Lusenzima olomcebo wase-Ethiopia nowe-Afrika
UBhengu ungumbhali wezincwadi. Kemet: The Genesis of Genesis, AmaZulu: Ancient…
INTSHONALANGA ayigcinanga ngokukucindezela abantu boHlanga base-Afrika kodwa yaqhubeka yantshontsha izinto eziningi ezazingamagugu abo. Isibonelo ngumbiko obhalwe kwiphephabhuku iThe Ancient History eyashicilelwa zinhlanu kuMbasa ngowezi-2018, olotshwe ngu-Alicia McDemott lapho eveza khona izinto ezingamagugu ase-Ethiopia ezantshontshwa ngowe-1838 ngenkathi umkhuzi wempi wamasosha aseBritain uSir Robert Napier egasela kungalindelwe endaweni yaseMaqdala e-Ethiopia ekhashwa amasosha ayizi-13 000.
Phakathi kwezinto ezantshontshwayo kwaba umqhele wesintu owawugqokwa iZingonyama zaseNdlunkulu kuphela, umgexo wesintu waseophambili owawakhiwe ngegolide waseBukhosini base-Ethiopia, nengubo kanokusho yomdabu eyayigqokwa oNdlunkulu base-Ethiopia, kanye nendebe yewayini eyigolide eyayakhiwe nguWalda Giyorgis owayedume ngokwakha izinto eziningi ezazingamagugu aseNdlunkulu yase-Ethiopia. Okunye kwaba yimali eyayibalelwa ezigidini.
I-Ethiopia kuze kube yimanje iyancenga kuVictoria and Albert Museum eLondon ukuthi mabazibuyise lezi zinto ezingamagugu. Isicelo sayo kuze kube yimanje asikavunywa.
Echaza lowo omele i-Ethiopia, uMnu uHailemichael Aberra Afework uthi yaqala ukuyilwa le mpi yokubuyiswa kwamagugu athathwa eMaqdala eminyakeni eminingi edlule emandulo. Ophethe le ndawo yokugcina amagugu aseBritain, uMnuz uTristram Hunt, uthi kuyiqiniso ukuthi isenzo esenziwa umkhuzi wempi yamaNgisi ngalezo zinsuku kwakuyinto eletha ihlanzo nechilo.
Kubikwa ukuthi lezi zimpahla ezathathwa amasosha aseBritain zaziningi ngendlela yokuthi kwadingeka ukuba kutholakale izindlovu ezili-15 kanye neminyuzi engama-200 ukuze bakwazi ukuzithatha ziyofakwa emkhunjini seziya eBritain.
Kuyamangaza ukuthi iNtshonalanga yayizithanda kakhulu izinto zase-Afrika kodwa abantu boHlanga base-Afrika yayingabafuni. Sikubonile lokhu ngenkathi kuthathwa imibhoshongo yaseKhemethi iyiswa eRome. Kuyacaca ukuthi ukube amazwe aphesheya ayengakwazi ukuthatha amaphiramidi aseGiza ayengawathatha nawo.
Sikhuluma ngezikhathi zasemandulo lapho iNtshonalanga yayingakaphucuzeki kodwa iKhemethi kanye ne-Ethiopia base bephucuzuke kudala.
Idolobhakazi i-Alexandria elalakhiwa lapho sekukhona iMorroco yilapho zonke izinto ezingamagugu zase-Ethiopia naseKhemethi zaziqoqelwa khona bese zifakwa emikhunjini zithunyelwa phesheya. Ukuba babekwazi ukuthatha imiqondo yabantu baseKhemethi babezoyithatha. Iyona nto kuphela leyo abahluleka ukuyithatha. Yonke le mizamo yokuthatha amagugu ase-Afrika kwakuyimizamo yokuqeda ubumqoka bomAfrika ne- Afrika yonkana. Ukube kuya ngokwabelungu ngabe uJesu wayemhlophe futhi ezalelwe kwelabelungu, kodwa ngeshwa labo wazalelwa e-Afrika. Yikho lokhu kuze kube yinamhlanje, uJesu ukhonjiswa emifanekisweni eminingi enjengomuntu owayemhlophe engumlungu. Sesiyazi manje ukuthi wayengeyena umlungu kodwa wayexube ukuba ngumAfrika nobuNdiya. Ukuze bakwazi ukumkhonza abelungu kwadingeka ukuba bamguqule abemhlophe ngoba babengeke bakwazi ukukhonza uJesu omnyama.
Singabala okuningi okwantshontshwa e-Afrika ngabelungu bakuyisa emazweni abo. Singakhohlwa kanjani ukuthi inkolo yobuKhrestu eyaqala e-Afrika, bayithatha bayijika ukuze ibonakale kwangathithi ivela kubona. Ubusela lobu yinto endala emhlabeni.
Ulwazi olwaya eNtshonalanga, luntshontshwa abelungu lwaba luningi ngendlela engakachazeki nanamhlanje. Buka nje ulwazi olwaluqukethwe yimiqulu yezincwadi ezazingama-42 zeHermes, namhlanje lolo lwazi lulethwa kithina njengolwazi oluvela eNtshonalanga, abangabe besasho ukuthi ulwazi lolu oluvela e-Afrika. Bunjalo-ke ubusela.
Cabanga ngolwazi olwantshontshwa ngosolwazi bamaGriki, bathe nxa sebefi ka kwelakubo balubiza ngolwazi lwabo. Nxa ngenza isibonelo uPythagoras washumayeza umhlaba wonke ukuthi nguye owaqhamuka nokuthi umphefumulo womuntu awufi kodwa nxa eshona umuntu uyaphuma kuye uphindele ezulwini.
Iqiniso elikhulu nelibalulekile ukuthi ulwazi lolu olwavela nabantu baseKhemethi okuyibo abafundisa uPythagoras lolu lwazi. Lonke ulwazi olwaluqukethwe ngosolwazi baseGreece abafana noPlato, uSocrates, u-Aristole, uThales, u-Epicurus, uDiogenes, uPlotinus, uPlutarch baluthola eKhemethi ngoba bonke bafunda khona hhayi eNtshonalanga.
Incwadi ethi The Genesis of Greek Enlightenment ichaza kahle kamhlophe ukuthi ayikho into eyayaziwa yiGreece andukuba ithumele izinjulabuchopho zayo ukuba ziyofunda ezikoleni zaseKhemethi. Yilapho zancela khona ulwazi oluningi lwaseKhemethi.