Now Reading
OMdala uthi uZulu akakhonzi kwezinye izizwe
Dark Light

OMdala uthi uZulu akakhonzi kwezinye izizwe

“INDLUNKULU ekhona phakathi kwethu. Mntwana wakwaPhindangene. UNkosi yaseCongo eyisimenywa sami, aMakhosi nezinhlaka zoBukhosi. UMphathiswa uNomusa MaDube Ncube, abamele uHulumeni waKwaZulu- Natal nokazwelonke, izimeya namakhansela, Zulu ondlela zimhlophe ngiyabingelela.

Ngingakayiqali inkulumo yami yosuku ngiyafisa ukubabaza lokhu engikuzwe ukuthi kwenzeke eMkhumbane. Ngokwemibiko ingxenye yamaHhovisi akwaCogta abhujiswe ngomlilo. Ngiyathola ukuthi kula mahhovisi kukhona nalawo ahlinzekela aMakhosi.

Nginesiqinisekiso sokuthi inhloso bekungekhona ukuhlasela aMakhosi kepha yize kunjalo ngilokhu ngikhathazeka ukubona abantu sebeqoma umlilo kunezingxoxo. Yize imininingwane singakayazi yonke ngalesi sigameko kepha kuhle sikhuze ulaka kuthi khona lapho sinxuse uHulumeni ukuba abheke lezi zinto zisekude ngoba kwenye inkathi ukukhuluma amanzi esengene endlini akusizi.

Ukuze kutholwe isixazululo sokugcina kulezi zimo kuhle noBukhosi bufakwe. Futhi kule ndawo yaseMkhumbane yilapho kulele khona iNdlovukazi engizalayo kuyobe akuqali ukungenelela koBukhosi nokugcina ngesixazululo sokugcina. Ngonyaka we-1949 lapho ulaka lwabantu lwaphetha ngokuthintana kwamaNdiya naboHlanga, ulaka lwadanjiswa wukungenelela kukaBhusha nowajuba aBantwana nezinduna ukuba kuyobhulwa umlilo. Naku lokhu sikhona ukwenza okufanayo ngoba ukuthula kungokwethu. Sihlalo neNdlu ehloniphekileyo sihlangana ezikhathini ezimqoka ezweni nasemlandweni wethu. Ngokwezombusazwe nonyaka sibungaza iminyaka engama-25 sasuka kumbangazwe sangena kumbusazwe. Akuyona imfihlo ukuthi amaZulu ahuzuke kakhulu kulezi zikhathi zombili. Ngezikhathi zombangazwe yithi esabe sisekhaleni lempi nokwasenza saba nyamanambana kubacindezeli.

Ukuboshwa, ukudingiswa kwaMakhosi alesi sizwe kuwubufakazi besandla sonya esabe sidedelwe kithi njengoZulu. Akugcinanga lapho njengoba uZulu oyizizukulwane zaMakhosi oselwa namadelamzimba kwathi ngonyaka we-1912 wangena esigabeni sesibili somzabalazo.

Ngithi lesi kwabe kuyisigaba sesibili ngoba esokuqala kwaba yileso esabe siholwa wuBukhosi kwathi lesi sesibili saholwa ngamaqembu ezombangazwe. Kulesi sigaba sesibili uZulu uhlukumezeke kakhulu. Semukwe intuthuko, sajivazwa sabuye sahlukaniswa phakathi. Okwaba buhlungu kimi kwaba wukubona izingane zendoda, uZulu ubondana wodwa odlameni olwaziwa ngolomnyama komnyama.

Namuhla kubungazwa iminyaka engama-25 nje ngiyazibuza ukuthi kukhona yini okwehlukile. Ukuba uZulu ubeyisilwane ngabe ukuboshwa ngeketanga kwezikhathi zobandlululo kwehlukile yini kunokuphila esiqiwini lesi okuthiwa ngudemokhrasi?

Yebo, ngiyavuma amaketanga agqashuka ngonyaka we-1994. Sabizwa ngezakhamizi zezwe elilodwa kepha okwenzeka phambi kwamehlo ethu kushiya umbuzo ngohlobo lwenkululeko okuthiwa sikuyo. Okwafelwa ngoyihlo endulo kwabe kungekhona ukukhuluma nje kuze kuvele amankanka kepha kwabe kungumhlaba kanye nesithunzi. Koyihlo uBukhosi babe bumele isithunzi, kumele nomhlaba. Yiwo lomhlaba owabe uyingubo yethu lina, libalele ngisho sesiya kobandayo. Kungalesi sizathu ngithi Zulu asizibuze ukuthi sikhuphi? Yikho yini lokhu okwafelwa ngoyihlo. Umbono wami uthi izwe lidinga uBukhosi. Osopolitiki okuyizingane zethu bayasidinga. Izwe lethu liyaxokozela, ubunye abukho kubaholi, kuHulumeni nasemaqenjini. Iqiniso lithi kwezinye izimo abasakwazi ukuzelapha abantwana bethu abangosopolitiki. Iningi labo lilahlekelwe wukuzihlonipha nokufakazelwa ngamachilo esiwezwa kukhulunywa ngawo. Uma kuqhubeka kanje leli lizwe elafelwa labunjwa ngegazi likaZulu liya kwalasha. Okubi nokakhulu wukuthi lifa ngesethu isikhathi futhi kubhujiswa noBukhosi okuyiyona nsika yesizwe.

