Now Reading
UDe Klerk usephawulile ngolwe-Ingonyama Trust
Dark Light

UDe Klerk usephawulile ngolwe-Ingonyama Trust

Esinye sezethuko esikhulu ngesokuthi Ingonyama Trust yaba khona

Emuva kweminyaka ethule ngodaba obelungagcini nje ngokuthunaza yena siqu kepha noNdunankulu kaZulu kanye  neSihlalo, owayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu uFW de Klerk usekhiphe elokugcina odabeni oluthinta umhlaba woBukhosi.

Lokhu kulandela imibiko emibili; owokuqala owabe uholwa ngowayeyiSekela Mengameli uMnu uKgalema Motlanthe kanye nowakamuva weThimba likaMengameli kanye nombhalo ophume ephephandabeni lesiNgisi eliphuma ngoLwesihlanu iMail&Guardian.Kuleli phephandaba uNks uHilary Lynd,  nongumfundi odabuka e-United States of America uthi ubukhona be-ITB kwaba wumphumela ‘wesivumelwano esiyimfihlo’.

Kuyo yomithathu le mibhalo inkulumo ibithi ukuba khona kwe-Ingonyama Trust kwaba yisenzo esabe sinokungcola, siyimfihlo esenziwa phakathi kweSILO, uMntwana wakwaPhindanegene, uMnu uMandela kanye no-De Klerk. Embikweni wangesonto eledlule iBAYEDE ikhiphe inkulumo yoMntwana lapho ayekuphikisa ukukhuluma okuthi kwabe kunokungcola.

“IThrasti ayizange ibe khona ngenxa yokungcola. Kwaba ngumphumela wokubekezela kwesizwe sikaZulu ngokusemthethweni ngomhlaba owawulokhu uthathwa kubona (abantu besizwe) eminyakeni eminingi yobukoloni,” kubeka uMntwana. Kulo ushicilelo olwedlule saveza ukuthi uShenge unxusa uMnu uFW de Klerk ukuba akalungise ukukhuluma  kulolu daba ngoba “amanga afafazwayo” afaka negama lakhe. Echaza  izizathu ezenza uHulumeni waKwaZulu uqhamuke noMthetho Ingonyama Trust uShenge uthe:

“Kuyacaca kithi ukuthi wonke umhlaba weTBVC nowezindawo ezizimele uzoba ngumhlaba kaHulumeni kazwelonke ulawulwe ngoMthetho Wokulawula Umhlaba we-1993. Umthetho womdabu nowamasiko ushabalale kanjalo nomhlaba osetshenziswa umphakathi. Asikaze sikufune lokhu ngomhlaba wesizwe sikaZulu. Ngakho-ke sawuthatha umhlaba waKwaZulu sawufaka ngaphansi kweThrasti, ukuze ungabi ngumhlaba womphakathi futhi ngeke ubuyele eMbusweni emveni kokhetho oluningi lukanyakanhlanu.”

Akuphelanga isonto kushicilelwe lokhu uMnu u-de Klerk ‘wakulungisa ukukhuluma’. Esitatimendeni asikhiphe mhla zingama-21 kuNcwaba nonyaka uthe ngamanga ukuthi i-ITB yaba wudobo olwasetshenziswa ukusondeza i-Inkatha Freedom Party okhethweni. Uphinde wakuveza ukuthi isivumelwano abanaso noMntwana noMandela sabe singafaki Ingonyama Trust.

See Also

“Ngithintwe abezindaba izikhathi eziningi mayelana nokwamukelwa koMthetho Ingonyama Trust KwaZulu-Natal yiSishayamthetho SaKwaZulu-Natal esontweni elandulela umhla zingama-27 kuMbasa we-1994 okwakuwusuku lokhetho lukazwelonke. “Ukwamukelwa komthetho kwakungesiyo ingxenye yeSivumelwano, iMemorandum of Agreement, sangomhla zili-19 kuMbasa we-1994 esasayinwa nguMntwana waKwaPhindangene, nguMnu uNelson Mandela kanye nami uqobo – okwakumayelana nokuvuma kwe-IFP ukuba ibe yingxenye yokhetho lukazwelonke lwangomhla zingama-27 kuMbasa ngowe-1994. Ngakho-ke akusilo iqiniso ukuthi lokhu kwaba yingxenye noma isivumelwano esikhethekile sokuqinisekisa ukuthi i-IFP iba yingxenye yokhetho ngoba ukubamba kwayo iqhaza kwasekuvele kuyinto ekhona.

“UMthetho Ingonyama Trust wachitshiyelwa mhla zili-11 kuMbasa ngowe-1997 nguHulumeni we-ANC ngokoMthetho Wokuchibiyela Ingonyama Trust KwaZulu-Natal uNombolo 9 we-1997,” kuchaza isitatimende.Ukuphawula kuka-de Klerk kubukeka kungahle kudale inkulumompikiswano ngobuqiniso bemibiko eyedlule ngalolu daba.

Ephendula umbhalo owaphuma kuMail and Gurdian, uMntwana wathi: “Kuyadabukisa ukuthi umcwaningi waphesheya angabuka lokhu bese ecabanga ukuthi, ‘AboHlanga abakwazi ukuthi bangaqhamuka nalokhu ngokwabo. Kufanele ukuthi kwabe kuwumqondo woMhlophe. Nokho, kungani oMhlophe ebanikeze okunje? Impela kufanele ukuba babegwazelwa ukuze babe yingxenye yokhetho.”

Scroll To Top