Now Reading
UGuquko Lwesithathu Lwezimboni lungani
Dark Light

UGuquko Lwesithathu Lwezimboni lungani

Uma kukhulunywa ngomuntu omusha kusuke kuchazwa umuntu ongakangenwa wuvalo lokusungula into entsha, umuntu ohlale elangazelele ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokwenza izinto, umuntu onesibindi sokugasela umnyango abadala abawushalazelayo.

Loluhlobo lomuntu uyaphikelela uma ekholelwa entweni kuze kube nomphumela oletha uguquko olungagubuzela umhlaba wonke uma kwenzeka. Abantu abaletha uguquko lwesithathu lwezimboni kwakungabantu abasha, abanye babo ababengakagogodi nasesikhungweni semfundo ephakeme. Abanye babo ngoBill Gates noSteve Jobs. Umsebenzi walezinsizwa waba nomthelela omkhulu ekuguquleni ukusebenza emhlabeni wonke, kusukela ekusebenzeni ngezandla kuyiwa ekusebenziseni ikhompyutha.

Uma sikhumbula unyaka wezi-1976 sikhuluma ngentsha eyayizizwa inamandla okuguqula indlela ezazenziwa ngayo izinto. Lesikhathi ngisibuka kuyisikhathi sokuba intsha igiye iqephuze emnothweni isungule izindlela ezintsha nezinqamulelayo zokwenza umsebenzi. Lokhu ngikusho ngoba basenamakhanda alula futhi basenomfutho wokuguqula ukwenziwa kwezinto.

Phela uma sikhuluma ngoguquko lwesithathu lwezimboni sikhuluma ngokuqala kwamakhompyutha. Akwenele ukuba intsha igcine ngokubhala ngekhompyutha noma igcine ngokwakha umculo kwikhompyutha benze ibhithi, kodwa kumele bajule. Ngiyakholelwa ekutheni umdali akakhethanga ngobuhlanga ngenkathi enikeza amakhono kubantu. Ukusungulwa kwekhompyutha kwenza umhlaba waxhumana kalula kwaba nezinhlelo eziningi ezixhantela ohlelweni lwamakhompyutha nobuchwepheshe bethekhnoloji.

Uma uyisiphathimandla emsebenzini noma ungumnikazi webhizinisi ukukhula nokufadalala kwenkampani kuhlezi emahlombe akho. Noma yiziphi izinguquko ezenzekayo emhlabeni zivivinya ubuholi bakho njengesiphathimandla ukuthi ubambelela emhlabeni oya phambili uhambisane nezinguquko noma ubambelela ezidindini uhambe wodwa umhlaba usale ngemuva wena nenkampani yakho. Uma ungumphathi unamandla okuletha noma ukuvimba uguquko nenqubekela phambili kuleyonhlangano oyiphethe.

Ngonyaka ka-1996 ngakhuluma nomunye wabaphathi emsebenzini ngimnxusa ukuba ahlole ukuthi ukusebenza kungebe lula yini uma sisebenzisa amakhompyutha ne-internet ukuxhumanisa ukusebenza kwethu ezindaweni ezehlukene zesifunda saKwaZulu Natal. Kwakumele ngihambe ibanga elingamakhilomitha angamakhulu amabili ngiya kohlangana naye ngimnike amaphepha okuqashwa kwabasebenzi, bese ngibuyela emuva amanye amakhilomitha angamakhulu amabili. Lensizwa eyayiphethe yangibuka yanikina ikhanda yathi leyonto ngeke isebenze, isho ihleka.

Yathi, “Ungazethembi izinto ezishiwo ngabantu, ziyalahleka izinto kukhompyutha. Abantu bawothathekile.” Loluhlelo engangikhuluma ngalo lwaluzokonga uphethiloli wenkampani, lufingqe umsebenzi wosuku, bese kulondolozeka umsebenzi obhaliwe. Umsebenzi wawuzothunyelwa ngobhalo-nyazi ufinyelele kuye ngokuphazima kweso, naye azithole esebenza ehlezi ehhovisi.