Akudingi nginikhumbuze ngemikhuba egilwa kini nakimi ngabantu esibazalayo. Kepha ngisho kunjalo ngithi akekho umzali olahla ingane yakhe nathi njengoBukhosi asikwazi ukulahla izingane zethu lezi ezingosopolitiki. Ngiyazi iningi lazo linenkani, liyazazi ngamaqhude ukuzibeka. Kepha yize kunjalo asikwazi ukubayekelela. Lapha nje odabeni lomhlaba badideke impela kabazi benzenjani, ekuseni bakhuluma lokhu, emini kube ngokunye lithi lapho lizilahla kunini kube sekungokunye.

Thina njengoBukhosi singabokugcina ukushiya udaba lomhlaba kubantu abadidekile. Uma singayeka lingafa ngathi kanti futhi abayothwala icala yithi ngoba amadoda asizalayo ayobuza kithi hhayi emaqenjini nakusopolitiki ngoba awabazi. La madoda azi nina ngoba nihleli futhi nimi lapho ayemi khona.

Kithi ashiya isizwe esihlanganisa nosopolitiki. Lokhu engikusho namuhla kusuka enhliziweni. Umlayezo wami kosopolitiki uthi abasondele kwabo ngoba uBukhosi buyikwabo. Yithi esiyosala sebehambe bonke abanye. Yebo okwamanje nisabuka uBukhosi njengesithiyo kepha iqiniso lithi yithi abakwenu bempela. KuMengameli wezwe noHulumeni wakhe ngithi yithi abokugcina, sondelani kithi. Ungavumi Mengameli amahalanjonjo, aseduze kwakho, nathe ukuqhela akususe kithi.

Emaqenjini onke epolitiki ngiwakhumbuza okufanayo ukuthi amaZulu njengesizwe ayayazi into angayimela kuze kube sekugcineni. Umhlaba noBukhosi yinto yokugcina kumuntu onguMzulu ngakho yazini ukuthi ofuna ukuphumelela akakwazi ukushiya uZulu ngemuva. Ngiyazi abanye bazosola lenkulumo yami bathi ngicheme noZulu. Lokho kimi akuyona inhlamba, yimi uZulu wokuqala. Yimi engiyoma phambi kwezinyandezulu nakuMdali ngiphendule ngalesi sizwe.

Khona lapha ngiyazi abanye abantu bacabanga ukuthi ngithambe kakhulu kepha iqiniso lithi uma ngingasuka lapha ngimi khona luyonidla ulwandle. UZulu lona engamila phakathi kwawo ngiyawazi njengoba ngizazi. Kukhona osekwenzeka nosekuwenza axwaye, usuzibona ungoxoshiwe namavezandlebe ezweni lawo.

Izenzo zabanye eNingizimu Afrika zakha isithombe sokuthi kuyisono ukuba nguMzulu nokuba yingxenye yoBukhosi. Kuthangi lokhu besiphunga abanye abebesho ukusisobozela besijezisela ukuthi sinomhlaba. Noma simile yingakho belu ubuqotho baMakhosi noZulu wonkana enama nami mhla ngidweba umugqa Ondini mhla zizine kuNtulikazi ngonyaka owedlule.

See Also

Emuva kokuyihlelisa eyabafo, Sekuvuka eyabanye nabo abanhloso yabo kuyikho ukusithena. Pho bathena obani, izindlamvuzo zaleli lizwe! Laba basiyisa enkantolo ngakho belu ngoba ngiyahlonipha ngithe abaphendulwe enkantolo leyo yize abanye bebethi akukhonjwe inkundla livikelwe kube kanye, bethi sesingamane sithethe amacala. Ngakolunye uhlangothi ngijube ukuba ake kuyiwe enhlabathini kubantu ngoba sekumele le nto manje siyiqede okokugcina asizolokhu sivika amanketshane lapha esenza iminqolo kwethu. Asifuni ukuhamba izinkantolo sifuna ukulima nokwenza izikhungo zokuthuthukisa isizwe nomphakathi kuwo wonke amazinga.

