Now Reading
URamaphosa noZikalala engcindezini ngenxa yemiphumela
Dark Light

URamaphosa noZikalala engcindezini ngenxa yemiphumela

Uma bobabili bethatha izikhundla zabo ezinkulu eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC) kwaba nomuzwa wezinguquko. Laba nguMnu uZikalala onguSihlalo ku-ANC KwaZulu-Natal noNdunankulu wesifundazwe noMnu uRamaphosa onguMengameli weqembu neNingizimu Afrika.

Ngasohlangothini lukaMnu uZikalala nowayethatha isikhundla sokuba nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal nesokuba nguNdunankulu kwaba nokujabula ekutheni isifundazwe esaziwa ngesokuba ngontamolukhunu nabalandela amasiko nendlela ethile yokwenza izinto isizophathwa ngumuntu osemusha. Nokho izigameko zakamuva nesezifaka nemiphumela yokhetho sezimcijisele imikhonto uKhuzeni.

Emasontweni edlule ElaboHlanga licaphune umholi weNjeje uMnu uPhumlani Mfeka wakhwela wadilika kuZikalala nobuholi bakhe: “Abantu baKwaZulu-Natal bafanelwe okungcono, uZikalala kumele ahambe ngoba uhlulekile ukuphatha ngendlela isifundazwe,” kusho uMfeka.
Enaba ngesiphakamiso ngalokhu wathi i-ANC KwaZulu-Natal bekuyiyona ebiwumbeki waMakhosi ezingqungqutheleni zikazwelonke kodwa ngemuva kokungena kukaZikalala, uKhongolose esifundazweni wehlelwe amandla wedlulwa ezinye izifundazwe njengoba manje ungasenalo izwi elingu juqu ezingqungqutheleni zikazwelonke. Wakhala kakhulu “ngezinga eliphezulu lokwehlukana phakathi kumalungu e-ANC esifundazweni”. Wathi lokhu kungezwani kwamalungu eqembu kugcine sekuba nomthelela omubi nakwimiphumela yokhetho, okunike intuba namaqembu aphikisayo”, kusho uMfeka.

ElaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi ukuhlehlelwa zikhuni kwe-ANC kwaZulu-Natal sekufake ubuholi bukaZikalala egcindezini njengoba sekukhona ababusola ngokuba yimbangela. Ezinkundleni zokuxhumana amalungu e-ANC angeneme kawafihli ukuthi kunjenje kwenzebani. Omunye olilungu lale nhlangano uMnu uSandile Ngqondo Ngcobo kananazanga ebhala kwezokuxhumana:UNobhala Wesifundazwe owumhlobiso wocingo nimtshele siyambongela, umsebenzi wakhe uthele izithelo; uMasipala uMngeni udliwe yiDA. Ngaphansi koholo lwakhe silahlekelwe yingxenye yesifundazwe koHulumeni Bendawo.”
Kanti elinye ilungu lenhlangano uNks uPortia Tuta uthe kwezokuxhumana: ‘Ngaphansi kobuholi bukaMdumiseni Ntuli noSihle Zikalala i-ANC ilahlekelwe yiKwaZulu-Natal esenyakatho.’

Abanye abakhulume nelaboHlanga nabangathandanga ukuba amagama abo avezwe bathe ibambe ngakho: “Mina ngiyi-ANC kodwa angivotanga ngoba ngeke elami ivoti lisukumise oSihle nobuholi bakhe. Laba abasazi nokuthi siyini basazi uma kuyovotwa. Angingedwa sibaningi esenze njalo futhi akuthi diki,” kusho leli lungu. Elinye lithe indaba ingoZuma.
“Ngesikhathi seseka ubaba (uZuma) sahlukunyezwa sathukwa sabizwa ngemidlwembe ngoKhuzeni. Laba bantu baqhubekile bafaka ubaba ejele uma sekuzovotwa sebenza sengathi bayamkhulula, abaqhubeke bamfake ejele bazobona liyahamba izwe. Thina vele asinalutho uma lihamba koncipha eyabo imikhaba”, kusho leli lungu elithi labe liseNkandla mhla kuboshwa ElaboHlanga.

