Now Reading
AbakwaMgai sebethembe amaqembu ezepolitiki
Dark Light

AbakwaMgai sebethembe amaqembu ezepolitiki

UMPHAKATHI wakwaMgai eSezela ngaphansi kwesiFunda uGu osekuneminyaka ulwela ukubuyiselwa udedangendlale womhlaba wawo othi wanikezwa inkampani kashukela iSezela Sugar Mill usuzilahle emaqenjini aphikisayo ezepolitiki ukuba awulekelele esicelweni sawo ngoba ukholwa ukuthi uhulumeni neqembu elibusayo bayathalalisa ekuwutakuleni. Indawo yakwaMgai isebangeni elingamakhilomitha angaphansi kwamahlanu uma uchezuka kuthelawayeka uN2 eSezela.

Phambilini umphakathi walapha ubuziphilisa ngokutshala umoba, kuthi labo abangenawo umhlaba beqashwe inkampani kashukela eyakhelene nabo iSezela Sugar Mill. Lo mphakathi ungomunye kweminingi okwathi ngokufika kwenkululeko wafaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba.

Impilo yalo mphakathi ishintshile ngesikhathi kuthathwa umhlaba njengoba ingxenye enkulu yawo yafakwa ngaphansi kwenkampani yakwashukela eyawusebenzisela ukutshala. Ngeledlule umphakathi ubambe imashi uqonde kwaShukela uyodlulisa izikhalo zawo ngokungabuyiselwa umhlaba.

Phakathi kwezikhalo zomphakathi ufuna ukubuyiselwa umhlaba wawo, nokuthi iBhunu elibizwa ngoMshayazafe elahlomula ngengxenye yomhlaba lawunikeza abalimi boHlanga liphume kule ndawo kanjalo nabalimi ngoba basebenzisa umhlaba wakwaMgai. UMnu uBheki Msani onguSihlalo wesikhwama iMgai Trust uthi okunye abakufunayo ukuba abomshini iSezela Mill ubabuyisele imali yabo athi bayidla behlangene noMshayazafe kuphinde kususwe isikhulu esibhekela ezemihlaba KwaZulu- Natal uMnu uBheki Mbili amsola ngenkohlakalo.

Ohlwini lwezikhalo zomphakathi uMsani uthe ngenxa yezinkinga ababhekene nazo umphakathi uze wacela amaqembu aphikisayo njenge- Economic Frredom Fighters (EFF), iDemocratic Alliance (DA) ne-Inkatha Freedom Party (IFP) ukuba babasize.

“Abantu ngeke baye kovota okhethweni uma uMnyango Wezemihlaba ungalulungisi udaba lakwaMgai, kungenjalo bazovotela amanye amaqembu.” Ngaphambi kwale mashi umphakathi wakwaMgai obuthukuthele uphazamise ukusebenza kwamaloli kamoba okugcine kuholele ekutheni unqindwe ekumasheni wabekelwa nemibandela enqala.

Izikhalo zomphakathi zamukelwe uMnu uNhlanhla Mndaweni wehhovisi lezomhlaba KwaZulu-Natal, kodwa okube nezikhalo ngokuthunywa kwakhe ngoba kunomoya wokuthi leli hhovisi yilona elibambezela ukuphothulwa kwesicelo somphakathi ngenxa yenkohlakalo.

UMndaweni uthembise umphakathi ukuthi izikhalo zawo uzozidlulisela eminyangweni efanele kungekudala. Ngokuthola kweBAYEDE isicelo salo mphakathi saphumelela wagcina unxeshezelwe ngemali engaphezulu kwezigidi ezi-5 zamarandi okwakudinga ukuba ihlukaniselwe yonke imindeni eyathinteka ngesikhathi isuswa endaweni.

See Also

Kuthiwa imali yaphuma kwavunyelwana ngokuthi ayigcinwe kwaShukela eSezela Mill.

Ekhuluma naleli phephandaba ngonyaka odlule uMgcinimafa wesikhwama iMgai Trust uMnu uSphiwe Chiliza wathi, “Ngesikhathi sesilandela sithole ukuthi yonke imali ikhishiwe. Sikhuluma ngemali cishe eyeqile ezigidini ezi- 5 zamarandi. Imihlangano eminingi yomphakathi ebibizwa kuzoxoxwa ngalolu daba ibigcina ngokubhuntsha ngomzuzu wokugcina okugcina sekukhona amalungu omphakathi anuka labo abasekomidini ngokuthi banolwazi ngokunyamalala kwemali ngoba nezizathu zokubhuntsha kwemihlangano bezingazwakali,” kubeka uChiliza.

Umphakathi uthi angeke uphele amandla udaba lwesinxephezelo sawo lungakacaci ngoba kusobala ukuthi ukhona umacashelana odlalwayo abantu abasebumnyameni yibona.

Scroll To Top