Ezinye zezizwe ezidabuka kwaZondi ngamaXesibe


Ukubulawa kweNkosi uDlaba Zondi kwamangalisa abaningi esizweni ngoba ngenkathi amaBhunu akha ePietermaritzburg ayehlupheke kakhulu engenakudla. Abantu besizwe sakwaZondi babewathengisela ummbila oseqojeni ngezinkomo ukuze adle. Kokunye babewanika amathanga ababewalima emasimini bona bafune izimbuzi ngawo. Nazo lezo zimbuzi amaBhunu ayeziqole kwezinye izizwe zabantu ngobuqili. Kwakuthi uma ummbila oneqobhe ukwazi ukugcwala inqola amaBhunu akhiphe inkomo ngawo.
Ngakho-ke uma sikhuluma ngabantu bakwaZondi kudingeka njalo sikucacise ukuthi baphume kwabakwaDlamini ngesikhathi sikaGagashe. NguLuqa owazala uSobangwa yena wazala uMakhweza. NguMakhweza ozala uMpumuza yena azale uNontshiza ozala uYenge. UYenge waba libamba bukhosi ngenkathi uTeteleku esemncane. UYenge uzala uMqayikana owayelibutho uThulwana nowayesaphila ngowe-1916. Siyazi ukuthi indawo yalapho sekuyidolobha lasePietermaritzburg khona yayaziwa ngokuthi kukwaMachibise udadewabo kaMadikane kaKalimeshe owayeyiNkosi yamaBhaca khona.
UMqayikana kaYenge wazalelwa eMholweni (Howick). Lena yindawo okwashonela kuyo uXesibe kaNgwane. Njengaye uXesibe, uNobanda naye wayezalwa yiNkosi uNgwane. INkosi uLaduma kaTeteleku ubesaphila ngempi yamazwe omhlaba (1914-1918). Ngakho-ke indawo yaseMbubu iNkosi uNobanda agcina akhe kuyo yayikade ingeyesizwe sikaMachibise kaKalimeshe. AmaBhaca kaMadikane ayakhe ngasesiyalwini somfula uMvoti. AmaBhaca ayebizwa ngama Wushe/amaZosho ngoba ayegcaba izingcabo ebusweni esika nocikicane. UNgwane ozala uNobanda iNkosi yaseMbubu washona ngaphambi kokushona kukaNontshiza. Ngemuva kwalokho uNontshiza wawela uThukela waya eMakhuzeni indlunkulu yesizwe sakwaDlamini. UNontshiza wayephelekezelwa nguZwelibanzi namanye amalungu esizwe sakwaMpumuza kodwa uXesibe kaNgwane wasala ngemuva. Injongo kwakungukuba uZwelibanzi akhe umuzi eMakhuzeni kodwa kwabuyelwa naye emuva lokhu kungenzekanga. Ngemuva kwalokho uNontshiza wayokhonza kwaNxamalala ephelekezelwa ngabakwaMpumuza wagcina eshonele esizweni sakwaZuma. Inkosikazi kaNgwane eyindlunkulu yayizalwa eMakhuzeni. Igama laleyo nkosikazi kwakunguZwelibanzi, indodakazi kaDlomo II waseMakhuzeni. Isizwe saMakhuze sasakhe eMsinga kusukela ngesikhathi sikaGwamanda Dlamini endaweni okwagcina kwakhe kuyo iNkosi uKula Sithole wesizwe samaQamu, naye owagcina eboshiwe ngokubheduka kwempi yeNtela YaMakhanda ngowe-1906.
KuseMakhuzeni lapho iNgonyama uShaka yayihambele khona kusabusa iNkosi uNomagaga kaNsele Dlamini, yedlula kugezwa imbiza yanikezwa izinkobe ngayo. Yakuthokozela kakhulu lokhu iNgonyama uShaka. Yamangala ukuthi uNomagaga Dlamani wayebhule kanjani ukuthi yona yayizalwa ebukhosini bakwaZulu.