Nakuzwelonke kuyakhulunywa
Nakuzwelonke izinto azihambi kahle njengoba izinombolo zisho. Ngeledlule elaboHlanga lihlaziye ngengcindezi kaRamaphosa kulolu khetho. ElaboHlanga lakubeka ukuthi ingcindezi enkulu yizinombolo, ukuthi uma zike zehla izibalo zokusekwa kwe-ANC ngaphansi kukaRamaphosa lokhu kuyodala itwetwe njengoba vele nezikazwelonke zehla ngokhetho olwedlule nayilapho yathola amaphesenti angama-57.50% esuka kwangama-62.15% ngowezi-2014 ngaphansi kukaZuma.

URamaphosa wangena ngegagasi lokuthi yena uzolungisa izinto ngesikhathi iqembu lithathelwe omasipala abakhulu nokwahunyushwa ngokuthi abantu abathile bayiqhelele lenhlangano ngoba iholwa nguZuma. Izinombolo zakamuva zikhomba ukuthi uRamaphosa kenzanga kuyaphi njengoba usazika umkhumbi.

Exoxa nelaboHlanga ngoRamaphosa nokwehluleka kwakhe uSolwazi uBheki Mngomezulu uthe ugeje umgodi : “Lezi zinombolo azizinhle neze uma uqhathanisa neminyaka eyedlule. Lezi zibalo zakulolukhetho ziphansi kusuka ngowezi-1994 nokuzofaka ingcindezi iqembu. Izindawo ezisangcono kubukeka kuyiMpumalanga ngoba kwezinye izindawo izibalo ziyaguquka” kusho uDlakadla.

See Also

NgoRamaphosa uSolwazi uthe: “Waqala kabi ngokukhuphula ithemba kubantu ethi uzoguqula okuthile ngaphansi komkhankaso weNew Dawn. Ugcine eseqhamuka nokukhuluma okuthi uzolungisa umonakalo owenzeka ngeminyaka kaZuma. Iqiniso lithi wehlulekile kukho kokubili, izibalo zisho njalo.”

Ephawula ngalokho okubhekene noKhongolose njengeqembu omunye ungoti uSolwazi uSomadoda Fikeni uthe noma ngabe kufakwa bani kuzofana njengoba umdlavuza wezimpi zangaphakathi usulikhumuze kakhulu iqembu.

“Uma uzoqaphela uzothola ukuthi isibalo esiphezulu esatholwa yileli qembu sagcina ngezikhathi zikaMbeki, kusuka lapho iwa labe selibheka umoya. Bheka lokhu kusuka ngowezi-2004, ngowezi-2009, ngowezi-2014 nangowezi-2019 kuze kube namuhla,” kusho uSolwazi. Uqhube wathi: “Leli yiqembu elisempini yomkhaya, empeleni ngiyamangala ukuthi namanje lisamile nokusho khona ukuthi izethenjwa zeqembu zisayibambile kunzima kunjalo. Basekhona ngisho sebezwe wonke amahlazo kuZondo, sekwenzeke izibhelu nokubulalana bodwa. Impendulo lapha ikuwo amalungu nabaholi beqembu, asisekho isikhathi sokuthi kuthiwa kungenxa yaloya mholi noma loyaya, basobishini bonke,” kuphetha uSolwazi uFikeni.

Kulindeleke ukuba le miphumela ifake ingcindezi kuRamaphosa noZikalala njengoba kuyiwa okhethweni lwangaphakthi. Akuyoba imfihlo ukuthi leli qembu lihlukene phakathi kulabo abaseka uRamaphosa nalabo abambuka njengomuntu ‘owakhaphela’ uZuma. UZikalala nobuholi bakhe bake basolwa ngamanye amalungu ngokungameseki uZuma.

Scroll To Top