OlukaGihana lukhomba okuhle ngokuphathwa kwabokufika


Isihloko sencwadi: Rat Roads
Umbhali: Jacques Pauw
Kuhlale kuvela izindaba ezibuhlungu ezikhomba ukuphathwa kabi kwaboHlanga abaqhamuka ngaphandle kwemingcele yelaseNingizimu Afrika. Uma kungekona ukubizwa kwabo ngamagama ayiziswana abenza bazizwe beyizilwane kuba wukubulawiswa okwezinyamazane okunye kwako osekuke kwavela nakumabonakude.
Nokho indaba emayelana nowokufika kuleli uKennedy Gihana ongowaseRwanda ngokudabuka iyasiguqula isithombe sokuhlalisana kwabakuleli nabokufika. Udaba olumangazayo lukaKennedy Gihana luphume ngaphansi kwesihloko esithi, “Rat Roads” kuHistory DStv Channel 186 ngoMsombuluko ligamenxe elesi-7 kusihlwa. Lusukela esibhicongweni sokubulalana kwezinhlanga amaHutu ebulala amaTutsi ezweni laseRwanda ngowe-1994.
Ngowe-1996 kwadingeka alifulathele izwe lakubo ahambe ibanga elide elibangise kuleli laseNingizimu Afrika eshiya ikhaya lakubo endaweni yaseButare, eNingizimu Rwanda emva kokuthi amalungu omndeni wakhe ebhubhe ngowe-1994.
“Kwasinda umfowethu kuphela. Kwakugcwele igazi nezidumbu yonke indawo. Ugogo nomkhulu bamelwa yinhliziyo bafa bezitshela ukuthi ngibhubhe kuleso sibhicongo,” kusho uGihana.
Emva kohambo olude olwamcushisa eKenya, eMalawi, eZimbabwe naseMozambique ehamba ngezindlela ezincane ezinye ezazimdabulisa eziqiwini waze wafika eHillbrow eGoli.
“Ngangilala ngesinkwa zonke izinsuku ngoba kuyiso engangikwazi ukuba nemali yaso. Umdayisi kaswidi nogwayi emgwaqweni eHillbrow ogama lakhe linguRojah wangisiza ngendawo yokulala wangitsheleka ne-R100 ukuze ngenze izifundo zobugqayinyanga,” kulandisa uGihana
Umsebenzi awuthola ngaleso sitifiketi wamkhokhela ama-R700 ngenyanga. Waqala ukuqokelela imali yokuqhuba izifundo e-UNISA kwazise wayesuke ekhaya enaso isitifiketi sikamatikuletsheni.
Ngendlela izinkinga ezamnamathela ngayo kwasiza uNobhala weHhovisi Lezomthetho e-UNISA owamkhulumela nomyeni wakhe ngezingubo zokwembatha ezindala nangokudla kwaphakathi nesonto. Ngempelasonto wayenikezwa ama-R20 ukuze akwazi ukuthenga ukudla uma engekho esikoleni.
Wenza waqeda izifundo zomthetho ngowezi-2005 kwase kudingeka abhalisele ubuzwe baseNingizimu Afrika okwaba wumzukuzuku ngaphambi kokwamukelwa njengommeli ogcwele.
Namuhla uGihana ungummeli ovelele olwela amalungelo abantu abahlukunyezwa nguHulumeni waseRwanda. “Ngibizwa ngephekulazikhuni ngokumela abantu baseRwanda abafa kungafanele. Sekuke kwanemizamo eminingana yokungibulala.”
UGihana ugcagce ngowezi-2019. Benomkakhe kwadingeka baphume ngezamawuba beyoshada ngokwesintu. Kumanje banezingane ezimbili. Nokho uGihana uma ebuzwa ngokuthi lichaza ukuthini elomndeni kuye uphendula athi: “Mina uma ngichaza umndeni ngisho abantu baseNingizimu Afrika abayizigidi ezingama-56 abangamukela ngezandla ezifudumele ezweni labo sisibi isimo sasezweni lami lokudabuka iRwanda,” kuphetha uGihana.