Ake kuyekwe kulokhu kudonsiswana ngoba lokho kubambelela intuthuko. Khona lapha Ondini sekuqaliwe kulungiswa ishashalazi lapho kuzosuka khona isibhedlela esizobizwa ngeKing Cetshwayo Memorial oLundi esizokwakhiwa yithimba eliholwa nguMnu uThulani Mongo. KwaNongoma kwakhiwa isikole esikhulu sabakhubazekile, okungesabafundi abanezidingo ezikhethekile zokufunda lokhu enithi yiLearners with Special Education Needs. Uma ngibalula lezi zinto, iyona ntuthuko engikhuluma ngayo nesiyifunayo kulo mhlaba wokhokho. Ezinye zezinto engangikhuluma ngazo ngosuku lwami lokuzalwa nyakenye. Sisafuna okunye okuningi.

Lezi zikhungo zifuna abantu abafundile, yingakho Zulu ngithi ‘Fundani. Buyani emadolobheni nizothuthukisa izindawo zangakini kungafiki abokuhamba bathathe izikhundla zenu’. Ngiyafisa futhi i-Ingonyama Trust Board isebenzisane naMakhosi ukwamukela intuthuko yemibhoshongo yokwezokuxhumana ama-Ecx Towers for Network namaYes Kiosk ezindaweni zaMakhosi okulethwa yiBayede Heritage Trust. Nathi ezindaweni zethu singabi omvakwezinye.

Yingakho ngithi asingachukuluzwa, ngoba uZulu akakaze abe umnqolo. UZulu akakhonzi kwezinye izizwe, yebo angaba yilungu leqembu noma ibandla kepha unguZulu kuqala. Kulelo qembu yazi ukuthi ukwenza kwakho kubhekiwe ngoba lomuntu othi yilungu lakho nguZulu. Ngiyakubonisa uma ngithi qaphela ngoba sekukhona okumsolisayo, uZulu usenakho ukuthi muhle uma kuvotwa, muhle uma kusetshenzwa kepha uma kubuswa usolwa ngokuzigqaja ngokuba yilokhu oselokhu kwathi nhlo uyikho. Njenge nhloko kaZulu ngeke ngivume kudlalwe ngaMakhosi kaZulu. Ngeke ngivume kudlalwe ngezinduna zikaZulu, futhi ngeke ngivume kudlalwe ngabesilisa nabesifazane abangamaZulu. Ngiyofa lapho befa khona ngoba nabo ngiyazi egameni loyise bayokwenza njalo. Sengiphetha ngifisa ukukhuluma ngokwethembana ngoba ngibona sengathi uma kushabalala sizohlukana phakathi. Makhosi impi iphakiwe yokuba kudalwe ukwehlukana phakathi kwethu. Abafo balibusa ngenhlebo bayaniqhatha. Benza okufanayo; bakuhlukanisa iSihlalo naMakhosi kanye neSihlalo, nahlukanisa aMakhosi nesizwe. Siyakubuka lokhu simangale ukuthi engabe laba bantu abenza lobu budedengu bayazi yini okungenzeka uma uZulu engahlukana phakathi esengenabo uBukhosi?

Lapha angisabisi kepha ngiyexwayisa njengomuntu omdala ukuthi uma ubona ulwandle ungahawuki ufune luze kuwe ngoba ngisho ngabe uyinhlambi enjani uma seluza ngamandla ngeke kube kuhle. UZulu uwulwandle lukaJehova. Akayekwe nje ame lapho emi khona ngoba lesi simiso samiswa nguMdali. Uma sike sazanyazanyiswa kuyokonakala. Uma ningangikholwa qhubekani nikhombe iSihlalo ngomunwe, qhubekani niphazamise isimiso sikaNkukululu. Abafikelwa nguzamcolo bazama ukwenza njalo namuhla bangumlando.

Angifisi ukushumayela ngokwenqubo kuHulumeni nakubantu abahambayo lokho ngizokwenza kuHulumeni ozoqokwa ngoNhlaba. Nokho engifisa ukukugcizelela wukuthi le Ndlu ingubuso beSihlalo. Ohlonipha yona uhlonipha iSihlalo kanjalo nodelele yona udelela iSihlalo. Ngala magama ngiqopha ukweseka kwami le Ndlu kanye nezimfuno zayo osekuphele iminyaka ikhala ngazo. Ngithi kulabo okumele baphendule ningalenzi iphutha lokuhlonipha mina niyeke le Ndlu ngoba le Ndlu esikuyo naMakhosi bayizinsika zikaZulu.

Ngiyaboga”

Scroll To Top