Now Reading
OwakaMpisane umise eyeGlad-Africa Championship
Dark Light

OwakaMpisane umise eyeGlad-Africa Championship

 

UMBANGO ophakathi komndeni wakwaMpisane usuwenze ukuthi ime eminye yemidlalo  yeligi yesibili kuleli iGlad-Africa Championship edume ngokuthi iNational First Division (NFD). Imidlalo yonke bekulindeleke ukuthi  iqale kusasa kodwa ngenxa yombango ophakathi kukaShawn noSbu Mpisane, eminye yemidlalo ebandakanya amaqembu amathathu asesifundazweni iKwaZulu-Natal isihlehlisiwe. Lawo maqembu imidlalo yawo ehlehlisiwe, kubalwa iReal Kings, iRoyal Eagles kanye no-Uthongathi FC.

Okudala ingxabano phakathi kwalo mndeni wakaMpisane ukuthi uSbu ufuna ukuthatha iqembu iRoyal Eagles njengoba kuvela ukuthi yena noShawn ifindo  labo lomshado ligqashukile. Ezinye izindaba ezivelayo ukuthi uSbu ufuna ukuthenga uThongathi FC olusenkingeni yezimali kusukela kwadlula emhlabeni uNico Mkhize owayeyisikhulu esiphezulu saleli qembu.

Ngaphambi kokuqala kwesizini omunye umdlali waleli qembu wazisa iBAYEDE ukuthi izinkinga zemali kuleli qembu kungenzeka zenze lidliwe izembe.USbu kuthiwa njengoba kuvela ukuthi uzothenga uThongathi nje uzohamba nabanye abadlali ayenabo kuleli qembu. IRoyal Eagles esibizwa ngokuthi iRoyal AM izoqhubeka ibe khona.

See Also

Ngokusho kwesitatimende sePremier Soccer League (PSL) imidlalo emisiwe mine okubalwa nezoba ngempelasonto elandelayo. Leyo mdlalo obuzoba phakathi kwe-Eagles neMbombela United obuzoba ngeSonto, oweReal King no-Uthongathi FC obekumele ube kusasa, owe-Eagles neJomo Cosmos obekumele ube mhla zingama-25 kwephezulu, bese kuba obuzoba owo-Uthongathi FC neTshakhuma Tsha Madzivandila wona obuzoba mhla zingama-24 kuyo lenyanga.

  • Khonamanjalo uThabo Qalinge obegijima ku-Orlando Pirates usengumdlali weSupersport United ngokusemthethweni. Lo mdlali odlala ezinhlangothini zombili phambili ubesenesikhathi ezilolonga naleli qembu lasePitoli kodwa lingacacisi ngaye. USection 10 uzojoyina uThamsanqa Gabuza noKudakwashe Mahachi abegijima nabo kweziMnyama
  • Amagama ezihlabani ezimbili kunobhutshuzwayo umhlaba wonke okunguLionel Messi weFC Barcelona noCristiano Ronaldo weJuventus FC, awasalanga ngaphandle ngesikhathi kumenyezelwa abadlali abathathu okungenzeka oyedwa wabo anqobe indondo yomdlali ovelele ngaphansi kwe-UEFA.  Omunye umdlali oqokwe nalezi zinqunqulu isitobha seLiverpool FC uVirgil van Dijk.
Scroll To Top