Isinwe sokwakha isithombemqondo sikaNyembezi singelibaleke


Kasingabazi ukuthi emisebenzini eminingi ekhiqizwe ngabantu abafunda bahlolwa ngezincwadi zikaNkwali (isithakazelo), bafundiswa nguye, iyoba khona inswebu yakhe. Iyoba khona futhi kwabakhuluma naye ngezokubhala, bacela izeluleko kuye, eminye imisebenzi yabo yahlelenjwa nguye.
Kuyokuba khona ukwesuleleka okuthile ekubhaleni kwabo nasekubukeni umhlaba bawutolike ngokuncikene nendlela noNyembezi ayewutolika ngawo. Nokho leli venge silishiyela abazohlaziya badephe emibhalweni yakhe. Thina lapha sibhala ngempilo yakhe nalokho okuphathelene naye sesikubona kuqubuka kwabanye.
USolwazi uDBZ Ntuli Ungufakazi Ngeke ngiyiqede indaba kaMphemba (isithakazelo). Uthi babefunda enye yezincwadi zikaNkwali ekilasini eMariannhill. Kwafi ka lapho umlobi echaza khona isihluku esasenziwa ngomunye umlingiswa.
Uthi lesi sigameko sachazwa saba sobala ngamagama akhethwe ngobuchwepheshe ngendlela eyathi nto emoyeni wakhe. Kanti vele kwakuyisigameko lapho abalingiswa balimazana khona ngendlela ehlasimulisa umzimba.
Uthi uMphemba: “Mhla ngibona uSolwazi Nyembezi ngajabula kakhulu, kodwa kwedlulela lapho sengixhawula ngempela sengithinta lesi sandla esabhala lowaya mbhalo engangingawukhohlwa. Khona lapho kwaphethuka umuzwa wokuthi nami ngithanda ukuba nekhono lokubhala ngendlela eyayingihlabe umxhwele, ayebhale ngayo uSolwazi Nyembezi.”
Baningi ababhale ngoNkwali njengoba sishilo esiqeshini esandulela lesi. Kuthe ukuba babhale ngaye, bamhashe abamhashayo, bambonge emakhasini okuqala alokho abakubhalile, uMphemba yena wethula umbhalo kuNkwali.
Ukucofi ya Ulimi Kwazala INkinsela
USolwazi Nyembezi wathumela ibhuku eseFort Hare linesihloko esithi: “Isikwaya SaseMgungundlovu.” Leli gama lahunyushwa ngabakhulumi besiZulu belisusela kwelithi Esquire.
Isikwaya yigama elichaza impunyela. Kungaba ngefundisiwe noma enemali noma edume ngokuthile okungavamisile. Yebo laliyifanele leya ncwadi ngoba uNdebenkulu wayeyisikwaya esizishoyo.
Kodwa-ke kwahlanganiswa amakhanda kwathi nalapho injobo ithungelwa ebandla, ekomidini lezilimi zabomdabu, kwathiwa lingumfakela. Kuqala kwakubhekisiswa ukuthi ungalisebenzisi igama elingumfakela libe likhona elesiZulu.
Ngakho kwathiwa likhona elithi inkinsela. Nempela igama lencwadi-ke kwase kuba yiNkinsela YaseMgungundlovu. Wona amanye amagama esiZulu ahambe ahambe abe nohlalwana ngenxa yomlando wawo.
Isibonelo: USolwazi uMaphalala usavela nokuthi kakuyekwe ukubiza iPietermaritziburg ngokuthi nguMgungundlovu. Uthi munye uMgungundlovu; yilowaya waseMakhosini, wesigodlo sikaVezi uNonyanda. (Kukhona inkulumo ethi amaBhunu ayesegubha ukushisa kwawo isigodlo seSilo uDingane esasibizwa ngokuthi kuseMgungundlovu, athi asakha owawo uMgungundlovu. OwaseMakhosini kuthiwa unduku zibomvu. OwasePietermaritzburg kuthiwa ngowakwandonga zibomvu.
Ukwelanywa KweNkinsela
Uzulu uyathanda ukubiza umuntu ngento ayenzayo, ayithandayo, ayikhonzile, afana noma afaniswa nayo. Umbhali wencwadi ethi Injula wagcina esebizwa ngeNjula.
Undabuzekwayo uMnu uKE Masinga wagcina esebizwa ngokuthi nguGibel’ igagasi. UMnu u-Erick Ngcobo wagcina esebizwa ngokuthi uSigidi.
UMphemba ubizwa ngokuthi uDBZ (isishicilelo emabhukwini akhe) noma Amalivilivi igama lezindaba ezimfushane azididiyela. Namuhla usebhale izindaba ezimfushane washicilela ibhuku elithi iNkinsela.
Mhlawumbe usagcwalisa khona ukuthi uSolwazi Nyembezi uteketiswa ngalo leli elithi iNkinsela ngoba wabhala Inkinsela YaseMgungundlovu.