Now Reading
Ogade uheshane yena ugadwe ngubani?
Dark Light

Ogade uheshane yena ugadwe ngubani?

Yileso naleso sigodi sinezinkunzi ezikhonyayo kuso. Inkunzi ivamise ukukhonya iminyaka ethile bese kukhula enye. Emabhizinisini akunjalo, ikakhulukazi uma sibuka umkhakha wokucwaningwa kwamabhuku ezinkampani. Uma kukhulunywa ngokucwaningwa kwamabhuku ezinkampani kusuke kungakenziwa lutho uma kungakakhulunywa ngezinkunzi ezine ezaziwa njengomakhonya kulesi sigodi. Lezi zinkunzi yizinkampani iKPMG, iDeloitte, iPrice Waterhouse Coopers kanye ne-Ernst & Young. Uma zikleliswa zozine ngokwamandla azo onyakeni wezi-2019 inkampani iDeloitte yiyo enkulu kunazo zonke emhlabeni. Njengoba zibizwa ngeBig Four ziyizethenjwa kulo mkhakha

Eshumini leminyaka eyedlule kunezinto ezishiye inkundla yezamabhizinisi inkemile zaletha ukungabaza ubuqotho nokwethembeka kwezinkampani ezicwaninga amabhuku ezinye izinkampani. Izinkampani ezicwaninga amabhuku nazo zingamabhizinisi futhi zilwela ukuthola imisebenzi ezogcina ibhizinisi limile unyaka nonyaka. Zilawulwa yimithetho ethile ngaphezu kwaleyo elawula izinkampani ezingekho kulo mkhakha wezimali.

Ukwethembeka okulindeleke kubacwaningi bamabhuku kungaphezulu kwalokho okulindeleke ezinkampanini nje ezisebenza eminye imisebenzi. Ngeke kulunge kuqashwe isela ukuba libheke abantu ukuba bangantshontshi. Ngeke kulunge kuthathwe isephulamthetho sinikezwe umsebenzi wokuqapha abantu ukuthi bangawephuli umthetho.

Kuleli shumi leminyaka edlulile sikubonile lokho lapha eNingizimu Afrika. Ezinye zezinkampani ezihlonishwayo futhi ezaziwa njengezinkulu kuvele ukuthi zephule imithetho elawula ukusebenza kwazo. Nanamuhla kodwa zisasebenza.

Inkampani iDeloitte kuthe ngesikhathi kuqala izinkinga zikagesi yanukeka ukuthi kunezinto engazenzanga ngendlela aqondile. Izikhulu zagxuma zagelekeqeka zafuna ukukhokhelwa imali ebalelwa kumarandi ayizi-207 000 000. Ngenkathi kuhlolisiswa indlela eyakhokhwa ngayo le mali kuvele ukuthi kumele iDeloitte izibuyise lezi zigidi eyakhokhelwa zona.

Okunye iDeloitte esolwa ngakho ngukuthi ngoMandulo wonyaka wezi- 2016 banikezwa imisebenzi emibili phezu kokuba babebize amanani angaphezu kwezinye izinkampani ezazifake izicelo zale misebenzi. Esinye sezikhulu eziphezulu sakwa-Eskom esafaka amaphepha eNkantolo yaseGoli ukuthi emsebenzini obizwa ngeBusiness Improvement Project sithi iDeloitte yabiza amarandi ayizigidi ezingama-79,1, kanti ezinye izinkampani ezazincintisana nayo zabiza izigidi ezili-16 zamarandi, enye yabiza izigidi ezili-9,1 zamarandi. Komunye umsebenzi iDeloitte yabiza izigidi ezingama-88,8 zamarandi, kanti izinkampani ezimbili ababencintisana nazo zazibize izigidi ezili-14,6 nezili-13,3 zamarandi.

