Umnotho wamazwe: INingizimu Afrika neNigeria



UMnu uXaba ungumsunguli we-Adamopix. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil…
Ukuvakasha kukaMengameli waseNigeria kuleli uMnu uBuhari ngeviki eledlule sekulethe imizwa eyehlukene kubantu baseNingizimu Afrika. Lokhu kuza emveni kwezehlo zamaviki edlule lapho kubonakale isiphithiphithi phakathi kwabaseNingizimu Afrika nabokufi ka kuleli okubandakanya nabaseNigeria.
Yize lesi simo sigcine sesibonakala njengesobudlova ngenxa yokungenelela kwalabo abagcine sebentshontsha izimpahla zabokufi ka, uma sibhekisiswa kahle, kuyabonakala ukuthi besidalwa izimo abantu baseNingizimu Afrika abazithola bephansi kwaso. Lokhu kubandakanya ikakhulukazi idlanzana labokufi ka elivela eNigeria abahlala kuleli.
Kwabakhala ngakho abaseNingizimu Afrika, futhi okufakazelwa nayimibiko eminingi esike yaphuma ezizindeni zezezindaba ezinjengamathelevishini, amaphephandaba nezinkantolo ikhomba ukuthi laba baseNigeria bathengisa izidakamiswa udede, baphinde futhi bazibandakanye nokuhweba ngabantu besifazane ukuze babe yizigqila zoncansi.
Ngeshwa, miningi imibiko eqinisekisa ukuthi abaningi abenza lokhu bangabokudabuka eNigeria. Umhlaba wonke ubonakala ubakhafula laba bafo base-Afrika, njengalokhu noMengameli wakufakazela lokhu, lapho egcine esexwayisa ukuthi abangadicileli phansi isithunzi sezwe labo.
Namuhla, ngithe ake sibuke ngeso elehlukile kunalolu dungunyane, sibheke ubumqoka bala mazwe amabili e-Afrika, iNigeria neNingizimu Afrika. La mazwe aziwa njengamakhulukazi ngokomnotho e-Afrika jikelele. INingizimu Afrika phambilini beyigenqeza yodwana ngobukhulu bomnotho wayo, kwasekuthi kamuva nje yedlulwa iNigeria. Ngokwezibalo zemikhiqizo yezwe iGross Domestic Product (GDP), iNigeria isimi cishe ezidigidigini ezingama-$440 uma kuqhathaniswa naleli elimi cishe ezigidigidini ezingama-$400.
Ngokwengcebo esingathi esobala, kanye nengqalasizinda esezingeni lomhlaba futhi ehamba phambili e-Afrika, iNingizimu Afrika isayedlula kude iNigeria. Lapha singabala ingqalasizinda efana namabhange, imigwaqo, eyezomthetho, eyezobuchwepheshe, imfundo nezikhungo zayo nokunye.
Yini eyenza uMengameli uRamaphosa axolise kangaka eNigeria? Emazweni alishumi nanhlanu abizwa nge- Economic Community of West African States (ECOWAS), iNingizimu Afrika izuza ngokomnotho cishe ngaphezu kwamaphesenti angama-50 ukwedlula onke amanye amazwe akuleli qoqo.
Esigabeni esisibiza ngokuthi isisekelo esilinganayo sezenkokhelo, uma uqhathanisa iNigeria naleli, iNigeria ezuza kakhulu kunaleli ngenxa kawoyela ewuthengisela leli. Ezibalweni zangowezi-2016, iNingizimu Afrika idayisele iNigeria isilinganiso cishe esiyizigidi ezingama-$438 okuphansi kunezigidigidi ezi-$2. Yingakho ngokweGDP, emalini cishe engaphezu kwamaphesenti angama-90 eliyenzayo iNigeria yencike kuwoyela, wona lo ebuye iwuthengisele iNingizimu Afrika.
Umnotho wanoma yiliphi izwe uhambisana nobuningi babantu abakulo namandla abanawo ekukwazini ukuthenga imikhiqizo esuke ikhiqizwa yilelo lizwe, kungabe ivela ngaphandle noma ikhiqizwa ngaphakathi. INigeria enabantu cishe abayizigidi ezingama-200 baphindwe cishe kane kunabaseNingizimu Afrika abayizigidi ezingama-59.
Yize iNigeria isephansi kakhulu ngokomnotho, kodwa iseqhulwini lamazwe azoba yizikhondlakhondla kuya phambili e-Afrika. Lisenenkinga enkulu ekutheni likwazi ukuzikhiqizela yonke into eliyidingayo, ekubeni iNingizimu Afrika yiyo eseqhulwini lokuthi ikwazi ukwenza imikhiziqo ezokwazi ukusiza iNigeria kusuka manje kuya phambili. Kumele sikuveze ukuthi leli lizwe livese lihweba kakhulu neNigeria ngokwemikhiqizo eyahlukahlukene.
Yize ngokwentengiselwano isahamba phambili iNigeria ngenxa kawoyela ewuthengisela leli, kepha leli yilo elihamba phambili ngemikhiqizo eminingi eyithengisa iphinde futhi ihwebe ngaphakathi eNigeria ngokwedlulele kunalokhu iNigeria ekuhweba neNingizimu Afrika. Ngokomnotho ombiwa phansi, kusekuningi kakhulu leli elingakuzuza ngokuqinisa amaxhama neNigeria. Phakathi kwalokhu, singabala amatshe obucwebe ngokwehlukana kwawo, ithusi, igolide, amalahle, nokunye. Okuningi kwalezi zimbiwa ezingaphezu kwamashumi amahlanu, akukathintwa, lokhu-ke okuveza ithuba elikhulukazi losozimboni baseNingizimu Afrika. Uma uhlakaniphile futhi ubuka ngeso elibuka kude, awukwazi ukulwa kumbe uxabane nabantu abasuke bebaningi njengabaseNigeria ube futhi ufuna ukwakha ubudlelwano obunqala nabo kwezamabhizinisi. Umthamo iNingizimu Afrika efuna ukuwukhiqiza ngesikhathi esizayo uzoya eNigeria naseqoqweni lamazwe i-ECOWAS. YiNigeria enomthelela omkhulu kuwo nokungathi uma leli lingasilungisi isimo, linyundeleke nakuwo la mazwe.
Phakathi kwezinto iNigeria esazithenga ngaphandle engakakwazi ukuzikhiqiza, iNingizimu Afrika efi sa nayo ukuhlomula kuzo nangokwesikalo sezibalo ngamaphesenti yilezi; ukudla okunhlobonhlobo ngama-17%, imishini emikhulukazi ngama-27%, ezokuthutha ngama-12%. Kokungama phesenti angama-93 kwalokhu, iNigeria ikuthola emazweni angaphasheya, bese kuthi amaphesenti ayisi-7 kuphela ewathola emazweni ase-Afrika. iNingizimu Afrika ifi sa ukuhlomula kakhulu ngezindlela eziningi kulokhu.
Nasezimbiweni njengoba sesiphawulile kulindeleke iNingizimu Afrika ibe nobuholi obukhulu kulokhu, kwazise isineminyaka ikwenza lokhu. Kukodwa nje lokhu kuzokwenza iNigeria idlondlobale kakhulu ngokuphindaphindiwe kwezomnotho.