Akucaci ngezigidi zesinxephezelo sakwaMgayi


UMA uhamba ngomgwaqo omkhulu onguthelawayeka uN2 ubheke ngasoGwini bese uchezukela ngasohlangothini lwaseSezela uhamba ibanga elingaphansi kwamakhilomitha amahlanu bese uqhamukela endaweni yakwaMgai engaphansi kwesiFunda uGu.
Le ndawo yakhelwe ngabantu bezibongo ezehlukene kodwa esiningi ngesakwaHlongwane noChiliza.
Phambilini umphakathi walapha ubuziphilisa ngokutshala umoba, kuthi labo abangenawo umhlaba beqashwe inkampani kashukela eyakhelene nabo iSezela Sugar Mill. Lo mphakathi ungenye kweminingi okwathi ngokufika kwenkululeko wafaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba Impilo yalo mphakathi ishintshile ngesikhathi kuthathwa umhlaba njengoba ingxenye enkulu yomhlaba wayo wathathwa wafakwa ngaphansi kwenkampani yakwaShukela eyawusebenzisela ukutshala ushukela. Ngokuthola kweBAYEDE isicelo salo mphakathi siphumelele wagcina unxeshezelwe ngemali engaphezulu kwezigidi ezinhlanu okwakudinga ukuba ihlukaniselane yonke imindeni eyathinteka ngesikhathi isuswa endaweni yayo. Ngokusho kukaMnu uSphiwe Chiliza onguMgcinimafa wesikhwama somphakathi esibizwa ngeMgai Trust imali yaphuma kwavunyelwana ngokuthi ayigcinwe kwaShukela eSezela Mill.
“Ngesikhathi sesilandela sithole ukuthi yonke imali ikhishiwe. Sikhuluma ngemali cishe eyeqile ku 5 million,” kusho uChiliza.
Uthe umphakathi usuke wahlela ukhukhulelangoqo wombhikisho obubheke kwaShukela ufuna ukwazi ukuthi kwenzakalani ngemali yawo eyisinxephezelo somhlaba. Imihlangano eminingi yomphakathi ebibizwa kuzoxoxwa ngalolu daba ibigcina ngokubhuntsha ngomzuzu wokugcina okugcina sekukhona amalungu omphakathi anuka labo abasekomidini ngokuthi banolwazi ngokunyamalala kwemali ngoba nezizathu zokubhuntsha kwemihlangano bezingazwakali. Ngesikhathi iBAYEDE ilapha ixoxisane namalungu omphakathi ahlukene ukuzwa uvo lwawo ngalolu daba.
UMnu uNunu Hlongwane uthe ulwazi kahle udaba lwesicelo sokubuyelwa umhlaba nesinxephezelo semali eyakhokhwa kodwa okunamuhla akwaziwa ukuthi yaphelelapho. “Udaba olunzima lolu kodwa engingafuni ukungena kakhulu kulona ngoba isikhathi esiningi angiyihambi imihlangano ngoba ngisuke ngingasematohweni,” kusho uHlongwane. Uthe uma kungavalelwa ekhoneni laba abasekomidini lingaphuma iqiniso ngoba yibona abanolwazi lwezinto eziningi futhi abahamba nemihlangano umphakathi uzwa ngabo. UNkk uGetrude Hlongwane othe uneminyaka engaphezulu kwama-65 ehlala kule ndawo uthe bahlala njalo belindele ukuthi umhlangano womphakathi uzophuma nasiphi isisombululo baphoxeke uma sebetshelwa ngalelo langa ukuthi usubhuntshile ngezizathu ezingabambeki. Leli phephandaba lizibonele udedangendlale womhlaba osubiyiwe okwabe kuyindawo yomphakathi wasuswa kuyo njengoba nemali okumele unxeshezelwe ngayo isinyamalala esithubeni. UChiliza uthe nabo besekomidini elimele umphakathi basalindele imiphumela yophenyo ngoba udaba selusezandleni zophiko oluphenya amacala abucayi iSpecial Investigative Unit eThekwini.Uthe bagcine ukuxhumana nabakwaShukela ngesikhathi benomhlangano abathola kuwo ukuthi imali ikhishiwe. Kuthintwa uNks uSlindile Gumede obexhumanisa inkampani nomphakathi kulolu daba utshele leli phephandaba ukuthi uyalwazi kodwa akavunyelwe ukukhuluma ngalo ngoba akayena umxhumanisi wenkampani.
“Kuyomele uthinte ikomkhulu le nkampani ucele ukukhuluma nabasophikweni lwezomthetho,” kucacisa uNks uGumede. Imizamo yeBAYEDE yokuxhumana nehhovisi elikhulu ayiphumelelanga njengoba inombolo yocingo elinikwe yona belukhala lungabanjwa.
Abanye bomphakathi bathi kumele kuphenywe nabehhovisi lezokubuyiswa komhlaba eMgungundlovu okungenzeka ukuthi banolwazi ngalolu daba ngoba babeyingxenye yesicelo nokukhokhelwa kwabo. Nemizamo yokuxhumana no- Advocate uBheki Mbili ngalolu daba izolo ayiphumelelanga.