Impi elwa buthule eyozomnotho



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Ngafunda isifundo somlando esikoleni. Ngiyakhumbula ngifunda ngempi elwa buthule eyayibizwa ngeCold War. Njengengane ekhule ngolimi lomdabu kwake kwathanda ukungidida ukuchazwa nokuhlaziya impi ebandayo emqondweni. Le mpi ayikaze ihlangane idudulane ngezifuba. Le mpi kukhulunywa ngayo kakhulu kusukela emva kwempi yesibili yomhlaba. Lolu hlobo lwempi lulwiwa ngaphandle kwezikhali kodwa kusetshenziswa umqondo nomshoshaphansi. Kwakubhekwe kakhulu amazwe ase-Europe ne-USA okungamazwe ayelwa lolu hlobo lwempi njengoba esalwa nanamuhla, ikakhulukazi ebanga ukuphatha umnotho wamazwe angesizo izikhondlakhondla njengawo. Lena yimpi yomlabalaba, elwiwa buthule kubhekenwe emehlweni, yilowo nalowo ebheke okuza ngakuye akuthele othulini, kudwetshwe uhlelo olwaziwa ngabathile inhlosongqangi yalo. Kulolu hlobo lwempi kuhlanganwa kuxoxwe ngento esobala kanti kuqondwe into ecashile. Ziningi izinto ezenzeka ngaphansi kwengubo abantu bembethe kucatshangwa ukuthi balele. Kwesinye isikhathi kubonakala sekushunqa intuthu kungaziwa ukuthi ngubani owokhele umlilo. Uyobonakala ngoba esenambitha nje ekhotha umlomo omunye ukuthi udlile wazuza ngokushunqa kwentuthu nokusha komlilo.
Kuyinto engejwayelekile ukuba kube nomholi ovele agagule nje emini kubhekwe ngawo womabili ukuthi uzoxosha bani ezweni lakhe, avalele bani ukuthi angangeni, njengoba kwenzeka e-USA manje. Kule minyaka yombuso weningi kuyinto engalindelekile futhi okungafanele ivele yamukelwe kuthulwe nje, ngoba ihambisana nokucindezela nokuhlukumezeka kwabathile. Angazi noma umhlaba usethukile yini noma usazoqhubeka nokulwa buthule noma esevele obala uMengameli wase-USA wabaqonda ngqo angabafuni wethembisa nokwakha udonga oluzokwehlukanisa izwe lakhe namanye. Kungenzeka futhi ukuthi kuya ngokuthi ngubani owenza kanje. Ukuba lokhu bekwenziwa ngomunye wabaholi base-Afrika ngabe usengundabamlonyeni, futhi ngabe kukhulunywa ngonswinyo kumanje. Phela le mpi yokulwa buthule ikuveza obala ngezikhathi ezinjengalezi, futhi kucace ukuthi uvuna bani.
Angazi-ke noma thina boHlanga silujwayele yini lolu hlobo lwempi. Mhlawumbe sithanda kakhulu lena yokuzifikela mathupha endodeni kulwiwe bukhoma, bese saneliswa wukuthi sinqobile uma sesilitheze phezulu. Laba abalwa impi buthule bakwenza ufunisele ukuthi umonakalo wenziwe yibo ngoba wenzeka kungazange kubikwe ukuthi seyiyahloma. Luhambisana nokwesabisa kungachazwa kakhulu ukuthi kuqondwephi. Uma ngilucabanga lolu hlobo lwempi ngibona lulwiwa ngengqondo kube nomshoshaphansi ojulile. Kulolu hlobo lwempi umuntu awumgaseli ngqo, ulwe naye. Obukela kude uyaye acabange ukuthi konke kuhamba kahle ngoba amukho obamba omunye ngobhongwana emini kwabha.
Umbuzo enginawo ngothi, thina boHlanga sikuphi kule mpi. Ngandlela thile siphakathi empini. Kungenzeka ukuthi asilwi thina boHlanga kodwa kulwiwa ngathi. Uma kulwiwa ngawe kumele ukhaliphe ube namasu okudlubulundela uphunyuke ogibeni. Kudingeka ubuchule bokuphunyuka ogibeni futhi kudingeka ubunye esizweni ukuze abathile abaseqhulwini babe namasu okuvimba namiphi imibono enomphumela ongemuhle esizweni. Kumele kube nokwethembana nokubambana uma kusetshenzwa.
