Now Reading
Okubhekwe yiTTM wukunyuka kulogi hhayi iNedbank Cup
Dark Light

Okubhekwe yiTTM wukunyuka kulogi hhayi iNedbank Cup

Injini yeTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) uCelimpilo Ngema, ithi bajabule babuya nganeno.

ITTM ngeSonto imangaze abaningi yehlula iMamelodi Sundowns emdlalweni owandulela owamanqamu omqhudelwano womkhumulajezi iNedbank Cup

Lo mdlalo uphethe sekukhahlelwa amaphenathi. 

ISundowns iye kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma ukuthi izozidlulela kalula kwazise ikwaze ukubhaxabula i-Orlando Pirates ngamagoli amane kwelilodwa kumaQuarter Final.

Okwenza uNgema angajabuli kakhulu ukuthi ezakhe zihlezi endaweni engagculisi kulogi yeDStv Premeirship.

ITTM isendaweni ye-14 kulogi emva kwemidlalo engama-21 inamaphuzu ali-19.

“Bengingazitsheli ukuthi sizohamba sifike kulesi sigaba esikuso manje emqhudelwaneni iNedbank Cup, kuyinto eyethusayo. Ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwano inhloso kwaba ukuthi siwudlale kodwa singagxili kakhulu kuwona. Iqiniso lithi into okuyiyo ebalulekile ukwenza kahle kuligi. Njengoba sisezansi nje kumele sinyuke lokho siyokwenza ngokuthi sinqobe,” kusho uNgema.

Leli qembu elingomakoti kuligi enkulu lilandelwa ngemumva iChippa United elizodlala nayo kowamanqamu, kube iBlack Leopards. I-United endaweni ye-15 inamaphuzu ali-17 emidlalweni engama-27 kanti iLeopards ehlezi emsileni inamaphuzu ali-13 emidlalweni engama-22.

ITTM iyiqale kabi isizini njengoba bese yaziwa njengeqembu eliphisana ngamaphuzu, kodwa ithe isingaphansi komphathi omusha konke lokho yakuguqula. Igabe ngabadlali abanamava okubalwa kubona uWashington Arubi ongunozinti ogeze iSundowns ubebebe emdlalweni odlule, uMokgokolodi Ngele, uThabo Mnyamane, uLerato Lamola noThabo Rakhale.

“Umdlalo nomdlalo kumele siwuthathe njengowamanqamu, sikhombise ukuthi sifuna ngempela ukusuka lapho esikhona. Njengoba sizodlala imidlalo emithathu ngaphambi kowamanqamu, kumele okungenani sinqobe emibili sidlale ngokulinga kowodwa. Lokho kuyobe kusinika omkhulu umfutho ukuthi siwunqobe umdlalo wamanqamu,” kusho uNgema.

Uthe kumphatha kabuhlungu ukuthi kuyophela isizini manje igoli into angayazi, wathi kodwa kule midlalo esele uzozama ngakho konke ukuthi alithole.

See Also

ITTM eqeqeshwa uMpho Maleka ngokubambisana noDavid Mathebula, imidlalo ezoyidlala ngaphambi kowamanqamu kuzoba ngoweCape Town City, iBloemfontein Celtic neLeopards.

UNgema uthe iyajabulisa indlela abadlali abamulwela ngayo umqeqeshi weqembu, naye ubaphethe kahle.

“Uma singavika izembe siphinde sikwazi ukunqoba iNedbank Cup, kuyobe kusho lukhulu kumina naseqenjini imbala njengoba kuyisizini yethu yokuqala kule ligi enkulu lapha eNingizimu Afrika. Ukube siqale isizini ngale ndlela esiyiyona ngikholwa ukuthi ngabe asibalwa emaqenjini angase agawulwe izembe noma adlale imidlalo yokuhlunga,” usho kanje.

UNgema ngaphambi kokujoyina leli qembu ubelihlikihla kuThongathi FC okuyiqembu eligijima kuGladAfrica Championship. Abanye abadlali abashiye uThongathi FC ekuqaleni kwesizini bajoyina amaqembu akuDStv Premiership uPule Mmodi ongumdlali weLamontville Golden Arrows, uMenzi Ndwandwe odlala kuCeltic noNjabulo Ngcobo okuSwallows FC.

Uthe kuyomjabulisa kakhulu uma engathola ithuba lokuyodlala iCAF Confederation Cup edlalwa iqembu elisuke linqobe iNedbank Cup.

Scroll To Top