Now Reading
Ithuba labampofu lokunquma ngekusasa ngekusasa nenhlalakahle yabo
Dark Light

Ithuba labampofu lokunquma ngekusasa ngekusasa nenhlalakahle yabo

NGALESI sikhathi ngesonto elizayo izwe liyobe selazi ukuthi yiliphi iqembu eselidle umhlanganiso okhethweni. Ngokwezibalo zabakwa-Independent Electoral Commission (IEC) izifundazwe iGauteng kanye neKwaZulu- Natal zizobe zincintisana ngesibalo esikhulu sabavoti. IGauteng nokuyihliziyo yomnotho okuyilapho iningi labantu lithutheleka khona lizobe linabavoti abayizi-6 381 220 (23.55%) kuthi iKwaZulu- Natal ibe nabavoti abayizi-5 524 666 (20.65%). I-Eastern Cape yona inabavoti abayizi-3 363 161 (12.57%), iWestern Cape yona zi-3 128 567 (11.69%), iLimpopo abavoti abalindelekile bayizi-2 608 460 (9.75%), ilandele iMpumalanga ngabavoti abayi– 1951776 ( 7.29%), iNorth West bayizi-1 702 728 (6.36%), i-Free State bayi-1 462 508 (5.47%) kugcine iNorthen Cape ngabayizi-626 471 (2.34%). Lezi yizibalo ezinkulu selokhu leli lathola inkululeko.

Emaqenjini ukuqonda lezi zibalo yikho okungenza iqembu linqobe noma likhale ngaphansi. Ngokuqonda lezi zibalo iqembu liyakwazi ukuhlela imikhakhaso yalo, isibalo sabazoqapha ukhetho, uhlobo lwabaholi okumele luhambele lezo zindawo nenani lezinqgwembe zokhetho. Kuzo zonke lezi zibalo kukhona isibalo esimqoka nesingavumi ukwehla. Lesi yisibalo sabantu abampofu. Bangama-55.5% abantu baseNingizimu Africa noma bayizigidi ezingama-30 abaphila esimweni sobubha esingaphansi kwama-R992 ngenyanga. Lesi sibalo sanda kusukela ngowezi-2011 kakhulu kwaboHlanga okuyibo abayiningi kuleli nabakhungethwe phakathi kokunye ukungabi bikho kwemisebenzi, ukuswelakala kwemfundo, isibalo esikhulu semizi ephethwe ngabesifazne kuphela nokuba nemindeni emikhulu. Ngokwezibalo zikaHulumeni eNingizimu Afrika isibalo sabantu abathola isibonelelo sikahulumeni bayizigidi ezili-17.38, kulesi sibalo ingxenye enkulu yizingane ezibalelwa ezigidini ezili-12.44. Yize ubuphofu bukhonjwa nasemadolobheni ngokomlando izindawo ezisemakhaya zivame ukuhlonzwa njengezihamba phambili ngobuphofu.

Nasezindaweni ezingamapulazi ububha nobuphofu bubatshazwa yibo bonke abantu. Umgoga wobuphofu USolwazi womthetho nendlela yokuziphatha kwamabhizinisi, uGary Chartier nongumbhlali webhuku elithi: Anarchy and Legal Order : Law and Politics for a Stateless Society , uma echaza ngomgoga wobuphofu nathi ucushwa nguHulumeni obusayo ubeka kanje: “Ubuphofu buyinkinga ‘ehlelekile’, Bungumphumela wokuningi okugamanxayo kanye nalokho okuqinisa ubuphofu. Ukususa okukodwa lapha nalapha kusashiya abantu bempofu. Kodwa uguquko oluhlelekile, okuwuguquko olubhekelela konke okwenza kuqhubeke ububha kungenza umehluko omkhulu. Uhlobo loguquko oluhlelekile esiludingayo wulolo olususa okuhambisana nombuso, kanye nalolo olungafaki umbuso obishini, hhayi okwakha umbuso owenza kubhebhetheke izinkinga okwenziwa iwona umbuso luqobo.” USolwazi uqhubeka athi: “Ububha bubanga izinto eziningi lezo zimbangela ziyahlangana futhi ziqinisane zodwa.

