Uguqe wathelwa ngodaka ufakazi enkantolo


Isitatimende soMlawuli nomlayezo weSMS kugubuzele isethulo sikaNtanzi
EMuva kwesiphithiphithi icala lingahlali kugcine kwenzekile lokho obekuyisicelo sikaMnu uBonga Ntanzi nobekhuleke ukuba iNkantolo yeZabasebenzi ihlalele ngokuphuthumayo udaba oluthinta ukumiswa kwakhe. Udaba lusuka esinqumweni saloyo oqokwe njengoMlawuli kuMasipala aBaqulusi uMnu u-Elphas Hlulukwenza Dladla sokumisa uNtazi ngezinsolo ezinzima phakathi kokunye eziphatha inkohlakalo nokukhwabanisa.
Emuva kokumiswa kwakhe uNtanzi uphikelele enkantolo kokunye esola uDladla noMnyango ngokwenza iphutha lokungalandeli inqubo ekumisweni kwakhe. Njengengxenye yokunxenxa iNkantolo ukuba ivune isethulo sakhe uFakazi utshele inkantolo ukuthi ukungabi bikho kwakhe noma ukumiswa kwakhe kungahle kucijise imikhonto eBaqulusini kubuyisele naloMasipala emuva ezinhlelweni zawo zentuthuko.
Khona lapho ugadle kuDladla nayemsola ngokuthi akanawo amava. Konke lokhu kugcine sekusezithebeni zenkantolo eThekwini ngaphansi kukaMehluleli uHamilton Cele. Yize sekungumlando ukuthi inkantolo ayivumelananga noNtanzi kulolu daba okuthuse kakhulu izinsolo ezibe sezibhekiswa kuye uFakazi nokube sobala ukuthi ngezinye ezenze uMehluleli waphikisana nesicelo sakhe.
Okokuqala kube yisitatimende esifungelwe esivezwe nguDladla nebesisola uNtanzi ngokuzama ukumgwazela. Ozul’ azayithole banaso lesi sitatimende esifungelwe. Esitatimendeni uDladla uthi mhla zingama-24 kuNhlaba ngowezi-2019 nonyaka wafika ehhovisini lakhe . “Ngangikhuluma nocingo ngaleso sikhathi. UMnu uNtanzi wakhipha isikhwanyana esinemali wasihlohla kukhava eyisikhwama se-IPAD yami. Nganqamula ngokushesha ingxoxo yami nocingo ngambuza ukuthi wayenzani. Wangitshela ukuthi imali yayivela enkampanini ebizwa ngeBTMN, enenkontileka yomsebenzi wobunjiniyela noMasipala,” kusho isitatimende.
Siqhubeka sithi: “Waqhubeka wangazisa ukuthi wayeseyisebenzisile ingxenye yemali ayinikezwe uBTMN lena enye eyayisele wayeseyinika mina. Ngamtshela ukuthi lokhu ayekwenza kwakungekho emthethweni ngakho akayithathe imali. Wavele wafulathela wayishiya imali,” kusho uDladla esitatimendeni sakhe esinesigxivizo samhla zingama -27 kuNhlaba wezi-2019. Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi nembala likhona icala elivuliwe ngalezi zinsolo nelingu 4/5/2019 PDCI.
Ubufakazi bomlayezo
Okunye okuzikise isethulo nesicelo sikaNtanzi kube ngumyalezo okuthiwa wawuthumela kuMnu uJerry Sibiya nokuyilapho ayemxenxa khona ukuba “amvikele” olakeni loMlawuli. Lo mlayezo leli phephandaba linawo. Yiwona lona ongasenhla eceleni kwesithombe sikaMnu uNtanzi.