Now Reading
Nakwelakamuva usavunywa njengohlabana bemphika
Dark Light

Nakwelakamuva usavunywa njengohlabana bemphika

Ibhuku elikhuluma ngomholi ongasekho wePan Africanist Congress, uRobert Mangaliso Sobukwe elethulwe ngabashicileli bakwaJonathan Ball ngasekupheleni konyaka odlule lihlanganise osaziwayo kwezobuholi bepolitiki yakuleli.

Umhleli walo nguBenjamin Pogrund nokunguye owabhala incwadi engomlando wempilo yaleli qhawe lomzabalazo enesihloko sithi: “How Can a Man Die Better.” Isihloko sebhuku elisanda kukhishwa sithi: Robert Mangaliso Sobukwe: new reflections.

Bonke ababhale ngempilo kaSobukwe nalokho abe ekumele emzabalazweni wakuleli bayavumelana ukuthi nebala uSobukwe uwuhlobo lomholi ongandile nowawubamba ushisa umzabalazo wayihluphekela kwaze kwasekugcineni inkululeko yabantu abangama-Afrika yena engenachashaza lokuzifunela udumo nengcebo.

Kosaziwayo abazwakalise imizwa yabo ngohlobo lomholi uSobukwe ayeyilo kunoBarney Pityana, u-Adam Habib, uThandeka Gqubule-Mbeki, uBobby Godsell, uNkosazana Dlamini Zuma, uBonang Mohale, uBarney Mthombothi, u-Anele Nzimande, uPaul Verryn, u-Otua Sobukwe, u-Ishmael Mkhabela, u-Claudelle von Eck noJoel Mbhele.

URobert Mangaliso Sobukwe waziwa kakhulu ngokuhola umzabalazo wokushiswa kwamapasi okwaphetha ngesibhicongo sokudutshulwa kufe izinkumbi zabohlanga eSharpeville nakwaLanga ngoNdasa wowe-1960. Leso sigameko sithathwa ngosomlando njengokuyiso esaguqula umzabalazo wokulwela inkululeko kuleli, kwavalwa izinhlangano ezaziphambili, abaholi kuhlanganisa naye uSobukwe bayogqunywa isikhathi eside emajele. Ngaphezulu kwalokhu elakuleli laphenduka iqaqa emazweni omhlaba kwaqala imifantu enqanaweni engumbuso wamabhunu.

Ukushiswa kwamapasi kuthathwa njengesigameko sokuqala esasiqinisekisa ukuthi aboHlanga babezimisele ukulwela bafele inkululeko yabo. Kulo mkhankaso uSobukwe wazikhombisa engumholi onesibindi noyisibonelo salokho umholi oqotho okufanele abe yikho.

Ngifunda lokho ababhali abehlukene abakushoyo ngoSobukwe ngithole kungekho ukuphikisana ngendlela ababuka ngayo lo mholi. Ngaphezulu kwezimpawu zobuholi ezingajwayelekile ayenazo baphinde bavumelane ngokuba kwakhe nguhlabana bemphika ikakhulukazi kubaholi beqembu axebuka kulo wasungula iPan Africanist Congress. Ibukeka imikhulu imizamo yokumnyundela nokumphika njengesihlabani esatatazelisa amabhunu abona ukuthi aboHlanga babeyifuna inkululeko yabo bengadlali. Ukufenyiswa kukaSobukwe kubonakala ngemizamo enzulu yokucisha igama lakhe ngokuzitshwa kwegama lakhe uma kubalwa amaqhawe alethela elakuleli inkululeko.

Ukwesatshwa kukaSobukwe ngisho esaba mathambomhlophe ngokusho kwababhali kuwelele nakuHulumeni othathwa ngokuthi ungowentando yeningi. Lokhu uHulumeni ukukhombise ngokuguqula usuku lwangolwama-21 kuNdasa lungayanyaniswa nesigameko saseSharpeville kodwa luphendulwe iHuman Rights Day.

Kwabangithathile ngendlela ababhale ngayo ngaleli qhawe ngu-Ishmael Mkhabela lapho ethi: “Ngesikhathi eseNyuvesi eFort Hare, uSobukwe wazihlanganisa nomzabalazo wabafundi nentsha. Njengazo zonke izitshudeni ezaziqhamuka emindenini empofu, wakwenza lokhu ekuqonda kahle ukuthi kwakungase kumlahlekisele ngekusasa eliqhakazile, umsebenzi owawungamholela imali enhle nengozi yokuxoshwa angaphinde avunyelwe ukuba semagcekeni enyuvesi … wakhetha i-Afrika nekusasa ayengalazi ukuthi liyoba yini,” kubeka uMkhabela ngalesi sikhondlakhondla somzabalazo.

See Also

UNkosazane MaDlamini-Zuma useluleka athi: “Simelwe ukwenza isiqiniseko, njengoba kwasho uSobukwe ukuthi sibambelela embonweni we-Afrika entsha, i-Afrika ezelwe kabusha, i-Afrika ecandulwe kabusha, i-Afrika eyakhiwe kabusha, i-Afrika yabantu abasha’. Uqhubeka adlulisele umbuzo kithi uma ethi, “okufanele kuhluphe onembeza bethu wukuthi kambe ngabe uSobukwe uyajabula yini uma ebuka isimo i-Afrika nama-Afrika abazithola bekuso namuhla”.

Ekugcineni uThandeka Gqubule Mbeki benoDuma Gqubule babalula ngobukhali bengqondo bukaSobukwe abukhombisa esengumfundi ongakafiki naseNyuvesi iFort Hare lapho bethi:” Ubuhlakani bakhe wabukhombisa eseHealdtown.

Ukucabanga ngendlela ehlelekile nokubaluleka kokusebenzisa ingqondo uma ungumholi kwakuyinto ephambili ebuholini bakhe. Lokhu kuyisifundo kubaholi banamuhla. Ukwaziwa kukaSobukwe njengomuntu owayekhonze imfundo kwakunohlonze ngendlela yokuthi kwaba nomthelela ekade ashiya eHealdtown. UMfundisi uRaymond Pitts owaba nguThishanhloko eminyakeni emine uSobukwe ashiya eHealdtown, wathi, ‘uSobukwe wayengumfundi ohlakaniphe ngaphezu kwabo bonke abake bafunda eHealdtown.’

Incwadi esihloko sithi: Robert Mangaliso Sobukwe: New Reflections ihlelwe nguBenjamin Pogrund yashicilelwa ngabakwaJonathan Ball. Isiyatholakala ezitolo ezinkulu ezidayisa izincwadi ezweni lonke.

Scroll To Top