Eziningi zibangelwa nguHulumeni. Uma uHulumeni engaphuma kwezomnotho bese ebuka ukuthi ubulungiswa bangesikhathi esedlule obenziwa futhi bagcizelelwa nguHulumeni akulungise, singabhekana nezinselelo zobubha sisonke siyimbumba.” Embikweni wayo owaziwa nge-Equality Report for 2017- 2018 iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) yacubungula uhlelo lukaHulumeni olunqala lokuguqula ezenhlalo nomnotho ngokokubuka ngokwamalungelo. Yathola ukuthi ukunyusa intela yentengo iVAT kuye kuma-15% ekuqaleni kwalo nyaka ‘kuthikameza amalungelo abantu abampofu futhi akuhambisani noMthethosisekelo’. Okunye eyakuthola okusemqoka wukuthi incazelo ebekwa wuMthetho Wezokulingana Ngokuqashwa (Employment Equity Act) ethi ‘abantu abathile’ kanye nohlelo lokuqoqela ngokwehluka kwemininingwane akuhambisani noMthethosisekelo noma imigomo yomthetho wamazwe.

“Ukusebenzisa izindlela ezikhethekile ekulinganeni ngokuqashwa akuhambisani nezinhloso zoMthethosisekelo zokuzuza ukulingana okuqamathekile okungafi nyelela ekutheni kube yisibalo esithile esimile kubeke nemigoqo kunokuba kuvuleleke ‚” kusho umbiko. Inqabakutholwa Isikhathi sokhetho siletha ithuba lapho wonke umuntu, kungakhathaleki isimo sakhe somnotho ethola ithuba lokuvotela uhlobo aluthandayo lukaHulumeni. Ngoko Mthethosisekelo ivoti liba linye umuntu ngamunye. Ngamafuphi kukhona ukulingana uma sekukhethwa. Leli thuba lokuvota kwabampofu likhona hhayi kuphela lapha eNingizimu Afrika kepha kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Emhlabeni jikelele izifundiswa nabantu phaqa bayazibuza ukuthi kungani abampofu yize behlupheka baqhubeke baqoke abaholi namaqembu anenqubomgomo engakhulumi ngqo ngenhlupheko yabo. Emlandweni wokhetho emhlabeni akuvamile ukuthi abampofu bavotele uHulumeni ophethwe ngabampofu.

Kunalokho labo abadla izambane likapondo yibo abahola amaqembu bese belandelwa zinkumbi zabampofu. Okhethweni lwangesonto elizayo abampofu bayobe beyinoni. Kusuka ekuqaleni kwemikhankaso izindawo ezihlala abampofu ezifana nemijondolo namalokishi bezinabahlobo abasha, osopolitiki. Babodwa kubaholi abebethathwa izithombe begone izingane, bekhona abanga izaguga kuthi ezinenhlanhla zinikwe inkece nokokumaya. Igama elisuke limqoka lapha elivela kubaholi ngelokuthi laba abasuke bevakashelwe “ngabantu bakithi”. Kule mpelasonto amaqembu amakhulu aboHlanga okuyi- African National Congress (ANC), i-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye ne-Inkatha Freedom Party (IFP) bazobe benemicimbi yokuvala imikhankaso ezindaweni ezivulekile, iningi labantu abazobe behambele le micimbi ngabampofu.

See Also

Okumqoka lapha wukuthi kuzobe kukhulunywa ngabo njengoba inkulumo kweminye imicimbi izobe ingesiNgisi esiphezulu iningi labo elingasiqondi, kosopolitiki namaqembu akunendaba ngoba vese ‘abantu bakubo’ (abantu bethu njengokusho kwabo) ngeke babalahle bayohlale bebavotela. Ikhona nokho ingozi kulo mcabango ngoba abampofu kule minyaka engama-25 kabasafani, sebehluke ngeminyaka kanye nezinkolelo zabo. Lokhu kucaca bha uma ubuka ukuqhamuka kwamaqembu amasha nawo adonsa kulo mphakathi wabampofu nokusho ukuthi abampofu sebenokuwaqonda amandla abanawo. Iningi lawo lomphakathi liyazithatha izikipha nokudla uma likhangezwa kepha ngoLwesithathu oluzayo bazimisele ukubeka iqembu elizobahola nokuyinto ethusayo ngoba kulokhu akwaziwa ukuthi bazowela ngakuphi abampofu.

Ngokwezibalo yibo abampofu abazosho ukuthi kule minyaka emihlanu ezayo izwe lizoholwa ngobani. Lokhu kufakazelwa yisibalo sabo nesenza usale umbuzo othi ngabe ukuba khona kwabampofu nokwanda kwabo emphakathini yinto yamabomu yini ngoba uma nje bekhona amaqembu angeke aphele ngoba aphila ngabo.

Scroll To Top