Now Reading
Kugoqiwe ngeBhola leNdebe yoMhlaba kwabesifazane
Dark Light

Kugoqiwe ngeBhola leNdebe yoMhlaba kwabesifazane

 

INDEBE yoMhlaba ebholeni labesifazane igoqwe ngeSonto ebusuku ngesikhathi i-United States of America (USA) inqoba umdlalo wamanqamu ngamagoli amabili eqandeni idlala ne-Netherlands eLyon. Lokhu kwenze i-USA yaba ngompetha bomhlaba okwesibili kulandelana, nosekuyisicoco sayo sesine seNdebe yoMhlaba.

IBanyana Banyana ebingene okukuqala kwiNdebe yoMhlaba ibingelinye lamazwe abemele izwekazi i-Afrika kanye neCameroon neNigeria. IBanyana iphume zibekwa nje ingatholanga nelilodwa iphuzu emveni kokuhlulwa kuyo yonke imidlalo ibhekene neSpain, iChina neGermany. INigeria neCameroon bakwazi ukudlulela esigabeni se-last 16 lapho ashabalala khona amathemba e-Afrika, iNigeria ihlulwa yiGermany ngamagoli amathathu eqandeni, neCameroon yahlulwa yi-England ngenani lamagoli elifanayo.

INetherlands engompetha bezwekazi i-Europe eyangena kanzima kulo mqhudelwano isidlala imidlalo yokuchibiyela, ifike yenza kahle kakhulu iqeda iphezulu kwiqoqo layo ngamaphuzu agcwele. Yahlula iJapan emdlalweni ye-last 16 ngamagoli amabili kwelilodwa, kwi-quarterfinals ihlule i-Italy ngamagoli amabili eqandeni, kwi-semifinals ihlule iSweden ngegoli elilodwa eqandeni yazibekela indawo kowamanqamu. I-USA ebiyizimfivilithi, ibifuna ukwenza umlando ngokunqoba iNdebe yoMhlaba okwesine. Ifike emdlalweni wamanqamu ingabambeki yaqeda iphezulu eqoqweni layo. Emdlalweni we-last 16 ihlule iSpain ngamagoli amabili kwelilodwa, yaphula izinhliziyo zabalandeli beFrance ebisingethe lo mqhudelwano iyihlula ngamagoli amabili kwelilodwa emdlalweni we-quarterfinals, emdlalweni we-semifinal ihlule i-England ngamagoli  amabili kwelilodwa.

See Also

Womabili lamaqembu iNetherlands neUSA afike emdlalweni wamanqamu engahlulwanga nakowodwa umdlalo, womabili abefuna ukuqopha umlando. INetherlands ebidlala kweyoMhlaba okwesibili ibifuna ukuyinqoba okokuqala iNdebe yoMhlaba. Ifike zigawulwe zabekwa ihlulwa i-USA ngamagoli amabili eqandeni emdlalweni wamanqamu, I-USA ibe seyenza umlando iba iqembu lesibili ukuvikela isicoco seNdebe yoMhlaba.

UMegan Rapinoe odlalela i-USA odlala enkabeni yenkundla ubengumdlali ovelele waphinde kwanguyena oshaye amagoli amaningi kwiNdebe yoMhlaba (6), uSari van Veenendaal odlalela iNetherlands uklonyeliswe ngokuba unozinti ovelele.

Scroll To Top