Udlame ngokobulili luyishwa nechilo esizweni



INgonyama kaZulu esesihlalweni ingowolibo lweLembe.
INkinga yodlame ngokobulili ilokhu ihlaziywa yizifundiswa ezahlukene nabanye abaphawulayo. Lapho kusukelwa khona akufani, kukhona okusukela embangeleni kuye emtheleleni nalokho okwamazwekazi. Okubalulekile wukuthi inkinga yodlame ngokobulili iyinkinga yamazwe onke ehlala ikhathaza abaholi bamazwe. Isibonelo, kumanje, amaNgisi aphikisana ngesihlonipho esinikwa abesilisa ngabeseBukhosini okumanje kunogcobho mayelana nodlame ngokobulili.
UMbiko WoMkhandlu Oluleka Ngokulingana iGender Equality Advisory Council (GEAC) iqaphele ukuthi kunamantombazane nabesimame abangaphezu kwezigidigidi ezi-2.5 emhlabeni wonke abaqhubulushwa imithetho ebandlululayo kanye nokungabi bikho kokuvikeleka ngokusemthethweni nokuhlukumezeka ngezindlela eziningi okuqhubekayo ngezizathu ezahlukene.
Ngalokho, sisenesikhala esiningi sezingxoxo ngodlame ngokobulili. Ngesikhathi izingxoxo kufanele zigxiliswe ebufakazini bocwaningo obubambekayo, kufanele futhi zibhekisise ekutholeni izixazululo kule nkinga.
Olunye udaba olusemqoka mayelana nodlame ngokobulili olumayelana nokuchazwa kwalo. Okwamanje, luchazwa ngezindlela eziningi ngabacwaningi nezinhlangano ezehlukene. Ngokujwayelekile kuyigama elisho udlame olwenzeka ngenxa yeqhaza elijwayelekile elilindelekile kubo bobubili ubulili kanye nokungalingani kobudlelwano bamandla emphakathini thizeni.
Ukuchazwa okujwayelekile yilokho kwe-United Nations okuthi, “…noma yisiphi isenzeko esinomphumela ngokomzimba noma esingenza kube nomphumela ngokomzimba kulimaze owesifazane ngokocansi noma ngokwengqondo, kubandakanya nokusabisa ngaleso senzeko njengokuphoqa noma ukunqinda inkululeko empilweni phakathi kwabanye abantu noma ngasese …”
Nokho udlame ngokobulili luchazwa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane oluthintibeza amandla owesifazane ukuba athokozele amalungelo anqala esintu nenkululeko eqoshwe emithethwenisisekelo yamazwe ehlukene. Kuyisithiyo esisemqoka ekuzuzeni ukulingana, ukuthuthuka nokuthula. Kuthatha izimo ezehlukile njengodlame lwasekhaya, ukuhlukumezeka ngokomzimba, ukuhlukumezeka ngokomoya, ukuhlukumezeka ngokomnotho, ukuhlukumezeka ngokocansi nokubulawa kwabesifazane ngokobulili.
INingizimu Afrika nayo imdibi munye nalolu khondolo oluhlahlwe ngenhla. Ubufakazi bocwaningo buveza leli lizwe linenkinga enkulu ngodlame ngokobulili. Isibonelo, kubikwe ukuthi ngoNcwaba wezi-2019, cishe abantu abangama-30 babulewe ezweni ngenxa yodlame ngokobulili. Lokhu kwenze uMengameli wathi udlame ngokobulili buyinhlekelele yesizwe. NgokweStatistics South Africa, ukubulawa kwabesifazane eNingizimu Afrika kuphakeme ngokuphindwe kahlanu kunokuvamile emhlabeni jikelele. Lokhu kusho ukuthi eNingizimu Afrika, abesimame basengcupheni yokubulawa ngokuphindwe kahlanu ngenxa yodlame ngokobulili okwenziwa ngabesilisa. Ubufakazi bubuye bukhombise ukuthi izwe linezinga eliphezulu lokudlwengula emhlabeni.
Imininingwane ngokwezibalo ikhombisa ukuthi abantu abangama-41% abadlwenguliwe ezweni yizingane, futhi bangama-4% kuphela abashushusiwe ngalokhu. Kuthi kunjalo ngalesi simo ngowezi-2012, iNingizimu Afrika yayibalwa ibe ngeyesine emhlabeni, ibe ngokuqala e-Afrika esithuthukile ngokulingana ngokobulili nangamalungelo abesifazane. Okunye, iNingizimu Afrika yaba ngeyesibili e-Afrika ilandela iRwanda mayelana ngokumeleleka kwabesifazane ePhalamende.
Lolu lwazi olungenhla ngodlame ngokobulili eNingizimu Afrika, kanye nezimpikiswano ezixhantelayo lukhombisa isidingo esiphuthumayo zokukhulumisana noma nezingxoxo kuzwelonke ngalolu daba. Yilokhu okuvukuze ukuba kuqale kuxoxiswane ngenhloso yokuthola ukuqonda kangcono ngokulokhu kuqhubeka udlame ngokobulili kuleli lizwe. Lemukelwa ngokuphelele iqiniso lokuthi izifundiswa nabaphawulayo bazamile ukuchaza ukuthi isimo ngokuba bethule amathiyori achazayo. Lawa ngamathiyori angagxilile kuphela eNingizimu Afrika, kodwa azame ukuchaza ngesimo kuyo yonke i-Afrika besebenzisa indlelakwenza yomnotho wezepolitiki. Kwethenjwa ukuthi le ngxoxo izodudula yonke imigoqo ngobukhulu ubuhlakani.
Khona lapho ngiyafisa ukukhuluma ngalomkhokha osuwenzeka lapho abazali besifazane sebetholakala sekuyibo ababulala izinsana. Isikhalo sami lapha wukuthi uma isiwe ngakubo omama isuke ingeke isavuka ngoba phela yibo abaokugcina ekuqoqeni lapho sekusakazekile futhi uzwelo olukhulu lwafaka ngakubo ngenhloso. Komama nakubantu besifazane jikelele sithi thathani indawo yenu, yibani yimbeleko yesizwe, yibani ngabavikeli bezinsana nabafundisi bentsha okuyisizwe sakusasa.
NjengoBukhosi siyazeseka zonke izithangami ezihlose ukuthola isixazululo ngokweqiniso, kepha kasihambisani nalabo abafuna ukwenza lesi simo ngenhloso yokuthola udumo nokuzuza uxhaso. Ngigqugquzela ukuthi zonke izinhlaka zoBukhosi zibe yingxenye yesixazululo kulokhu. Uma ngithi uBukhosi abube yingxenye yesixazululo ngisho ukuthi akufike etafuleni kubeke izinto ezizoyisa inkulumosixazululo phambili. Lesi akusona isikhathi sokusolana. Ingene impi ngakho sonke asiyidudule kungakhathalekile ukuthi besizwana noma qha izolo. Isitha sethu manje yizishimane lezi namathimboxo lawa adlwengula izingane zethu. Lokhu kwenzeni ukuze nivezele izwe ukuthi uZulu akahambisani nechilo. Kwenzeni njengengxenye yokuhlonipha iLembe lona elakha umthetho, lakha isizwe lakha nenhlonipho.