Ngithanda ukuba uke ucabange ngalokhu: Uma kudlalwa ibhola enkundleni ibhola alikwazi ukuzinqumela ukuthi lifuna ukungena kuliphi igoli. Kudlaliswana ngalo ibhola enkundleni, omunye elinika omunye wangakubo, kuthi uma enamandla omunye amephuce naye alikhahlele liye kowangakubo. Kuwo wonke umdlalo ibhola alizuzi lutho uze uphele umdlalo. Uma kwenzeka liphuma enkundleni okudlalelwa kuyo liyalandwa libuyiselwe enkundleni, ngoba umdlalo uqhubeka ngoba lisenkundleni. Kanjalo futhi uma lingena phakathi kwezigxobo ezingamagoli liyathathwa kujatshulwa libuyiselwe enkundleni ukuze uphinde uqhubeke umdlalo ukuze kuzanywe elinye igoli. Uma kutholakala ukuthi liphelelwa wumoya kulandwa elinye eligcwele kahle ngoba inhloso wukuqhubeka nomdlalo. Konke lokhu kwenzeka ngaphansi kwemithetho elawula umdlalo. Kuleyo mithetho ibhola alikwazi ukumemeza liphikise umthetho ngoba umthetho awakhelwanga ukuthi ibhola libe nezwi.
Kungenzeka yini ukuthi sifana nebhola kwamanye amazwe? Kungenzeka yini ukuthi ngenxa yokungabi nezwi elizimele ezinhlanganweni ezilawula amazwe sidingeka sikhona nje ukuze umdlalo womnotho uqhubeke kahle udlalwe silokhu sisenkundleni, singabakhi bomdlalo? Lokhu ngikususela ekutheni aboMdabu bayacwaswa ezindaweni eziningi nakwamaningi amazwe. Uma simemeza lizwiwa ngubani izwi lethu, noma kuyathulwa nje ngoba siyinto yokudlalwa kunqakiswane ngayo yilowo nalowo ofuna umnotho?
Kunemibuzo engifikelayo engifisa ukuba sizibuze yona thina besizwe engicabanga ukuthi ingeminye okungathi uma iphenduleka kahle lijike isondo, abesizwe bathathe indawo ebafanele ngobuningi babo nangobunikazi bezwe. Eminye imibuzo yilena: Iyiphi indlela esingena ngayo kule mpi elwa buthule? Yiliphi iqhaza esilibambile elingasenza sizuze njengezwe kumbe njengezwekazi i-Afrika esingazuza ngalo? Thina boHlanga sihlangene ngokugculisayo yini ukuthi singayibamba lempi sethembane sifulathelane siyidudule le mpi nxazonke? Sinabo yini ubuchule bokugcina izimfihlo eziwumgogodla walolu hlobo lwempi yobuchopho?
Phela la mazwe ayilwayo le mpi ayakwazi ukugcina imfihlo ukuze uhlelongqangi lusingathwe ngabambalwa kodwa bafeze indima enkulu. Inhloso-ngqangi kumele ibe yinye ukuze kuphunyelelwe kule mpi. Le mpi yomshoshaphansi ilweka kalula uma izwe noma izwekazi likhuluma ngezwi elilodwa. Uma kuyilowo nalowo ebheke okwakhe kulula ukuthi kusuke abanye phakathi kwethu bangene ngakolunye uhlangothi bamelane nathi besebenza buthule. Akusiyo impi elula lena. Umnotho wezwe yisona sisulu esikhulu salolu hlobo lwempi.
Ngenkathi iNingizimu Afrika ithola inkululeko kwaba nemihlangano ejulile kuze kufike esigabeni sokwakhiwa kukaHulumeni woBumbano. Abanye bakuveza obala ukuthi abahambisani nokuhlanganyela ndawonye naboHlanga, baze bangena ngendlovuyangena nogandaganda endlini okwakuhlanganelwe kuyo. Kusengenzeka ukuthi zikhona izimpi ezilwiwa buthule ezihlose ukuvikela izikhonkwane zakudala. Lezi zimpi akubangwa msindo uma zilwiwa kodwa zisetshenzwa ngabathile. AmaBhunu ayakha iBroederbond yawenza umsebenzi eyayiwumiselwe ingesiyo inhlangano yomphakathi, mhlawumbe namanje isasebenza. Kungabe aboHlanga banalo nje lolu hlelo? Uma singakabi nalo uhlelo kumele luqale.
- UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd