Now Reading
Sebenokwesaba abakwaSANBS ngokwentuleka kwegazi
Dark Light

Sebenokwesaba abakwaSANBS ngokwentuleka kwegazi

Silokhu sehle njalo isibalo segazi elikhona eNingizimu Afrika kodwa isidingo sale sibe senyuka nsunku zonke.

Lokhu kudalulwe yisikhulu seSouth African National Blood Services (SANBS) eMidlands, uMnu uKhulekani Zuma, othe isimo sesisibi kakhulu.

“Sekubheda kakhulu kanti nezibalo zehle kakhulu uma kuqhathaniswa nasemasontweni amabili edlule lapho kade sivezela leli phephandaba izibalo zegazi esinalo. Manje KwaZulu-Natal sinegazi elingasilondoloza izinsuku ezi-2,8 kanti eNingizimu Afrika sinelingahamba izinsuku ezi-3,3,” kusho uZuma ekhuluma nelaboHlanga ngoLwesithathu. 

UZuma uthe izikhwama zegazi abazigcinile kulesi sifundazwe zingama-661 kanti ngosuku bavame ukukhipha ezingama-239. Uveze ukuthi eNingizimu Afrika banezikhwama eziyizi-3 774, njalo ngosuku bavame ukukhipha okungenani eziyi-1 154.  UNxamalala uthe ingozi ngegazi ukuthi bangazenza lezi zibalo kodwa kungathi kusa kube sekuxoxwa enye indaba uma kungaba nesibhicongo sengozi okuzodingeka ukuba kusetshenziswe igazi eliningi kwabalimele.

“Seseluleke odokotela ukuba bazame ukubheka iziguli ezilidinga kakhulu futhi baphinde baqaphele ukuthi uma bebona ukuthi isiguli sidinga izikhwama ezine ukuthi ngabe zingazisebenzisa yini ezimbili ngenhloso yokulonga. Odokotela lokhu abakuzwa kahle kodwa sesibazisile ukuthi nathi sithembele kubantu abanikela ngegazi abazifikela bona kithi abekho abaphoqelelekile,” usho kanje. 

Uthe ezinsukwini ezimbili eNingizimu Afrika kunezicelo zegazi ezingenile eziyizi-2 856 ebezidinga igazi elilinganiselwa ezi-5 893. UZuma uthe njengoba izicelo zingalingani nesibalo segazi ingoba ezinye iziguli zidinga izikhwama eziningi. 

See Also

Uqhube wathi njengoba kusenezinto eziningi ezimisiwe ukusebenza ngenxa yokhuvethe, indlela abebeyisebenzisa ukuthola igazi iphazamisekile okwenza kube lukhuni. Wenze isibonelo ngezisebenzi eziningi ezisebenzela emakhaya okwenza bangakwazi ukuthola igazi elanele kanti nakuba abafundi sebebuyele ezikoleni kepha izikhungo zemfundo zinemigomo esamile evimbela ukungena kwabantu bangaphandle emagcekeni azo.

 “Sivele ngekhanda emfuleni sesinxusa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi okungenani zibekise izikhathi zokuya ezikhungweni zethu uma zimatasa, izisebenzi zethu zizozilungisela ukuze zingabambezeleki uma sezifikile. Kunomkhankaso esiwuqhubayo njengoba kunabantu abebenikela ngegazi besabancane noma besezikoleni ukuthi baqhubeke ngoba bayalahleka basuke sebenezinto eziningi futhi besajabulela nokusebenza kanti isidingo segazi sisekhona,” kusho uZuma. Uphethe ngokuthi abantu ababadingayo abashodayo abaphakathi kweminyaka yobudala eli-16 kuya kwengama-35.  

Scroll To Top