Okungenziwa ukusimamisa umnotho
UMnu uXaba ungumsunguli we-Adamopix. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil…
Kule nyanga eyaziwa njengeyabantu abasha eNingizimu Afrika sisaqhubeka sibheka izinto ezingenziwa ukubangula leliva elithe shiqe lokungatholakali kwemisebenzi. Njengoba sivela kulo usuku olugujwa njalo ngomhla ziyi-16 kuNhlangulana, sibonile kuphinda lokho okuhlala kwenzeka minyaka yonke ezweni, lapho osopolitiki kusuka kuMengameli wezwe namaqembu aphikisayo beyaye bahambele izindawo ezingamashashalazi njengezinkundla zezemidlalo. Lapha-ke kuqoqwa abantu abasha ngamabhasi bevela ezindaweni eziningi bezobungaza lolu suku. Kugidwa kuviliyelwe kujatshulwe okwesikhashana maqede abantu abasha babuyele ezinsizini zabo emakhaya. Akumangalisi ukubona abaningi babantu abasha bengasayihhoyi eyale mibungazo. Ngaphambilini bekukhalwa ngokungagqiziqakala kwabezinye izinhlanga ezifana nabelumbi, amaNdiya namaKhaladi, muva nje sekuyabonakala neningi lentsha yaboHlanga idembesela ukuzibandakanya nale micimbi. Ingabe inkinga ikuphi na?
Namuhla kungakuhle kesibheke izinto cishe zibentathu nje vo, ezimaqondana nabantu abasha baseNingizimu Africa nenhlalo yabo kunye nepolitiki yezomnotho wezwe. Eyokuqala engifisa kesiyibheke eyesimonhlalo sabantu abasha njengezakhamuzi ezweni okuhambisana nemibono abathi nxa benayo, ishaywe indiva. Ngenxa yepolitiki embi yokungcofana okwenzeka ngisho eqenjini lezepolitiki elilodwa, abantu abasha bazibona bengavikelekile ukuletha ukugxeka nezimvo ezingasiza izindawo abahlala kuzo. Lokhu kungenxa yokuthi nxa bethi bayaziletha, kugcina kuvela amagama afana nelithi, bachemile kumbe bahambisana neqeqebana elithize eqenjini thizeni. Kwenzeka kaningi lokhu ezindaweni ezehlukene ezweni, lapho abantu abasha begcina sebengondingasithebeni bengazi ukuthi bathini kubani ngenxa yobuqembuqembu bosopolitiki. Lesi simo asikhombi inkululeko okufanele ngabe ilethwa ezepolitiki. Ngesikhathi imizwa yabantu abasha inyatheleka phansi, kungesikhathi bedonseleka emuva begcina benqena ngisho nokuzibandakanya kunanoma yiziphi izinto okufanele ukuthi bazibandakanye nazo ezweni.
Eyesibili, abakhulumeli babantu abasha. Lapha sibheka isimo lapho kuye kuzwakale amazwi athi abantu abasha balesi sikhathi badukile, bacwile ezidakamizweni, kumbe abazinakekeli. Yebo, abantu abayi nganxanye bengemanzi, kanjalo nakubantu abasha kuyohlale kukhona leyo nsehle eshaya eceleni igcine seyidicilela phansi isithunzi senye intsha. Kepha iqiniso ngakwenye ingxenye elithi, baningi kakhulu abantu abasha baseNingizimu Afrika abazibandakanye nezinto ezinhle. Kumanje nje izibalo zikhomba ukuthi bayizigidi ezimbili abantu abasha abafunda emazingeni aphakeme ezemfundo. Lapha singabala amanyuvesi, amanyuvesi ezobuchwepheshe, amakolishi obuthisha, amakolishi ezemisebenzi yezandla kanye nezikhungo zezemfundo ezizimele.
Nxa uzwa kukhulunywa ngesici sabantu abasha, kungathi bonke laba bantu abenza okuhle bezithuthukisa ababonakali. Kunalokho kugqame izigilamkhuba nalabo abasatabalasa ngezimo ezithile njengezidakamizwa. Kumele maliqhakanjiswe iqhaza elibanjwe yintsha yaseNingizimu Afrika kuyo yonke imikhakha ukuze kwakheke isithombe esihle nakulabo abasamele ukulunyulwa embeleni wobuphofu.