Isizwe sakwaZondi eNgome sagcina sixoshe uMagenge iNkosi yaso esikhundleni sobukhosi. Iphuzu Iokuxoshwa kweNkosi uMagenge elabekwa yisizwe ngelokuthi ukuziphatha kwakhe esizweni kwakungemukelekile. Wayenza izinto okwakungafanele zenziwe yinkosi yesizwe. Esikhundleni sikaMagenge isizwe saqoka uGcinwa Zondi njengenkosi yaso yaleyo ngxenye yesizwe sakwaZondi. Ukuxoshwa kukaMagenge njengenkosi yesizwe kwenza ukuba ahlale ngokuhlupheka iminyaka eminingi. Wagcina efana nomhambuma ehambela isizwe senkosi ngenkosi efuna umuthi wobukhosi.
Ngemuva kwesikhathi uMagenge wabuya ekuhambeni ethungatha umuthi wobukhosi waya kwaMpumuza kwenye ingxenye yesizwe sakwaZondi. Ngaleso sikhathi uXesibe indlalifa kaNgwane yayiqala ukuthomba. Isizwe sakwaMpumuza sacela uMagenge ukuthi aqinisele uXesibe isikhundla sobukhosi. Samethembisa ukuthi uma ephumelele ukwenza lokho sona siyozama konke okusemandleni aso ukuthi abuyele esikhundleni sakhe sobukhosi ayexoshwe kuso eNgome. UMagenge ngolwazi lwakhe ayeluthole ezulazula ezizweni zamakhosi wamqinisa uXesibe ngemithi ukuba abe yinkosi ehlonishwayo. Nembala eseqede ukuqinisa uXesibe njengenkosi yakwaMpumuza, isizwe sakwaMpumuza sahloma saphikelela eNgome siphindisele uMagenge esikhundleni sakhe sobukhosi. Le mpi yayinikezwe intelezi yempi nguye uMagenge naye emdibi nempi eyayimphindisela esikhundleni sakhe sobukhosi eNgome.
Impi eyayihamba noMagenge isuka kwaMpumuza yatheleka eNgome bonke abantu bebalekile bayobhaca emahlathini besabela izimpilo zabo. Base bezwile ukuthi impi yakwaMpumuza yayizohlasela eNgome. Impi eyayihamba noMagenge isuka kwaMpumuza yamemeza itshela abantu ukuthi yona yayingezile ukuzobulala abantu kodwa yayifuna ukuba kulethwe kuyo uGcinwa Zondi owayethathe isikhundla sikaMagenge sobukhosi ngenkathi uMagenge exoshwa. Bezwa lawo mazwi bonke abantu bakwaZondi eNgome baphuma emahlathini kodwa uGcinwa wemba wembulala wanyamalala. Lokhu kwenza ukuthi uMagenge aphindiselwe esikhundleni sakhe sobukhosi besizwe sakwaZondi. Wazala indlalifa yakhe ulangeni, ulangeni wazala uMancinza Sobhuza yena owazala uBhambatha “mhlanunamagwala” izihasho zakhe uma egiya.
Abantu bakwaZondi besizwe sakwaMpumuza babengayidli inyama kanogwaja. Okwesibili kwakuthi uma kuzelwe ingane kuthi uma isiphathwa isiwe esibayeni sezinkomo lapho yayifike isikwe khona phezu kukacikicane wazo zombili izandla. Yayigcatshwa futhi ezihlathini, esiphongweni nasesilevini. NabakwaMadlala babenza okufanayo kwazise babesondelene nabakwaZondi. Ukugcatshwa okunjalo kulandelwa ukopha. Ubuso bengane bugcotshiswa ngesibhuda, ibomvu ukuze busheshe ukuphola. Isibhuda sifakwa ngenkathi ingane igcatshwa kuphela. Ukugcatshwa kuthathwa njengophawu IwabakwaZondi. Kwakukholelwa ukuthi uma ingane ingenzelwanga leli siko yayizokhala kakhulu igcine inye ngisho endlini imbala.
– Lo mlando ucashunwe encwadini: Izingxabo Zamakhosi Esifundazweni Sakwazulu, Umqulu II. Uma ufisa ukutholale ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.