Lubuye ngephepha uSuthu ku-Absa Premiership
Amazulu FC abuye ngezinkani ku-Absa Premiership. Lokhu kubikwe iPremier Soccer League (PSL) esitatimendeni izolo. Ngemva kwesikhashana kunamahebezi athi uSuthu lufisa ukuthenga isitifiketi seThanda Royal Zulu, izolo iPSL igcine ikuqinisekisile ukuthi ukudayiselana sekwenzekile, nokuthi iPSL iyakwemukela.
Ngokwesitatimende sePSL, kulotshwe kanjena: “Iqembu ebelaziwa ngeThanda Royal Zulu, lizodlala ku-Absa Premiership ngaphansi kwegama elisha njengoba lizobizwa nga-Amazulu Football Club, futhi lizozinza eThekwini.
“IPSL iyakuqinisekisa ukuthi iqembu elaziwa ngeRichards Bay Football Club lizoyibamba kuNational First Division (NFD) ngesizini ezayo, kanti iPSL iphinde yakuqinisekisa ukuthi elinye lamaqembu ebelaziwa ngeFC Cape Town lisazoqhubeka nokudlala kuNFD, kepha umehluko ukuthi selizokwaziwa ngegama elisha u-Ubuntu Cape Town Football Club,” kusho isitatimende.
Lezi zindaba zizokwemukelwa kahle iNdlunkulu kaZulu, kanjalo nabalandeli boSuthu, abafa olwembiza ngesikhathi leli qembu ligawulwa yizembe esigabeni esiphezulu kuleli eminyakeni emibili eyedlule, ngemva kokuvumelana kwesigungu esiphezulu kuPSL iNational Executive Committee.
Olunye lwezinkinga obekusolakala ukuthi luzoba yisihibe ekusayinweni kwalesi sinqumo, ukuthi abadlali beThanda bebezokwenzenjani njengoba bebexosha ikati eziko ngemali abebeyithola kuMabhubesi. Nokho uSuthu lugcine ngokuthi luzobasayina laba badlali, nakuba kungeke kube yibo bonke.
IThanda yenyukele ku-Absa Premiership ngesizini eyedlule, ngemva kokuzidlela amahlanga beqhwakela kuNFD beshiya amanye amaqembu ngamaphuzu ali-12.
Kepha uMandlakazi, uthwale kanzima kuNFD uphuma isihlanu kulogi yeNFD, wehluleka ingcaca nawukuthola indawo kumaplay offs esigabeni seNFD.
Ukudayiselana koSuthu neThanda ngokwesibili, eminyakeni emibili ilandelana, njengoba neCape Town City FC ithenge isitifiketi seMpumalanga Black Aces ngonyaka owedlule.