Elakuleli lineqhaza ekuhlanganiseni i-Afrika


KOKUNYE obekwehlukile kunezinkulumongqangi zangaphambilini kulena yakamuva kaMengameli uCyril Ramaphosa yesimo sezwe ngoLwesihlanu olwedlule ukuthi ayizibekanga izinhlelo ezizohamba phambili nonyaka ebudlelwaneni phakathi kwezwe kanye namanye, ikakhulukazi awase-Afrika. Zimbili izizathu ezingabekwa ezenza kuhlale kulindelwe lukhulu mayelana nezwekazi enkulumweni eyethulwa nguMengameli waseNingizimu Afrika. Esokuqala, sekwaba isiko ukuthi loyo onguMengameli wezwe, uma ethula inkulumo evula iPhalamende abeke ukuthi yikuphi uHulumeni wakhe ozogxila kukhona okuphathelene nezwekazi i-Afrika. Lokho kungenxa yokungathandabuzeki ukuthi iNingizimu Afrika ibalwa namanye amazwe e-Afrika anegalelo elikhulu emizamweni yokubhekana nezingqinamba ezithize ikakhulukazi eziqondene nokwakha uxolo, kanye nezinhlelo ezimiselwe ukusimamisa izwekazi. Kukhulunywa nje, izimo ezikhona emazweni anjengeLesotho, iSouth Sudan, iDemocratic Republic of Congo (DRC), zingezinye lapho leli lizwe libambe iqhaza elikhulu. Esesibili, le nkulumo yethulwe emveni kokuba iqembu elibusayo liphothule ingqungquthela yalo yama-54 ebibanjwe ngoZibandlela nyakenye.
Kule ngqungquthela, ziningi izinqumo ezathathwa ngamalungu eziqondene nendima ayebona kumele idlalwe yiqembu elibusayo ezimweni ezikhona e-Afrika emazweni anjengeSwaziland, iCentral African Republic (CAR), iWestern Sahara, iDRC, kanye namanye. Phambilini, enkulumweni ayenza uMengameli uRamaphosa mhla zingama-13 kuMasingana, emgubhweni wosuku lokusungulwa kweqembu elibusayo, wayikhomba indlela ngezinye zezimo ezikhona ezwenikazi. Kungenzeka bakhona abangathi ngoba vele zathintwa kule nkulumo ayethula ngoMasingana, bese singekho isidingo sokuthi uMengameli azifake enkulumweni abeyenza njengalowo ophethe izwe. Kepha umbono onjena uyakhohlwa ngukuthi njengeqembu elibusayo, izinqumo zikaKhongolose, kuba yizo ezigcina seziba yinqubomgomo kaHululumeni.
Ngakho-ke ekukhombeni kwakhe indlela yonyaka kaHulumeni, uMengameli bekulindeleke ukuba ayindlalele eyokuthi kulezi zimo ezikhona yiziphi uHulumeni ozogxila kuzo, ikakhulukazi uma kukhona okusha okuvele engqungqutheleni okudinga ukuba uHulumeni akulandele. Noma kungabonakalanga obekulindelwe njengoba sesichazile, enkulumweni yakhe uMengameli Ramaphosa kubili kuphela eze nakho mayelana nobudlelwane namanye amazwe okufaka izwekazi i-Afrika, futhi okubonakale kusondelene kakhulu nengqikithi yenkulumo yakhe ebigxile kwezomnotho nentuthuko ezweni. Okokuqala, uqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika izobamba iqhaza elikhulu ezingxoxweni eziqhubekayo mayelana nokuhlanganisa ngakwezohwebo izifunda ezimbili ezwenikazi; okungesiseNingizimu, kanye nesiseMpumalanga. Lezi zingxoxo, ezaqala ngonyaka wezi-2008, ziholwa yizinhlangano ezimele lezi zifunda okuyiSouthern African Development Community (SADC); yi-East African Community (EAC), kanye neCommom Market for Eastern and Southern Africa (COMESA).
Lezi zifunda, njengoba inkulumo kaMengameli ikuvezile, zinezakhamuzi eziyizigidi ezingama-625, ezizinze emazweni angama-26 okwenza ukuthi ukuphothulwa kwalezi zingxoxo kuzovula ukuhwebelana okungenazihibe okuthenjwa ukuthi kuzoletha intuthuko emazweni ayingxenye yalezi zifunda. Indima yeNingizimu Afrika ibalulekile nonyaka ngoba yiyo ebambe isikhundla sokuba nguSihlalo weSADC, okwenza ukuthi leli lizwe kube yilo elizohola ozakwabo abayingxenye yale Nhlangano emizamweni yokuthi le njongo ifezeke. Inkulumo iphinde yagcizelela ukubaluleka kokusingatha iNgqungquthela yeBRICS ngoNtulikazi nonyaka, lapho uMengameli ebeke ukuthi okuzothokozisa iNingizimu Afrika ukuba leNhlangano yala mazwe amahlanu ikwazi ukusebenza ngokubambisana okuzokwenza ukuthi ezohwebo zihlomulise wonke amalungu ngokulingana. Kuthe noma sekufi ke isikhathi sokuba uMengameli aphendule emveni kwengxoxompikiswano, uyithe halamuzi eyobudlelwano namanye amazwe lapho eveze ukuthi iNingizimu Afrika izoqhubeka nokuzibandakanya nalabo abasathwele kanzima ngaphakathi ezwenikazi nabakwamanye amazwe omhlaba.
Ekusho lokhu, uthathe wagqamisa isimo esikhona kwa-Israel nasePalestine, lapho egcizelele ukuthi iNingizimu Afrika izoqhubeka nokweseka labo abalwela ukuqeda ingcindezelo yabangokudabuka ePalestine. Ijoka lokubeka umhlahlandlela ngezizohamba phambili kwezobudlelwano namanye amazwe, ikakhulukazi ezwenikazi i-Afrika, lithwalwe nguNgqongqoshe Wesayensi Nobuchwepheshe uNkk uNaledi Pandor ngenkathi sempikiswanongxoxo. Kube nguNkk uPandor, ophawule ukuthi izwekazi libaluleke kakhulu eNingizimu Afrika, ngakho-ke nonyaka uHulumeni uzoqhubeka nokubambisana namanye amazwe ukuze kwakheke ukuthula, nokudlondlobala kweminotho ezwenikazi. Kulokho, ukhumbuze iPhalamende ukuthi iNingizimu Afrika yiyo ehola SADC nonyaka, wagcizelela nokuthi amandla ezwekazi akubo bonke AboHlanga, ngakho-ke kumele kuqhutshekwe nokuqinisa ubudlelwane obakhayo phakathi kwezakhamuzi. Ngamanye amazwi, obengazange ayilandelisise yonke le ngxoxompikiswano, kodwa elalele kuphela inkulumo kaMengameli ubengeke azi ukuthi kukhona okuphawuliwe mayelana nendima iNingizimu Afrika esazoyidlala ezwenikazi i-Afrika.