Osomkhalambazo bahlasela umhlaba kodwa kuleli abanakiwe


Kuzona zonke izinhlobo ezikhona zezemidlalo eNingizimu Afrika, umkhalambazo ungeminye yenganakiwe nakuba uneqhaza elikhulu ekugqugquzeleni ukuziqoqa nenhlonipho. Lo mdlalo uphinde ulekelele ukuthi abantu bazivikele uma behlaselwa ngaphandle kokusebenzisa izikhali.
Ngeminyaka edlule umkhalambazo ububanga nobhuthsuzwayo njengomdlalo oyintandokazi futhi olandelwayo ngaboHlanga nangezinye izinhlanga. Amahholo omphakathi nezikole bekuphenduka amadojo ngoba zingekho izindawo ezihlelelwe lo mdlalo njengeminye ejwayelekile.
Intsha ibikhandelana kulezi zindawo ingagcini nje ngokufundiswa lo mdlalo, kodwa enye into ebiphambili ukufakwa kwemfundiso yokuziphatha nenhlonipho. Abanye abantu abaziwayo kumkhalambazo ngeminyaka edlule kwakunguSensei uMmeli Mkhwanazi, uSensei uRaymond Mkhize, uSensei uBonga Ntanzi owaziwa kakhulu komasipala, uShihan Sabelo kuze kuyoshaya kuSensei Conrad ‘dompass’ Magwaza. Kubina bonke ongqongqoshe bezemidlalo abaqokwayo kusukela ngowe-1994, akekho ozwakala ekhuluma ngalo mdlalo nokuthi ungalekelelwa kanjani ukuze ube sezingeni leminye. Noma abadlali bawo behamba njalo ukuyomela izwe emazweni omhlaba, kodwa kuncane okuzwakalayo futhi akukho ngisho nezinhlelo zokubalekelela. Kujwayelekile ukuthi uma ithimba lomkhalambazo lizohambela amazwe, lishaye indishi ngeminikelo emphakathini kokunye kugcine lolo hambo lungaphumelelanga. Kulokhu iqembu lakuleli lomkhalambazo lihambele umncintiswano obizwa nge-12 World Open Karate ozoqala namuhla usongwe ngeSonto eMusashinomori Sport Plaza, eTokyo, eJapan.
Lo mqhudelwano ngobukhulu ulandela oweNdebe YoMhlaba. INinginzimu Afrika nyakenye koweWorld Karate Championship yabuya nendondo eyodwa yegolide eMadrid, eSpain.
Ngaphambi kokuthi iqembu lihambe elaboHlanga likhulume noShihan uBongani “Chuck 50” Gumede oyinhloko yabaqeqeshi KwaZulu-Natal.
UGumede utshele elaboHlanga ukuthi ngaphambi kokuya eJapan babe nomqhudelwano owawubanjelwe eMppon Kyokushin Kai Dojo, ngaphansi kweMpangeni Fitness Club.
“Inhloso yalo mqhudelwano kwakuwukwenza isiqiniseko sokuthi iqembu lakuleli liyamelana namazwe ahamba phambili kulo mdlalo afana neJapan, iRussia, i-Ukraine kanye neBulgaria. Konke kwahamba kahle njengoba bafika bonke abantu esasibalindele ababephuma eWestern Cape, ise-Eastern Cape naseGauteng.” Kusho uGumede.
Umkhalambazo umdlalo omuhle ofundisa ukuzithoba, wakhe isimilo nenhlonipho kumuntu ngamunye. Uma ungumdlali wawo miningi imigomo nezifungo ozithathayo, ezinye zazo ukuthi uphuzo oludakayo awuliphuzi nangengozi.
UGumede uthe yize ejabule ukuthi baya eJapan kodwa uyakhala ngokuthi indlela lo mdlalo onganakiwe ngayo ayiyinhle.
“Nsuku zaphuma kuhlale kunemibuzo ngokuthi ngabe lo mdlalo kwenzakalani ngawo ngokungathandwa. Baningi abantu okanye izinhlangano okufuze engabe zinake umkhalambazo kodwa lutho, ngisho abezindaba abashicileli lutho ngawo. Uma ezinye izigaba zemidlalo ziyomela iNingizimu Afrika zifiselwa okuhle mihla namalanga, kodwa kuthina kuthule ngathi siyozimela thina.” kusho uGumede
Ngokusho kukaGumede umkhalambazo ungadlalwa ingane eneminyaka emihlanu kuya kumuntu oneminyaka engama-90.
Umkhalambazo uhlukene kabili, khona isemi-contact nefull contact, kodwa konke kuwumkhalambazo okwenza kuhluke imithetho yakhona uma sekudlalwa.
Esonga uGumede uthe “Ngithanda ukubonga kakhulu uMnyango Wezemidlalo kuzwelonke ngokusivumela ukuthi sihambe sihlobe ngemibala yakuleli. Ngibonga kakhulu nakuMengameli womkhalambazo kuleli uHanshi Sonny Pillay ngokusizwela uma sikhala. Ngibonga ngiyanconcoza nakuMphathiswa woMnyango Wezemidlalo kulesi sifundazwe uHlengiwe Mavimbela kanjalo nakuMengameli weKwaZulu-Natal Sport Confederation uThami Mchunu, ekutheni bazame ukusilekelela kokunye esikhala ngakho.” kubeka uGumede.