Phela uguquko lwesithathu olunqala olwaqala eminyakeni yezi-1980 lwaba ngolukhulu kakhulu sekungena ikhompyutha, ithekhnoloji nobuchwepheshe obuningi bokubhala nokuthumela imiyalezo, kanye ne-internet. Ngenkathi kufika lezinhlelo ezintsha kwadingeka ukuba abantu bacabange kabusha uma besemsebenzini wokubhala nokuxhumana. Kwadingeka umuntu afunde kabusha uma ezimisele ukugcina umsebenzi wakhe.

Kuyisimanga ukuthi kuleminyaka kusenabantu abaphila eminyakeni engaphambi kwezi-1980 ngokucabanga nokwenza. Loluhlobo lwabantu luphefumula umoya wanamuhla, ludla ukudla kwanamuhla kodwa lusebenzisa ingqondo yakudala eseyaphelelwa yisikhathi. Uma ngibheka impilo ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi ingqondo yomuntu ithi uma ibona izinto izihumushe ngolimi lwanamuhla. Lokhu kuyalunciphisa udweshu olungaphakathi kumuntu olungase luvimbe inqubekela-phambili edingekayo kuleyo nhlangano ayiholayo.

Ukusungulwa kobuchwepheshe bekhompyutha bukhombisa ukuthi umqondo womuntu uyanwebeka uma ewusebenzisa, usuka kulokho okukhona phambi kwakhe kuye kokunye okusha obekungakaze kube khona. Ukululeka komqondo yiko okwenza umuntu alunguze empilweni engakaze iphilwe muntu, bese esungula okuthile okusha okuzoguqula indlela yokwenza izinto. Isikhathi soguquko lwesithathu lwezimboni lugijima ngesivinini esikhulu ngoba kuyenzeka obewukwazi namuhla kuse ngakusasa sekuguqukile. Baningi-ke abehlulekayo ukumelana nalokhu kugijima.

See Also

Umuntu osebhizinisini unenselelo yokuthi ahlolisise ukuthi yiziphi izindlela ngenza ngayo ukuthi kuthuthuke ukuhweba kwakhe. Uma enomkhiqizo othile usengaxhumana nanoma yiliphi izwe, akhulume namazwe amaningi ngosuku olulodwa, okwakungeke kwenzeke ngaphambi koguquko lwesithathu lwezimboni

Amazwe anjengeMelika nawaseYurophu ahamba phambili kulezinguquko. Kuletha inselelo lokhu kumabhizinisi aseAfrika ngoba umuntu uzithola elandela le kude ezinguqukweni ejaha isithunzi umsunguli esesithele.

Ucwaningo olwenziwe ngonyaka wezi-2018 ngoZibandlela, olwenziwe yiHosting Facts Team luveza ukuthi izwekazi lase-Asia yilo elihamba phambili ngezibalo zabasebenzisa i-internet abangamaphesenti angamashumi amane nesishiyagalolunye. Lilandelwa kude yizwekazi laseYurophu ngabangamaphesenti ayishumi nesithupha, 16,8%.

Kumazwe omhlaba izwe laseChina lihamba phambili linabantu abasebenzisa i-internet abayizigidi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye, lilandelwe yizwe laseJapani elinabantu abasebenzisa i-internet abangamakhulu ayisihlanu ezigidi. Isibalo seChina sedlula esamazwe amathathu, iJaphani, iRashiya, neMexico ehlanganisiwe. Kumelwe kusinike inselelo thina boHlanga baseNingizimu Afrika ukuthi okungenani silwele ukuba ezwenikazi laseAfrika singene emazweni ayishumi aphezulu ekusetshenzisweni kwe-internet. Okwamanje kusadingeka sisebenze kanzima.

Scroll To Top