Baphakamisa ukucijwa kwemikhandlu yezikole ukulwa nobubhoklolo


INHLANGANO yomphakathi eyaziwa ngeForum 4 Service Delivery KwaZulu-Natal ithi kuningi okonakele ezikoleni zakuleli.
Le nhlangano ithi kuningi okungalungiseka uma kungacijwa izinhlangano zokuphatha izikole ama-School Governing Body’s (SGB) ngamakhono okulwisana nobubhoklolo kubafundi ezikoleni.
Lawa ngamazwi kaMengameli wale nhlangano uMnu Mbahara Kekana awasho engxoxwenio abe nayo neBAYEDE emuva kokuba kusabalele ezinkundleni zokuxhumana ividiyo yomfundi wesikole iLuka, eRustenburg, ekhumulwa umfaniswano ngabanye abafundi abangamabhoklolo.
Uthe muva nje kwavalwa induku ezikoleni, nokushaywa kwezingane emakhaya sekungabazali asebewukudla kwenduku, beshaywa yizingane zabo.
Uqhube wathi ububhoklolo ezikoleni, nako kudla lubi. “Akuqeqeshwe amaSGB’s ikakhulukazi lawa angasebenzi ahlale esezikoleni ukuze kugwenywe lesihlava,” kusho uKekana eqhuba ethi izigameko zokugwazana kubulalane abafundi kubangwa zibhebhezelwa yibo ububhoklolo.
Uthe lobu bubhoklolo sebuthathe izimpilo zabafundi abaningi, abasuke bethunyelwe ngabazali ukuba bayofunda ezikoleni ababuya sebeyizidumbu. “Uma kungaphinde kube khona usoNhlalakahle isikole ngasinye ukuze ezosiza abafundi nezeluleko kungasiza kakhulu.
Uphinde wahlaba ikhwelo kubazali ukuba bangaxabani phambi kwezingane.
Uthi udlame lwasekhaya nalo lunomthelela kulobu bhoklolo, ngoba uma zibona ubaba eshaya umama zicabanga ukuthi yinto enhle bese ziyoshaya abanye abafundi ezikoleni, zingagcini ngokubashaya kodwa zibagwaze zibabulale.
Uveze ukuthi enye inkinga ekhungethe izingane ezikoleni, ukudlwengulwa ngabanye abafundi njengoba ngokocwaningo lwabo lingapheli isonto engekho umfundi odlwengulwe omunye. Uphonsele inselelo amaphouyisa ukuba angenelele ukunqanda lezi zigameko ezikoleni. Ziningi izigameko zobubhoklolo ezikoleni osekuze kwaholela ukuthi kwezinye izikole abazali bazikhiphe.