Ukwanda kwamaqembu kuza nesiminyaminya ezikhungweni


UKHETHO oluzobanjwa ngesonto elizayo kuleli luzoba yingqophamlando ngokuba namaqembu amaningi ezepolitiki alungenele kwabaningi okuwuphawu olukhombisa ukuthi elakuleli liyizwe elikhululekile. Kwabanye ukwanda kwamaqembu kuchaza ukuvuthwa kwedemokhrasi njengoba lolu khetho luqondane nokugubha iminyaka engama-25 izwe lathola inkululeko. Kubantu bakuleli lezi yizindaba ezimnandi kodwa kwabeKhomishini Ezimele Yokhetho ukwanda kwamaqembu kunezinselelo ezinkulu. Ngokusho kweSikhulu Esiphezulu seKhomishini Yokhetho, uMnu uSy Mamabolo inselelo enkulu ukwandisa isibalo sabasebenzi, izikhungo zokuvota, uhlu olunamagama abahola amaqembu ezepolitiki nezindleko zokukhiqiza amaphepha okuvota.
Ukwanda kwesibalo samaqembu kuchaza ukuthi kuzoba ngokokuqala ukuthi ezikhungweni zokuvota kube nesibalo esikhulu sabamele amaqembu abasuke behlola ukuthi uhlelo lonke luhamba kahle, baphinde babhekelele labo abasuke bezovota nokuthi akukho ukukhankasa okwenzekayo ngaphakathi esikhungweni sokuvota. Phambilini ezikhungweni zokuvota okhethweni olwedlule bekugqame kakhulu amaqembu amakhulu njenge-African National Congress (ANC), I-Inkatha Freedom Party neDemocratic Alliance (DA). Amanye amaqembu abengamelwa ngendlela ngenxa yokwesaba kwamalungu ikakhulukazi uma isikhungo sisesizindeni seqembu elithile. Ephawula ngalesi simo uMamabolo uthi kulokhu balindele ukuthi wonke amaqembu amelwe ngoba iNingizimu Afrika isibambe ukhetho izikhathi eziningi nabantu sebeyakuqonda ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuzihlanganisa nanoma yiliphi iqembu.
“Ukwanda kwamaqembu kusiphoqile ukuba sibuyekeze indlela ebesenza ngayo ekuqaleni njengeKhomishini Ezimele Yokhetho, kusuka ezikhungweni zokuvota kuze kuyofika esikhungweni okuhlanganiswa kuzo amavoti abalwe ePitoli. Okunye okusisizile ngokwanda kwamaqembu kube ukuvela kwamabantu abaningi abazovota esikwazile ukuthola imininingwane yabo njengamakheli okuzokwenza umsebenzi wethu ube ngolula uma sesilungiselela ukhetho lohulumeni bezindawo,” kusho uMamabolo. Uthe noma konke lokhu kuyizinselelo, kodwa kubona kusho ukukhula kwedemokhrasi eNingizimu Afrika.
Uthe okunye abazosizakala ngakho ngokuba khona kwabamele amaqembu ezikhungweni ukuthi babona uhlelo luzoshesha ngoba bazokwazi ukusiza abaqalayo ukuvota, abadala futhi babona sizoncipha nesibalo samaphepha okuvota azocekeleka phansi ngenxa yokungaqondi. AbeKhomishini Ezimele Yokhetho bathi banethemba lokuthi abantu bazobambisana nabo ngalesi sikhathi bangaboni sekuqubuka imibhikisho kushiswa nezikhungo zokhetho. Ngokusho kwabeKhomishini abantu abavote ngokukhethekile ezweni lonke ngoMsombuluko nangoLwesibili bangama-770 000. Kulesi sibalo abangama-70 672 ngabaKwaZulu-Natal.