Zimkhalele owe-IFP obezongenela isikhundla


OBEKULINDELEKE UKUBA angenele umbango wesikhundla sikaNobhala-Jikele eqenjini i-Inkatha Freedom Party (IFP) ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela. Lona nguDkt uCedric Xulu, iBAYEDE esanda kubika ukuthi ufunwa uthuli yizinkabi ezifisa lungamfici usuku lwengqungquthela yaleli qembu. Uboshwe ngoLwesine mhla ziyisi-8 kuNcwaba. Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi uthe angashaqwa wayogqunywa ezitokisini eThekwini. UMkhulumeli we-IFP kuzwelonke uMnu uMkhuleko Hlengwa ekanye noSihlalo kazwelonke uMhlonishwa uBlessed Gwala bakuqinisekisile ukuthi nebala uDkt Xulu uboshiwe.
“Noma singenayo imininingwane ngokuboshwa kwakhe kodwa singakuqinisekisa ukuthi akuhlangene neqembu. Ngakho nguyena okumele achaze ukuthi uboshelweni,” kusho uHlengwa. NoGwala uhambe emagameni kazakwabo. “Singakuqinisekisa ukuthi uDkt uXulu ongomunye wabaholi beNkatha uboshiwe kodwa okwamanje asinayo imininingwane ephelele ngokuboshwa kwakhe. Esikwaziyo ukuthi uboshwe ngoLwesine olwedlule,” kusho uGwala. Uqhuba wathi: “Njengobuholi beNkatha sikhathazekile ngokuboshwa kwakhe ikakhulukazi njengoba kunzima nokuxhumana naye nezihlobo zakhe ukuthola ngembangela. Okwamanje asazi noma usengaphakathi noma usengaphandle ngoba akuxhumaneki naye.”
Izindaba zkuboshwa kwalo mholi eziqale ukukhishwa yiBAYEDE ezinkundleni zokuxhumana sezidale ukujikijelana ngamazwi phakathi kwezinhlangothi ezimbili. Ngokwezinkulumo zangaphakathi eqenjini uDkt uXulu nguyena ohola uhlangothi olubizwa ngama-AU okusho ukuthi (Abukho Ubunzima) olusemkhankasweni owesekela uMnu uVelenkosini Hlabisa ekutheni kube nguyena ongena esikhundleni sikaMengameli we-IFP uDkt uMangosuthu Buthelezi njengoba esezibeka phansi zintambo zokuhola leli qembu. Uhlangothi lwama-AU lugcwele kakhulu amakhansela nentsha.
Olunye uhlangothi olungayizwa ekaHlabisa lona lubizwa ngamaKKK okusho ukuthi (Konke Kuhamba Kahle), lona lugcwele kakhulu amalungu ephalamende nezimeya.AmaKKK afolose ngegama lendodana yolahleko uDkt uZiba Jiyane obanga noHlabisa. Ekuqaleni abefolose ngeNkosi yaseMbongombongweni uMzamo Buthelezi abamshintshe ngoba ebachayisile wathi wesekela uHlabisa ovele igama lakhe laphakanyiswa nguMntwana lesekelwa nayisigungu esiphezulu se-IFP, okuyiNational Executive Committee (NEC).
Imizamo yeBAYEDE yokuthola uDkt uXulu iphunzile njengoba bezivaliwe zonke izingcingo zakhe selokhu kuzwakale izindaba zokuboshwa kwakhe.Emasontweni amabili edlule elaboHlanga libike kabanzi ngezinsongo zokwenzakalisa uDkt Xulu ezenziwe ngoyinkabi ebimnqumela ugwayi katiki. Le nkabi ibithi ngeke ishaye le nyanga esadla anhlamvana. Kuze kwaphoqeleka ukuthi aphume emsebenzini njengoba eseMkhandlwini wakuMasipala iKing Cetshwayo esephelezelwa ngamaphoyisa.
IBAYEDE inayo nenkulumo eqoshiwe eyenziwe ngozibiza ngenkabi kuyona ebisongela uDkt uXulu ukuba alibambe lingashoni ngoba akafuni ukulalela uma enxuswa ukuba ahoxe kulo mbango wesikhundla ukuze adedele uMnu uSiphosethu Ngcobo.