Okungenzeka ukuthi uMotsoaledi uxhomondele


Njengoba sezihubela sakusha nje, kulungiselelwa umgubho weminyaka eli-108 uKhongolose wasungulwa, uNgqongqoshe Wezasekhaya kuleli, uDkt u-Aaron Motsoaledi, usesibonde wasishiya nophini nokuyinto abanye abathi kube wukuxhomondela. Ngokwemibiko lo mholi ukhwele wadilika kuMengameli wase-USA, uMnu uDonald Trump ngodaba oluthinta i-Iran.
Lokhu kube ngemuva kokubulawa kukaJenene uQassem Soleimani, wase-Iran, okwenze leliya lizwe nalo lahlasela izinkambu zamasosha ase-USA, limphindiselela.
Ukuphawula kukaDkt uMotsoaledi kungadunga ubudlelwano beNingizimu Afrika ne-USA futhi kuyabuzeka ukuthi ubegunyaziwe yini ukwenza lezi zitatimende ngezikhathi lapho umhlaba ubambe umoya.
“UMengameli uTrump ukhombise ukuba undlovukayiphikiswa nokungabi nobuholi. Besingekho isidingo sokuthi eze emhlabeni kungenxa ye-USA eyesabisa amanye amazwe omhlaba,” kuphawula uDkt uMotsoaledi. Uphawula kanje nje uMengameli uRamaphosa, ngoMgqibelo eNorthern Cape, kulindeleke ukuba achathazele isizwe eshungwini lakhe ukuthi izindaba ezinje uzibona kanjani nokuthi izwe lingazixazulula kanjani.
Uma kuwukuthi le nkulumo iwanengile amaMelikana, kulindeleke ukuthi inxusa lakuleli e-USA libizwe ukuze lizochaza ukuthi ngabe umbono kaNgqongqoshe ungokaHulumeni noma ngowakhe.
Ngakolunye uhlangothi bakhona abangeseka uMotsoaledi ngelokuthi njengelungu leqembu elibusayo futhi nomholi osemkatshubovu kanye nesakhamuzi sakuleli unalo ilungelo lokuba nombono okungenzeka ukuthi ungowakhe neqembu okungehluka kwinqubomgomo kaHulumeni. Nokho lokhu bancane abangakholwa ukuthi angakhuluma ngale kwenhlangano nohulumeni kakhulukazi njengoba umnyango awuholayo ungeminye emikhulu emazweni amaningi. esabise ngokunswinya i-Iran. Kunje nje