UZulu uyokhuza umhlola koMkhulu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
AMakhosi ezizwe ayokhuza umhlola koMkhulu Ondini ngoMsombuluko kanti abanye baphakamisa elembizo
Iyaqhubeka ukucija imikhonto odabeni oluthinta isiphakamiso sokuba uZulu wemukwe umhlaba. Lesi siphakamiso esashaqisa abaningi senziwa yithimba ebeliholwa nguMnu uKgalema Motlanthe elaziwa ngeHigh Level Panel. Embikweni waleli thimba ongamakhasi angama-601 nobizwa ngeReport of the High Level Panel on the assessment of key Legislation and the Acceleration of Fundamental Change, uphakamisa ukuthi kuqedwe uMthetho Ingonyama Trust we-1994. Lo Mthetho owaba ngowokugcina owashaywa nguHulumeni wakwaZulu unika uBukhosi (ngaphansi kweSILO) amandla okwengamela umhlaba woBukhosi KwaZulu-Natal. Lo mhlaba wabe uhlanganisa izindawo zakobantu; lezo ezisemakhaya ezibhekwe ngaMakhosi ezizwe kanye nalezo ezisemalokishini. Namuhla ingxenye enkulu yalo mhlaba isezindaweni ezihlonzwe ngokuthi ngezisemakhaya nezenganyelwe ngaMakhosi ezizwe.
ElaboHlanga kwaba ngelokuqala ukubika kabanzi ngalo muga nokwalandelwa wukuphawula cishe kwazo zonke izinhlaka ezweni kusuka emalungwini omphakathi, amaqembu epolitiki, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni naMakhosi. Ngomhla zingama-24 kuya zingama-25 kuMasingana nonyaka uhlaka Ingonyama Trust lubambisene neNdlu yaMakhosi KwaZulu-Natal babiza umhlangano ophuthumayo ngenhloso yokudingida kabanzi ngalolu daba. Lo mhlangano owawuseThekwini waphuma nesinqumo phakathi kokunye esithi aMakhosi avumelana neSILO ekuchitheni lesi siphakamiso nesahunyushwa njengokukhomba iSihlalo ngomunwe (ukudelela ISILO nesimiso soBukhosi).
ElaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi kulandelwa inqubo yesimiso soBukhosi bukaZulu, aMakhosi ezizwe nayizinsika zeSihlalo ngoMsombuluku ozayo azobe eye koMkhulu Ondini nayilapho eyobabaza khona ngomhlola ophakanyiswayo. Okwenziwa ngaMakhosi namuhla kucishe kufane nalokho okwenziwa ngokhokho bawo eminyakeni eli-134 eyedlule ngesikhathi abafo bamaNgisi behlela ukuhlasela ngenhloso yokwemuka uZulu umhlaba. Lokho kwaphetha ngokuthi uZulu uphoqeleke ukuba uyovikela iSihlalo empini namuhla eyaziwa ngokuthi ngeyaseSandlwana, lapho umkhumbi wempi kaZulu waguqisa abahlaseli bamaNgisi ngonyaka we-1879 zingama-22 kuMasingana.
USihlalo weNdlu Yobuholi Bomdabu KwaZulu-Natal iNkosi yezisizwe saseMadungeni uPhathisizwe Chiliza ukuqinisekisile ukuhambela kwaMakhosi Ondini.
“AMakhosi onke esifundazweni KwaZulu-Natal azoya ukuyokotha Omdala Ondini. Inhloso ngqangi yalokhu ukuyobabaza ngalo muga siphinde sibikele nOmdala ngeziphakamiso zethu ekuthini lusingathwe kanjani lolu daba. Omdala nguye okulindeleke ukuba emuva kokulalela asinike okumele kwenziwe,” kuphawula uMdunge.
Khona lapho uSihlalo weBhodi Ingonyama Trust, uMehluleli uJerome Ngwenya wazise elaboHlanga ukuthi bamile ekutheni imizamo yokuqeda Ingonyama Trust ayikho emthethweni ngoba kwephucwa abantu umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Uqhube wathi nabo bazobe beyingxenye yohambo lokuya koMkhulu ngoba ukusebenza kwabo ngeke ukwehlukanise naMakhosi nomhlaba. “Uma kudingeka ukuthi siye eNkantolo yoMthethosisekelo ngalolu daba sizophoqeleka ukuba siye,” kusho uMehluleli.