Okwesithathu yilokhu okungasiza ukulethela abantu abasha amathuba amaningi emisebenzi. Kube kungeyibo bodwa kepha nabantu abaningi abangaqashiywe eNingizimu Afrika. Kulesi sigaba ake sikubeke kucace bha ukuthi abantu abasha bebodwa bangeke bakwazi ukuletha izixazululo maqondana nezimo ezikhona ezweni. Kepha njengezakhamuzi ezisezincane ngokweminyaka, kudingeka ukuba basebenzisane nababonke abantu baseNingizimu Afrika ngenhloso eyodwa, yokuthi kwakhekhe amathuba amaningi emisebenzi.
Kwesesibili isigaba yilapho sibheke khona abantu abasha abayizinkumbi abafundayo. Njalo ngesikhathi sekuthwalwa kweminyezane, baye babonakale bejabule bedelile, begiya kukikizwe kubenjeya bethweswa iziqu. Nokho kuthi kungehlukwana kubelusizi sebegexezela bebheke emakhaya la ikati lisuke lilele khona eziko. Baphindela esimweni sokuyokondliwa izimali zezimpesheni namaqolo ogogo nomkhulu babo. Ngale kweziningi izimo esingazibheka neziyimbangela zalesi simo esiyishwa, ngingathanda kesibuke izigaba ezimbili ezingenziwa uhulumeni ukuze aphebeze lolu laka oluzayo ngenxa yokuba luvanzi kwabantu abasha abangenamisebenzi.
Asikusho ukuthi emuva kweminyaka engama-25 enkululeko, uHulumeni waseNingizimu Afrika uyehluleka ukuletha izixazululo eziyizo. Imisebenzi abahlala beyithembisa njalo nxa bekhankasa osopolitiki ayibonakali. Ngale kwezimo eziningi ezingaba yimbangela yalokhu, akubonakali kuneqhingasu elicacile elenza nosinga umkhanya asho athi cha, indlela ebheke phambili iyabonakala. Kunalokho kuziwa nezixazululo ezingacatshangisiswanga kahle. Kuphinde futhi kuphikiswane ngalokho okusuka kuze nomunye wosopolitiki, kumane kubemanhlanunhlanu.
Amazwe amaningi asethuthukile kufumaniseka ukuthi intuthuko yawo ayizanga ngenhlanhla nje. Kunalokho ize ngezindlela ezinobuchule obukhulu obubandakanya ukwakhiwa ngokucophelela kwezinhlaka zezeminotho yawo. Ezimbili zalez izinto sizozithi njanti:
a) Ukuthuthukiswa kwamabhizinisi asevele esebenza: Lesi sigaba sihambisana nokuthi, uhulumeni akawayekeleli amabhizinisi asevele esebenza yize emancane. Kunalokho nxa ibhizinisi liqashe abantu abahlanu, kumele lisekelwe limiselwe isinhlaka zokulikhulisa ngenhloso yokuthi ligcine seliqasha abantu mhlasimbe abangamashumi amahlanu. Lokhu nxa kwezenka, kwenzakala kwizinhlaka eziningi ezahlukene. Isibonelo, izimboni ezincane zezokufuya, ukwakha izicathulo, ukulima izitshalo ezithile nemikhiqizo thizeni. Zonke lezi zimboni ziyabhekisiswa maqede zilolwe bese zisizwa ukwandisa amathuba emisebenzi. Cishe ezinye zazo zigcina sezifakela ngisho namazwe angaphandle. Sisodwa nje lesi sigaba singaletha imisebenzi engaphezu kwesigidi ngonyaka kubantu baseNingizimu Afrika.
b) Ukufukamela amabhizinisi asaqalayo: Umqondo wokufukamela imiqondo emisha yokwakhiwa kwemikhiqizo nezimboni ezintsha kuyinto ebhekeleke phansi kakhulu eNingizimu Afrika. Lokhu ukubona ngisho nakwizizinda zezezimali okumele zifukule umnotho ngokwakhiwa kwamasu amasha eNingizimu Afrika. Azibhekeleli sanhlobo ukufukamela abantu abanemiqondo emisha njengalena.
Yize sezikhonyana izingqalasizinda ezifana nabo Silicon Cape, Innovation Hub nezinye, kepha kusashoda kakhulu ukungenelela kukahulumeni ngesankahlu sokuphebeza lesi simo esinzonzo kangaka. Zombili lezi zigaba zibonakalise ukunqoba okukhulu kwamazwe asethuthukile. Zizombili nje akungabazisi ukuthi zingalethela ngisho intsha ugqozi olumangalisayo lokuzibona lungenelela emnothweni futhi ithola nemisebenzi.