamu e-Orlando Stadium ngaphansi kobuholi bukaGordon Igesund.
Kusukela lapho izinto aziphindanga zayihambela kahle i-Swallows kwazise ike yagawulwa yizembe kuPremiership nakuGladAfrica Championship.
Exoxa nelaboHlanga uMogashoa uvule isifuba ngesifiso sakhe sokudla ubhedu kuMTN8 ehamba nesamba sezigidi eziyi-8.
“Ngesizini edlule isifiso sethu bekuwukuqeda sibalwa namaqembu ayisishiyalombili ahamba phambili kuligi. Inhloso yethu ngalokhu besifuna ukulwela ukunqoba indebe yeMTN8. Asikho isidingo sokuqeda kuTop 8, uma ungazimisele ngokulwela ukuwina iMTN8. Nathi-ke siyayifuna le ndebe futhi sizoyilwela . Abalandeli bethu siyabakweleta,” kusho uMogashoa.
ISwallows ibiqeda isizini yokuqala ibuyele ezingeni eliphezulu. Imangaze abaningi iqeda endaweni yesithupha ku-ligi.
“Sekuphele isikhathi eside kakhulu sagcina ukunqoba isicoco somkhumulajezi. Uma ngikhumbula kahle, iMTN8 yisona isicoco esagcina ukusinqoba ngowezi-2012. Sifuna ukuyilwela kulokhu iMTN8,” kuqhuba uMogashoa.
IZinyozi zasungulwa ngowe-1947. Leli qembu libalwa namaqembu amakhulu eNingizimu Afrika. “ISwallows yiqembu elikhulu. Alikwazi ukuvele lishabalale nje kalula kanjalo. Uma ukhuluma ngezinkunzi zaseSoweto, ukhuluma ngeSwallows, Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Uyabona-ke ukuthi bekushoda iSwallows? Yingakho bekumqoka ukuthi siyibuyise. Sijabule ukuthi ibuyile. Asifuni ukuzokwandisa izibalo kodwa sizimisele ngokuzolwela izicoco,” kubeka uMogashoa.
“Okwamanje akukho esikuhlelile mayelana nemigubho yokubungaza iminyaka engama-75, iqembu lasungulwa. Imigomo yokhuvethe yenza kubenzima ekutheni sihlele imicimbi yokubungaza leminyaka iqembu lasungulwa. Uma kukhona esizokwenza sizomemezela. Okwamanje asikwazi ukuhlela ngoba sizothi siyahlela kuvele kuhlasele ihlandla lesine lokhuvethe. Izibalo zokhuvethe yizona ezizosinika umhlahlandlela,” kusho uMogashoa.
Ngesonto eledlule iSwallows imemezele ukuthi isayinise uGrant Magerman emboleke kuSundowns.
“Sisebenza ngokubambisana nomqeqeshi uma siqinisa iqembu. Akekho umdlali osayina neqembu umqeqeshi engazi. Yingakho nendlela yethu yokudlala ingashintshi. Sisadlala ngendlela efanayo nesasidlala ngayo sisagijima kuGladAfrica Championship. Asivele nje sisayinise lapha kuSwallows kodwa umqeqeshi nguyena ositshelayo ukuthi yiziphi izindawo ezidinga ukuqiniswa eqenjini. Sinohlobo lwabadlali esifuna ukubasayinisa kodwa umqeqeshi nguyena esizwa ngaye. Uma umqeqeshi engeneme ngomdlali othize, lowo mdlali ngeke asayine kwiSwallows,” kusho uMogoshoa.
Phakathi kwabanye abadlali abasayiniswe yiSwallows singabala oYagan Sasman, Pule Saleng, Jordy February, Keletso Makgalwa, Mphakamiseni Nene, Dillon Solomons, Tebogo Langerman, Thandani Ntshumayelo noKhethokuthula Ndlovu.
“Senze isiqiniseko sokuthi sibuyisa iningi labadlali bethu abanesipiliyoni. Sibe sesibathaka kahle nalabo abasebasha. Sikwenze lokho ngoba sifuna ukukhulisa iqembu. Asifuna kube nezindawo lapho sibuthaka khona,” kusho uMogashoa.
Ephawula ngodaba luka Hlompho Kekana naye oke wakhonjwa kuSwallows uthe:
“Asivumelani neSundowns ngezinto ezithize. Ngakho angiboni ukuthi uHlompho uzophelela lapha eqenjini,” kulandisa uMogashoa.
Ngesizini edlule iSwallows igxekwe kakhulu isayinisa abadlali asebeneminyaka engaphezu kwama-30 okubalwa kubona oThabo Matlaba, Musa Nyatama, Sifiso Hlanti noRuizhag Gamildien.
“Ukugxekwa akuyona into esiyifaka kakhulu enhliziyweni lapha kuSwallows. Uma sigxekwa siyalalela. Ekugxekweni kwethu siyahlaziya ukuthi yikuphi okwenza umqondo noma okungasiza iqembu. Ukugxekwa kuyungxenye yempilo. Uma ungagxekwa kukhona ongakwenzi kahle. Impilo iphoqa ukuthi ugxekwe. Nokho njengeqembu sinezinjongo esifisa ukuzifeza. Asifuni ukuphinde sibone iqembu ligawulwa yizembe. Abantu abaphethe iqembu bayakwazi okudingwa yiqembu ukuze liye phambili,” kucacisa uMogashoa.
ISwallows sekusele kancane ifinyelele kowamanqamu weMTN8. Emzuliswaneni wokuqala ikhiphe ompetha i-Orlando Pirates.
“Ngeneme ngezinto eziningi eqenjini. Ikusasa liqhakazile. Ngemuva kokuqeda kuTop 8 ngesizini edlule kulokhu sifuna ukuqeda kuTop 4. Okungasijabulisa iSwallows wukunqoba iMTN8 bese siqeda sibalwa namaqembu amane ahamba phambili.” kuphetha uMogashoa.
Kumlenze wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu iZinyoni zidlale kuyiqanda ngala neqanda ngale phakathi kwazo neCape Town City