UTau uzobhekana nezingqungqulu kuChampions League

by Bayede News
August 30, 2019

IZOLO kusihlwa amehlo abathandi bezikanobhutshuzwayo abethe njo eMonaco, eFrance lapho kade kuqhathwa khona amaqembu angama-32 azoba yingxenye yomqhudelwano omkhulu emhlabeni i-UEFA Champions League yesizini yangowezi-2019/20. Iqembu ebelibhekwe kakhulu eNingizimu Africa kulawa angama-32 iClub Brugge yaseBelgium, okwenze libhekwe kakhulu ingoma ligijinyelwa umdlali wakuleli uPercy Tau.