Now Reading
URamaphosa unqumele ugwayi katiki uMashaba
Dark Light

URamaphosa unqumele ugwayi katiki uMashaba

NGAPHAMBI kokuthi atheleke elokishini e-Alexander izolo uMengameli uCyril Ramaphosa, bese zivele ziqalile izinkulumo zokuthi ukuhambela kwakhe kule ndawo kugqugquzelwa kakhulu ukukhankasela iqembu lakhe njengoba zisondela izinsuku zokhetho.

Amaqembu aphikisayo ikakhulukazi iDemocratic Alliance (DA) okuyiyona ephethe kuMasipala waseJohannesburg efolosa ngoMnu uHerman Mashaba ne-Economic Freedom Fighters (EFF) ebambisene neDA ekuphatheni bathe akukho okuzelwe uRamaphosa kule ndawo ngaphandle kokuzokhankasela iqembu lakhe, futhi ne-ANC kuzwelonke iyayeseka imibhikisho yomphakathi e-Alexandra.

Izolo kume nse ukusebenza kuleli lokishi umphakathi ulindele uMengameli nomyalezo wakhe emuva kombhikisho wangesonto eledlule owamisa ukusebenza, kuvalwe imigwaqo ngamathayi avuthayo umphakathi ukhala ngokuthi kunabathile abagxumeka imijondolo emagcekeni abo.

Kukhona konke lokhu wawusola iMeya uMashaba ngokungayikhathaleli le ndawo nokukhetha iphela emasini uma kulethwa intuthuko. UMengameli uRamaphosa utheleke kule ndawo egqoke izingubo ezinemibala ye-ANC okube izinkomba zokuthi uzokhankasa.

Ngaphambi kokuya lapho bekuhlanganyele khona umphakathi, uqale ngokuphuma engena umuzi ngomuzi enxenxa abantu ukuba bavotele uKhongolose.

Ngesikhathi esefi ka lapho bekuhlanganele khona umphakathi uRamaphosa wamukelwe ngengoma kwachwaza, kushaywa namakhwela yizinkulungwane zabantu obekukhona kuzo abagqoke umfaniswano we-ANC.

Ethula inkulumo yakhe unqumele ugwayi katiki iMeya uMashaba ukuba aphendule ngokushesha kwizikhalo zomphakathi nezimfuno zawo ngoba akazimisele ngokuzwa amathizethize nokubika imbiba nebuzi.

Uchome uphaphe lwegwalagwala abagqugquzeli bombhikisho i #AlexTotalShutdown ngokuveza zonke izinto ezihlukumeza umphakathi.

“Ngizibonele indle igeleza kuzona zonke izindawo emgwaqeni. Lena yinto esingeke sayibekezelela. Kwakukhona nelinye idolobha eNorth West lapho indle yayigeleza khona ezitaladini kwaze kwathi ekugcineni sacela abombutho wezokuvikela ukuba bangenelele balungise isimo,” kusho uRamaphosa inkulumo yakhe eyenanelwe yihlombe.

Utshele izakhamuzi zalapha ukuthi akakafuni ukuthatha leso sinqumo sokuthumela amasosha ngoba usafuna ukunika umasipala ithuba lokuba ulungise wonke umonakalo odalekile wendle kule ndawo.

“Ngifuna ukunika iMeya noMasipala ithuba lokuthi ezinsukwini ezingezingaki ezizayo beze kini bezosho ukuthi le nkinga bayilungisa kanjani,” kusho uMengameli.

Uthe into emphule umoya ukubona ukungcola endaweni ehlala abantu. Uthe lona ngumsebenzi kahulumeni wendawo.

Uthe bonke abaholi kuwona wonke amazinga kumele bazinuke amakhwapha ngokwenzeka e-Alexandra ngosizi nenhlupheko abantu bakhona abaphila ngaphansi kwayo. Ubuye wazwakalisa ukunengeka nangabantu bokufi ka abagxumeka imijondolo onqenqemi lomgwaqo e-Alexandra wathi iNingizimu Afrika iyizwe elibuswa ngomthetho.

Uthe uzibonele ngowakhe uthuvi e-Alexandra futhi ufuna umasipala oholwa yi-DA usilungise lesi simo.

See Also

Ilungu lePhalamende le-EFF u-Advocate uDali Mpofu uthe kusobala ukuthi imibhikisho yase- Alexandra ingumshoshaphansi we-ANC. Uthe uma uRamaphosa ubeneqiniso ubezoya kuleli lokishi njengoMengameli wezwe, hhayi njengoweqembu.

Umholi we-EFF uMnu uJulius Malema uthe okwenzeka e-Alexandra kungumkhankaso ocashile we-ANC okuzothi ngokuhamba kwesikhathi ushaye kulona iqembu.

“Awubayeke benze konke lokhu kodwa kumele bagawule babheke ngoba lento izogcina isikapakele nakomasipala ababaphethe,” kusho uMalema.

Weleke ngokuthi uMashaba kwakumele aye emphakathini eyothatha incwadi yezikhalo ngesikhathi ezwa ukuthi kukhona umoya wokungahambi kahle.

“UMashaba akacabangi kahle. Kwakumele aye emphakathini ngosuku lwesibili, akukho okwakuzokwenzeka. Kwakumele aye emphakathini aphoxeke bese kuyadlula. Uma ungumholi akumele ukusabe ukuhhahhanyezwa nokuphoxwa,” kusho uMalema.

UMashaba uthi uhlela ukuhambela e-Alexandra ngoMsombuluko. Ugxeke uRamaphosa ngokungaphenduli encwadini ambhalele yona ehlela ukuthi kube nomhlangano wokubonisana ngalolu daba bahlele nosuku lokuya ndawonye kule ndawo.

Uthe ukuthula kwakhe kuyizinkomba zokuthi yonke le mibhikisho igqugquzelwa yipolitiki.

Scroll To Top