Inkulumo yoNgangezwe Lakhe ngalolu daba ithinte abaningi njengoba ekuchazeni ubumqoka bomhlaba kuZulu wafanisa abathi uZulu kemukwe umhlaba njengabantu ababula isizwe noBukhosi. “Empeleni umhlaba ungumphefumulo womzimba owuBukhosi. Angeke nangelilodwa ilanga sivume ukuba sibulawe ngokuthi kuthathwe umphefumulo wethu,” kububula iMbube.
Imbizo yesizwe
NgoMsombuluko kulindeleke ukuthi kudingidwe ngezindlela okuzobikelwa ngazo isizwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi kasisali ngemuva. Emhlanganweni waMakhosi obungenyanga eyedlule isidingo sokwazisa imiphakathi eyakhele izindawo ezingaphansi kwe-Ingonyama Trust kanye noZulu jikelele kwathiwa kumele sikhulekelwe kOmdala. Yize kungakaqinisekiswa kukhona ukukhuluma okuthi kumele kube nembizo yesizwe sonke.
ElaboHlanga lithole ukuphawula okuningi kwabafundi ngalolu daba nayilapho iningi labantu liphikise lesi siphakamiso. Babodwa abathi leli yiqhinga lokuhweba ngomhlaba kaZulu wona ungatholi lutho. Abanye bathi yiqhinga lamabhange amakhulu lokungena ezindaweni zakobantu ukuze akwazi ukuphoqa ukuba kubanjiswe ngomhlaba kuthi lapho umuntu engasakhokhi bese udliwa umhlaba. ElaboHlanga likhulume nezinye zezinduna nezicele ukuba amagama angadalulwa ngenxa yokuhlonipha ISILO nezinhlaka zoBukhosi. Igama ebezivumelana ngalo lezi zinduna wukhululelangoqo womhlangano (imbizo) yesizwe nezithe sezimi ngomumo.
“Thina sesilinde izwi elivela kOmdala ukuthi asiphake ngoba lokhu kokuthi kuthiwa akwemukwe ISILO umhlaba kuyinhlamba, kufelwa amathe amathambo okhokho bethu,” kusho enye yezinduna. Enye iphawule yathi ngalolu daba: “Uyabona lolu aludingi osopolitiki ludinga ISILO nesizwe. Phela uma uthathwa umhlaba ngeke uthathwe kwabeqembu elithile lezepolitiki kepha uzothathwa kithi sonke. ISILO noNdunakulu kaZulu abasibize, socela ngisho ikhefu emsebenzini phela kusizani ukusebenza lapha eThekwini ungenamhlaba obuyela kuwo. Awu asife kanye bakithi ngeke sidlale abanye abafana,” kukhala induna.
Lutho uMotlanthe
ElaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi uMotlanthe kasatholakali ukuphawula ngalolu daba njengoba aMakhosi ayephakamise ukuthi kamenywe ukuze achaze ngalomuga. Encwadini ethunyelwe Ingonyama Trust iPhalamede lithe uMotlanthe kasatholakali ngoba umsebenzi wakhe nethimba lakhe sebawenza, banika umqulu iPhalamende nelingumnikazi wombiko. Kuyo le ncwadi iPhalamende lithe likhathazekile ngokuba nolaka kwaMakhosi aKwaZulu-Natal ngalolu daba ngoba lusazoba sezithebeni zePhalamende.
Khona lapho singakuqinisekisa ukuthi sekukhona lolu daba abafuna ukulifaka ipolitiki yamaqembu ngenhloso yokudunga umoya wobunye ngalo. ElaboHlanga linobufakazi bokuxhumana kwabathile abangabaholi nayilapho bezwakalisa ukuthi lolu daba “yipolitiki nje yokulwisana neqembu elibusayo”. Laba baphakamisa ukuthi kumele kubhekwe ngisho iphephandaba laboHlanga okuyilo “elibelesela ngalolu daba”.
Emhlanganweni wangoMsombuluko yize kuyoba khona isikhathi lapho abezindaba beyonikwa ithuba lokubuza imibuzo, elaboHlanga lithole ukuthi umhlangano lo uyoba yigunundu kwazise kuyobe kudingidwa izindaba ezijulile. “Ngenhlonipho siyocela ukuthi abezindaba nabanye bakwemukele ukuthi okwamanje lomhlangano ngeke uvulelwe umphakathi wonke. Abezindaba bayonikwa ithutshana lokwenza umsebenzi wabo kepha ingxenye enkulu kuyobe kuligunundu phakathi kweSILO naMakhosi,” kugcizelela uMehluleli uNgwenya.