Now Reading
Liyafezeka iphupho likaNqubeko Dlamini kunobhutshuzwayo
Dark Light

Liyafezeka iphupho likaNqubeko Dlamini kunobhutshuzwayo

 

I-UNIVERSITY of Pretoria (Tuks) imemezele ukusayinisa abadlali abasha ngenhloso yokuqinisa iqembu likwazi ukukhuphukela esigabeni esiphezulu i-ABSA Premiership.UNqubeko Dlamini ongumunye wabadlali abasayinwe ileli qembu eligijima kuNational First Division (NFD) usayine inkontileka yeminyaka emithathu. Ungumdlali osemncane odlala esiswini, ukhule efisa ukuba adlale emazingeni aphezulu.UDlamini oneminyaka engama-24 udabuka e-Ingwavuma enyakatho nesifundazwe iKwaZulu-Natal udlalele iDinani United yaseJozini, iKZN Double Action yase-Ingwavuma neNyuvesi YaKwaZulu-Natal emazingeni aphansi.

UDlamini ongumfana osebenza kanzima uqedela izifundo zakhe zobumeli eNyuvusi YaKwaZulu-Natal. Uthe kuhlezi kunzima ukudlala ibhola ube ufunda ngoba ibhola kuyena yinto ayithandayo wakwazi ukukwenza.Ekhuluma neBAYEDE uthe, “Bekufanele ngisebenze kanzima esikoleni ukuze ngikwazi ukulandela iphupho lami lokudlala ibhola emazingeni aphezulu. Ukusebenzisa isikhathi ngendlela ikhona okungisizile.” Uqhube wathi ibhola belimsiza akhohlwe kancane ngezinkinga zesikole.

Ukudlalela iNyuvesi YaKwaZulu Natal (UKZN-P FC) ikhona okumsize kakhulu ekuqhubekeleni phambili nebhola. Nyakanye wayengukaputeni weqembu ngenkathi lidlala kuVarsity Cup, lapho lingenzanga kahle khona lagcina liqede lisendaweni yesikhombisa.Lokhu okuvimbanga abaphathi beTuks ukubona amagalelo alo mdlali abaxhumana nemeneja yakhe uSbonga Jiyane ukuba bacela afike bazomhlola. “Wathi engitshela uSbonga ukuthi kufanele ngiye ePretoria ngoba iTuks ifuna ukungihlola ngangithi uyadlala. Kwakufanele ngiye khona ngoMsombuluko angizange ngiye wangifonela engithethisa. Ngosizo lwabafowethu engidlale nabo eqenjini i-UKZN-P FC bangihlanganisela imali yokugibela ngakwazi ukufika kuTuks ngoLwesibili”.

See Also

Ukufica abadlali akade edlala nabo kuVarsity Cup nabanye azana nabo kuwona lo mdlalo webhola likanozobhutshuzwayo kwenze izinto zalula. “Into engenze ngakhululeka abaqeqeshi bayangazi bangibona ngidlala kuVaristy Cup, wonke umuntu ungamukele ngezandla ezimhlophe. Abaqeqeshi bangitshele ukuthi angibe imina ngidlale ngendlela engiyejwayele.”Uthe ufuna ukusiza iqembu lakhe elisha linqobe iNFD likwazi ukunyukela esigabeni esiphezulu i-ABSA Premiership ngoba leli qembu lifanele ukudlala khona. Ngelinye ilanga uyafisa ukudlalela ukudlalela elilodwa lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika.

Abadlali abasayinwe i-University of Pretoria uNqubeko Dlamini, uSphamandla Mntambo, uClive Gumede, uSphamandla Nzuza, u-Athenkhosi Dlala, uCollins Mbesuma, uJohn Tshabalala, uSphamandla Mlilo, uLuvolwethu Mpeta, uMosesenyane Maswanganye, noKatlego Mohamme.

Scroll To Top