Now Reading
Ubonga ukubambisana bezuza imiklomelo uBongiwe
Dark Light

Ubonga ukubambisana bezuza imiklomelo uBongiwe

Umemeza ephezu kwentaba ngenxa yenjabulo uBongiwe Msomi ongukaputeni weqembu lesizwe leNetball iSpar Proteas.

Inhlangano eyangamele iNetball kuleli iNetball South Africa neqembu iSpar Proteas banqobe izindondo ezimqoka kumaSouth Africa Awards abebanjelwe ePlayhouse, eThekwini ngeSonto eledlule.

INetball SA inqobe i-Award yeFederation of the Year, ikade incintisana neGymanistics SA neRoller Sport SA. ISpar Proteas yona inqobe eyeTeam of the Year ikade iqhathwe ne-50 km Athletics kanye neSheep Shearing Team.

“Ngijabulele ukuthi ukusebenza kwami kanye nozakwethu kulethe imivuzo emihle. Noma kuthiwa asinqobanga bengingeke ngikhale kakhulu, ebengikujabulela ukuqokwa nje kuphela. Ngibonga kubona bonke abahlale besiseka. Ukunqoba lezi zindondo kusho lukhulu kithina,” kusho uBongiwe.

ISpar Proteas idlale iNdebe YoMhlaba ebise-England eLiverpool maphakathi nonyaka yagcina ilale endaweni yesine. NgoMfumfu nonyaka inqobe umqhudelwano i-Africa Netball Cup. Kulo mqhudelwano bekukhona iMalawi, iLesotho, iZambia, i-Uganda, iZimbabwe, iTanzania, iKenya neNingizimu Afrika.

INingizimu Afrika izovala unyaka ngokubhekana ne-England emidlalweni yeTest, kusukela zingama-29 kuLwezi kuze kube lulunye kuZibandlela.

See Also

“Njengoba konke kusihambela kahle sifuna ukuthi unyaka siwuvale ngegiya eliphezulu. Sifuna nakanjani ukuthi siyiguqise i-England. Ukuhola leli qembu kuyisibusiso esikhulu kimina kwazise isifi so sami sakudala,” kubeka uBongiwe.

Ngaphandle kokudlalela iSpar Proteas uphinde abe ngumqeqeshi e-University of Johanesburg (UJ), phezu kwalokho uphinde abe nephrojekthi ayibiza ngokuthi iBM Project lapho efundisa intsha.

UBongiwe wenza ezibukwayo kumaKZN Sports Awards enqoba indondo yeSports Woman of the Year neyeSport Personality of the Year nalapho ayeqhathwe khona no-Erin Gallagher, uSimone Mare, u-Alani Ferreira, uPaula van Zyl no-Aaron Alios Putz (abangababhukudi), uCharles Philips weGymnastics, uDavid Miller wekhilikithi, uHank McGragor noBridgette Hartley abangabagwedli, uBongumusa Mthembu noLindokuhle Mnyandu abangabasubathi.

Scroll To Top