Now Reading
Umumo weNingizimu Afrika emazweni eG20
Dark Light

Umumo weNingizimu Afrika emazweni eG20

 

INingizimi Afrika ingelinye lamazwe azithola esethubeni eliyingqayizivele lokuba yingxenye yamazwe eG20. La mazwe angamashumi amabili iBrazil, iCanada, iChina, iFrance, iGermany, i-India, i-Indonesia, i-Italy, iJapan, iMexico, iRussia, iSaudi iArabia, iNingizimu Afrika, iSouth Korea, iTurkey, i-United Kingdom, i-United States kanye ne-European Union esuke yona imele amazwe ase-Europe.

La mazwe aziwa njengezikhondlakhondla emhlabeni, futhi emele abantu abangama-80% esingathi izigidigidi eziyisi-6.1 kwabayizigidigidi eziyisi-7.7 emhlabeni. Ngomnotho, lamazwe amele okubili  kokuthathu (2/3), komnotho womhlaba esingathi usigidintathu ongama-$54 ($54tln) kusigidintathu ongama-$82 womnotho womhlaba ohlangene

Le ngqunguthela esingathwa yilelo lizwe elisuke lijutshiwe ngokuvumelana yenzeka ukuze ibheke izindaba ezibalulekile kakhulu emhlabeni. Usekhona umhlangano okungowamazwe ayisikhombisa abizwa ngeG7, asazithatha njengezingqungqulu ekubusweni komhlaba nokulawula ezomnotho wawo. Ukunwetshwa kwalolu luhla lwezinkampani zigcine zifinyelele emashumini amabili, kuhambisana nentuthuko egijima ngesivinini yamazwe abizwa ngasathuthuka emhlabeni. Ngokwengqungquthela yeG20 ephele ngempelasonto esisuka kuyo bekuyilezi ezilandelayo:

Umumo womnotho womhlaba, ukuhwebelana nokutshalwa kwezimali emazweni omhlaba, izinto ezithinta imvelo namandla kagesi, ezemvelo ikakhulukazi ukungcola kolwandle okutholakele ukuthi imfucuza ephakathi iyamangalisa, ukuthuthukiswa kwabesifazane neqhaza labo kwezomnotho, ezempilo emhlabeni kanye nentuthuko nje jikelele yomhlaba.

Nxa sibuya siza ekhaya, uMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa kanye noNgqongqoshe abathile babe yingxenye yale ngqunguthela. Okubalulekile lapha ukuthi ekusebenzisaneni nala mazwe amakhulu, yikuphi izwe iNingizimu Afrika elimele ukukubheka ikakhulu nxa kukhulunywa ngezomnotho. Ukuphendula lo mbuzo kahle, kumele siqonde ukuthi cishe wonke la mazwe amelelekile kuG20 indlela asebenza ngayo atshengisa kakhulu ukunakekela iminotho yawo ngokungahlonizi. Ungabheka amazwe afana ne-USA, iRussia, iChina njalonjalo, awahlonizi ukushaya inqubomgomo esuke ihambisana nokuthuthukiswa kwezakhamizi zawo kwezomnotho. Amazwi akhulunywe nguMengameli waseRussia uMnu uPutin akubeke ngembaba ukuthi uhlelo lweliberalism seluphelelwe yisikhathi. Uma ubheka la mazwi kaMnu uPutin kanye nendlela uMnu uTrump namanye amazwe aqhuba ngayo imikhankaso yamazwe awo, uyabona ukuthi ahambisana nokuguquka kwezinto ekulawulweni kwamazwe abo. Kwabakugxekile phakathi kokunye, iGermany ngokuba nemithetho ededela kalula abantu abavela ngaphandle ukuthi bazokhosela bebalekela izimo zepolitiki ezimbi lapho bevela khona. uChancellor u-Angela Merkel ongumphathi wezwe iGermany naye uphansi kwengcindezi ehambisana nalolu daba, lapho amaJalimane engasayizwisisi kahle eyokudedela nje kalula abantu bamanye amazwe ukuthi bazokhosela. Lesi simo sisibona nasesimweni seBrithani ngeBREXIT, njalonjalo.

La mazwi kaMnu uPutin acacisa ngokusobala indlela amazwe amaningi azoyithatha ngokuya phambili lapho bephoqa onke amazwe omhlaba ukuthi mawalungise isimonhlalo ezindaweni lapho behlala khona. Lokhu kubheke ikakhulu kubaphathi balawo mazwe ezingeni lepolitiki ukuthi mabasize izakhamuzi zawo, baqinisekise ukuthi isimonhlalo esibandakanya umnotho sinozinzo, kwazise enye yezinto ezenza abantu bafudukele emazweni adla izambane likampondo indlala. Basuke bebalekela izimpi nesimo sezomnotho esisuke sintengantenga kulawo mazwe. Yize amazwe amaningi ephansi kohlelo lwamadlandawonye, okucacayo nokho ukuthi lolu hlelo lugcina selwenza amanye amazwe angabe esakwazi ukunakekela ngokuhlelekile izakhamuzi zawo, ngenxa yokuzama ukwanelisa izifikanamthwalo zakwamanye amazwe.

See Also

UMengameli uRamaphosa nxa sibheka le ngqungquthela ubhekene nezinselelo ezinkulu zokudala uzinzo oluzokwazi ukulethela izakhamuzi zaseNingizimu Afrika nabatshali zimali, kanye nezifikanamthwalo ithemba ngeNingizimu Afrika ekwazi ukubhekelela inhlalakahle yabo bonke.

Ebuholini bepolitiki kuzodingakala ubuchule nobuhlakani obungavamile bokuletha utshalomali oluzinzile futhi oluhambisana nezinhlelo iNingizimu Afrika efisa ukuzifezekisa. Ingxaki ekhona kungaba ngeyokuthi, iNingizimu Afrika enamathuba amahle kangaka phakathi kwala mazwe ingakwazi yini ukusebenzisa la mathuba enawo ukukhulisa umnotho ngendlela efanele, ibe ikwazi futhi ukuhlela kabusha imigomo yezwe ezokwenza izwe lingabukeki kungathi licwasa abanye abantu, ekubeni futhi kumele litshengise ukuba umholi wezwekazi i-Afrika njengoba kuyiyo yodwa emele izwekazi.

Kuzokhumbuleka ukuthi iNingizimu Afrika ayikho kuphela kulolu hlaka lwamazwe omhlaba kepha iphinda ibe phansi kwezinhlaka ezifana nawo-UN, iWTO, iG20 nezinye othola ukuthi yiyo yodwa vo phakathi kwawo wonke amazwe ase-Afrika emelelekile. Ingqinamba enkulu ukuthi yilo lodwa leli lizwe e-Afrika jikelele umnotho walo ongakhuli yize kunjalo.

Scroll To Top