Yomibili le misebenzi yanikezwa abakwaDeloitte yizikhulu zakwa-Eskom ezazinikezwe umyalo wokungawasebenzisi amanani abizwe yinkampani. Le misebenzi yomibili nomunye omncane yanikezwa iDeloitte ngenani lama-207 ezigidi zamarandi. Ngokusho kukaMnu uMabuza lokhu kukhombisa ukwephula imithetho kwenkampani iDeloitte ne- ESKOM. Emveni kwamasonto amathathu iDeloitte yafaka isicelo sokukhokhelwa imali ebalelwa ezigidini ezingamashumi ayisithupha amarandi, okuthi uma kubalwa amahora abawasebenza kucace ukuthi kwakungamele bakhokhelwe imali engaka. Le nkampani eyisethenjwa sokuhlola ezinye izinkampani isasebenza nanamuhla futhi isabalwa nezine ezinkulu, phezu kokutholakala kwalo mkhonyovu.

Umbuzo ofika emqondweni ngothi bangavunyelwa kanjani ukuqhubeka benze umsebenzi wokuhlola amabhuku ezinye izinkampani bebe behluleka ukwethembeka kwawabo amabhuku. Ngokucabanga kwami, umuntu ontshontshayo akumele avunyelwe ukwengamela abanye. Oqaphe uheshane yena uqashwe ngubani? Lesi senzo esingenhla nezinye ezisematheni ezithinta i-Eskom neDeloitte zenza umthetho iPublic Finance Management Act inhlekisa, ngoba umthetho wephulwa kuqhutshekwe kusetshenzwe sengathi akonakele lutho.

Inkampani yakwaKPMG ingenye yezinkampani ezinkulu ezine nebezihlonishwa kakhulu uma kukhulunywa ngokucwaningwa kwamabhuku ezinkampani ezinkulu. Okuseqinisweni, ithemba labantu baseNingizimu Afrika likulezi zinkampani ngoba abanakukwazi ukuqinisekisa ngokwabo ukuthi izinkampani zikaHulumeni eziphethe impilo yomphakathi zethembekile kubo. Kwethusa kakhulu ngeminyaka yezi- 2017 nowezi-2018 kutholakala iKPMG izivumela ukubandakanyeka ekwenzeni okuphambene. Ezintathu zezinto ababalwa kuzo:

IKPMG yavuma ukuthi yakhipha umbiko ongamanga ngeSouth African Revenue Service owaholela ekuphenyweni kukaNgqongqoshe Wezimali.

See Also

Babenza umsebenzi womndeni wakwaGupta osematheni kuze kube manje ngokulutha umbuso namabhizinisi aseNingizimu Afrika.

IKPMG beyingumcwaningi wamabhuku eVBS, iBhange eligcine livaliwe ngobudedengu nokusebenza ngobugebengu.

Ukuba yayiwenza ngokuphelele nangokufanele umsebenzi wayo inkampani iKPMG kwakungeke kuze kufike lapho iVBS ibanjwa seyibheke eweni ukuthi ayizilandeli izindlela okumele zilandelwe ngamabhange. Imali yomphakathi eyangqwamba kuleli bhange yayingavikeleka. Ngenxa zalokhu iKPMG ivele njengenkampani engeke yethenjwe, kwesula izikhulu eziphezulu eziyisishiyagalombili. Lokhu kwaholela ekutheni iKPMG ilaxazwe ngezinye zezinkampani ezinkulu ebezingamakhasimende ayo eyisebenzisa njengabacwaningi bamabhuku. Kwesula abasebenzi ababalelwa engxenyeni eyodwa kokuthathu, besuka ezi-3 400 beya ezi-2 200.

Sibuke lezi zinkampani zombili eziyizethenjwa okwanamuhla, kodwa kumele sizibuze ukuthi labo abagadile bagadwe ngubani ukuthi benza ngokuyikho. Uma sebetholakele ukuthi abenzi ngendlela efanele ngubani onelungelo namandla okubajezisa. Lezi zinkampani ezinkulu selokhu zaba ngezinkulu iminyaka, iyiphi indlela engenza kube nezinye eziveza isithombe seNingizimu Afrika yamanje, singalokhu sikhuluma ngeBig Four kuze kuphele elinye ishuminyaka

Scroll To Top