Inzima indlela eya phambili kuMabhokobhoko



UMsweli uyintatheli yezemidlalo engxile kwikhilikithi nombhoxo.
Ingcindezi engafakwa abalandeli beJapan ingase yenze kube lukhuni satshe ukuthi iqembu aMabhokobhoko adlulele esigabeni esilandelayo emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba ebanjelwe khona eJapan.
NgeSonto aMabhokobhoko azotholana phezulu neJapan emdlalweni wamaquarter-fi nal enkundleni i-Ajinomoto Stadium emumatha abalandeli abayizi-49 970. Kulindeleke ukuthi uqale ngele-12:15 emini.
Okuzoshubisa lo mdlalo wukuthi iJapan ayikahlulwa nhlobo kulo mqhudelwano futhi izofuna ukuziphindiselela kwezikaRassie Erasmus njengoba zayidla emdlalweni wobungani ngaphamba kokuqala kwalo mqhudelwano.
Kulowo mdlalo aMabhokobhoko anqoba ngamaphuzu angama-41 kwayisi-7. La mazwe atholana nje kuzobe kungekhona okokuqala ebhekana kulo mqhudelwano emlandweni, kwenzeka ngowezi-2015 emdlalweni wamaqoqo nalapho iJapan yanqoba ngamaphuzu angama-34 kwangama-32.
IJapan iya kulo mdlalo inokuzethemba njengoba emhlabeni ikleliswe endaweni yesikhombisa okokuqala selokhu yasungulwa. Emdlalweni wangeSonto aMabhokobhoko angase athwaliswe nzima nangabalandeli. Ukunqoba kweJapan imidlalo emine yamaqoqo kube ngenye yezinto eziyenze yaba endaweni ekahle. Eqoqweni ibineScotland, i-Ireland, iSamoa neRussia.
AMabhokobhoko abeseqoqweni u-B alale endaweni yesibili lapho enqobe khona imidlalo emine ahlulwa kowodwa yiNew Zealand okuyiyo eqede iqhwakele.
Ezika-Erasmus ngokomlando sezikhishwe kabili esigabeni samaquarter-fi nal. Ngowezi-2003 zakhishwa iNew Zealand ngamaphuzu angama-29 kwayisi-9, ngowezi-2011 awashiswa ijezi yi-Australia ngamaphuzu ali-11 kwayisi-9.
IJapan iqophe umlando ifi ka okokuqala esigabeni samaquarter-fi nal, njengoba isekhaya nje izofuna ukulwela ukufa nokuphila. U-Erasmus ephawula ngalo mdlalo uthe: “IJapan ayilona izwe elinomlando uma kuziwa emdlaweni wombhoxo, kodwa muva nje ikhombise okukhulu ukuvuthwa njengoba isidlulele esigabeni samaquarter-fi nal. Okunye ukuthi isikleliswe endaweni yesi-7 emhlabeni. Ngalokho kuchaza ukuthi lo mdlalo uzoba nzima kakhulu, okokuqala nje sizoqale sinikezwe ubunzima ngabalandeli abazobe begcwele inkundla. Emidlalweni yethu bakhombise ukusiseka njengoba bebegqoka ijezi lalapha eNingizimu Afrika, kodwa kulo mdlalo kuzoba ngokuhlukile.”
Uma aMabhokobhoko enganqoba kulo mdlalo azotholana nozonqoba phakathi kweWales neFrance.
Abadlali okuyibo abazobe bebhekwe ukuthi basize ezika-Erasmus u-Elton Janjties kusukela iqalile iNdebe YoMhlaba usevalele amaphuzu angama-28, uHandre Pollard ovalele amaphuzu angama-22 kanti ubesanda kuzifaka emlandweni wokushaya amaphuzu angama-400 kusukela aqala ukumela elakuleli, kube uMakazole Mapimpi onamaphuzu ali-15.
Usekelamqeqeshi uMzwandile Stick uthe yize kuzoba nzima kodwa ezakhe uyazethemba.
“Indlela abadlale ngayo emidlalweni edlule siyibonile. Bafuna ukuphatha umdlalo zisuka kuze kube imizuzu engama-50, iqhinga lokuvimba lokhu kungenzeki sinalo. Njengoba ngisebenza nabadlali abahlaselayo nje, ngisebenze kakhulu nabo ekutheni baxina abadlali basemuva beJapan. Ukuhlula kwabo iScotland kusithuse kakhulu kwenza sasebenza kakhulu,” kusho uStick.
INingizimu Afrika akuyona kuphela ebhekene nomqansa, yomine imidlalo yama quarter-fi nal izoshuba kwazise wonke amaqembu akulesi sigaba akleliswe phezulu.
Umdlalo ozovula ozoba kusasa kuzotholana phezulu i-England ekleliswe endaweni yesithathu emhlabeni kanye ne-Australia yona ekleliswe endaweni yesithupha. Lo mdlalo uzoqala ngele-9:15 ekuseni e-Oita Bank Dome Stadium. I-England emdlalweni emine yamaqoqo ayihlulwanga inqobe kathathu yadlala ngokulingana kowodwa, i-Australia yona emidlalweni emine yanqoba emithathu yahlulwa kowodwa.
Kuzolandela ozobandakanya iNew Zealand ne-Ireland, wona ozobanjelwa eTokyo Stadium. Ompetha bomhlaba iNew Zeland iyona ezihola phambili emhlabeni bese i-Ireland ibe sendaweni yesine.
I-All Blacks (iNew Zealand) induku ayiyazi kanti i-Ireland yona ihlulwe kanye, ozonqoba phakathi kwala mazwe uzotholana phezulu nozonqoba phakathi kwe-England ne-Australia.
Ngesonto kuzovula umdlalo weWales ekleliswe endaweni yesibili emhlabeni neFrance yona ekeliswe endaweni yesi-8, bazovovana inkani e-Oita Bank Dome Stadium ngele-9:15 ekuseni. IWales ayikahlulwa iyinqobe yomine imidlalo yayo, iFrance yona inqobe emithathu yahlulwa kowodwa. Kuzovala oweNingizimu Afrika neJapan.