Now Reading
UZwelinzima Vavi: Isakabuli noma isishoshovu?
Dark Light

UZwelinzima Vavi: Isakabuli noma isishoshovu?

Iyahlukana imibono ngalo mholi, kwabanye ungumalamulela kanti kwabanye ngunontandakubukwa

 

INKULUMO kaMnu uHenry Kissinger owayengusomaqhinga  waseMelika ethi elaseMelika kalinabo abangani bangunaphakade noma izitha zangunaphakade, licishe liyisonge impilo kaMnu uZwelinzima Vavi. Le nsizwa engeyokudabuka esifundeni saseNorthern Cape  iyintandokazi kanti kwabanye kanti iliqaqa kwabanye. Okwenza kulabo abangeneme ngobuholi obukhona enhlanganweni ebusayo i-African National Congress (ANC), uVavi ungumlamuleli omi phakathi ‘kwenkohlakalo’ kanye nobulungiswa. Kanti kulabo abangayizwa kahle eyalo mholi, ungunontandakubukwa okwathi ngoba esephelelwe wugazi ngaphakathi ku-ANC wabe eseduba waqoma ukuphuma inxiwa.

Noma kunjalo bambalwa abangaphika ukuzikhandla kwakhe ekwakheni izinyunyana kanjalo nokuba ngumkhulumeli wezinkulungwane zamalungu enyunyana eyisikhondlakhodla kuleli iCongress of South African Trade Unions (Cosatu). Kusuka ngonyaka we-1998 lapho lo mholi aqokwa njengonobhala wesifunda saseTransvaal, wakhuphuka waba yisekela likaNobhala Jikelele wale nyunyana kusuka ngowe-1993 kuya kowe-1999, ukusebenza kwakhe bekubonakala. Yilokhu okwenze ngonyaka we-1999 amalungu eCosatu amqoka ukuba abe nguNobhala Jikelele wale nhlangano ethatha kuMnu uMbhazima Shilowa.

Ngaphandle kwezindaba zabasebenzi udume kakhulu njengomunye walabo ababesesifubeni sempi eyayivikela uMengameli uJacob Zuma kulokhu ababekuchaza njengempi ephakwe nguMengameli waleso sikhathi uMnu uThabo Mbeki.  UVavi ongafihli ukuthi wayeyinyanya inqubomgomo kahulumeni kaMnu uMbeki wayeshiya angalazi kulo mholi nxa ethole ithuba, wayeze amnuke ngokuthi wonke amacala ayebhekene noMnu uZuma aphekwe nguye uMbeki nezakhe.  Ngaleso sikhathi lo mholi nabanye abafana noMnu uJulius Malema kanye noDkt uBlade Nzimande babezibeke ‘njengabavikeli’ bakaMnu uZuma okwasekunesithombe sokuthi uyanyundelwa.

Lo mholi weCosatu wabamba iqhaza elikhulu ekuqinisekiseni ukuthi abasebenzi baba lihawu likaZuma ngezikhathi ezinzima. Kweminye yemikhankaso yakhe ngaleso sikhathi uyezwakala ethi: “akekho oyomisa uZuma ngoba uyiTsunami” lapha wayemfanisa nesishingishane esinamandla.

Nokho eminyakeni ecela eshumini lokho kwenzeka ube eseshaya ungqimphothwe okaVavi ngesikhathi ‘esexolisa’ kuMnu uMbeki ngosuku lwakhe lokuzalwa, lapho uMzizi ayegubha iminyaka engama-73. Ekhuluma nesiteshi somsakazo iPower FM uVavi wathi: “Ngangikholwa ukuthi amacala ayephekwe nguMbeki neqeqebana labalandeli bakhe… kepha eminyakeni elishumi kangisakholwa kulokho. Ngiyaxolisa kuMnu uThabo Mbeki, ikakhulukazi namuhla njengoba kuwusuku lwakhe lokuzalwa.”

Ukushaya ungqimphothwe kukaVavi kuhlangene nezimpi zangaphakathi ku-ANC neCosatu. Ezinyangeni ezedlule iCosatu ikhiphe isinqumo sokumisa uVavi esikhundlelni ngenxa yezinsolo ezibucayi. Selokhu kwaqala izinhlelo zokumqondisa izigwegwe okaVavi kuya lapho emiswa khona  mhla zingama-30 kuNdasa 2015  lapho izinyunyana ezingama-31 zavotela ukuthi amiswe kwathi eyodwa yathi akungenziwa ubesevele elikhiphile elokuthi uzophuma inxiwa yena nezakhe ezihlanganisa inyunyana yokusansimbi iNumsa eholwa nguMnu uIrvin Jim.

Kepha okunye aphezu kwakho uVavi wukhukhulelangoqo wenhlabaluhide ehlose ukuqhakambisa ukwanda kwenkohlakalo kuleli nebizwa ngokuthi yiMarch Against Corruption. Lokhukhulelangoqo umbandakanya izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kanye nalezo zinyunyana ezingaphansi kweCosatu ezeseka uMnu uVavi.

See Also

Akukho ukungabaza ekuthini ngokuhlela lo khukhulelangoqo uMnu uVavi uqondeni. Njengomuntu osemnkantshubomvu kupolitiki yakuleli uyazi ukuthi iningi labantu bazo zonke izinhlanga bakhathazekile ngesimo sobugebengu nenkohlakalo kuleli. Ngakho uyazi ukuthi nxa egxila kulolu daba baningi abayomeseka kungakhathaleki ukuthi bavela kuziphi izinhlangano.  Ngakolunye uhlangothi uma lo mkhankaso uphumelele uyokwazi ukuqhelisa abantu kuCosatu nayisola ngokuthi vele isiqhelile ezimisweni zayo.  Kulabo ababona leli lizwe licwile enkohlakalweni uVavi uliqhawe labo.

Ngakolunye uhlangothi kukhona abamsola ngokuthi lokhu kwalo mkhankaso wokulwisana nenkohlakalo yindlela nje yokuba enze iphalishi kwazise akasatohozi kuCosatu ebimholela nyanga zonke. Kulabo abanalo mbono uVavi akwenzayo akukhona ukumela nokulwela abakuleli kepha uzivulela ithuba lomsebenzi ngoba angase axhaswe izimpunyela zakwamanye amazwe ezixhasa izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni.

Noma ngabe umahlulela ngaliphi okaVavi, iqiniso elingephikiswe wukuthi ungomunye wabantu ababe yisithako esimqoka kupolitiki yakuleli ikakhulukazi ngasohlangothini lwabasebenzi nezinyuyana. Kepha kungekudala umlando uzomehlulela ukuthi ngabe ulisakabuli, umuntu ongenamgogodla nothanda ukubukwa noma kambe uyisigagayi nesishoshovu esilwela ubulungiswa ezweni elikhungethwe yizinkinga.

Scroll To Top