Kwenzeka okungajwayelekile kuBotswana Democratic Party
SEKUQALILE ukuklwebhana nokuklolodelana kubaholi beqembu elibusayo eBotswana okuyiBotswana Democratic Party (BDP) elizoba nenkomfa yokukhetha ubuholi obusha ngoNhlaba. Kwakheka umlando omusha kule nhlangano njengoba kungokokuqala emlandweni selokhu yasungulwa ngowe-1961 eLobaste ukuthi kuyiwe enkomfeni yokukhetha ubuholi obusha kunomncintiswano kwesobumengameli.
Zili-19 kuZibandlela wanyakenye oyilungu eliphezulu kuleli qembu owayephinde abe nguNgqongqoshe Wezokuxhumana namazwe angaphandle uDkt uPelonomi Venson Moitoi wamemezela kuTwitter ukuthi uzophonsela inselelo uDkt uMokgweetsi Eric Keabetswe Masisi ozimisele ngehlandla lesibili kwesobumengameli kuleli qembu. Nakuba kungekho kumthetho sisekelo waleli qembu kodwa sekwaba umkhuba waleli qembu ukuthi umengameli avunyelwe ukuthi aphathe amahlandla ngokulandelana kwawo ngaphandle kokuphoselwa inselelo. Umengameli wokuqala kuleli qembu uMhlonishwa uSeretse Goitsebeng Maphiri Khama waphatha amahlandla aze aba mane phakathi kowe- 1961 kuya kowe-1979 ngaphandle kokuphoselwa inselelelo.
Okufanayo kwenzeka nangesikhathi sikaMnu uQuett Ketumile Joni Masire owaphatha amahlandla amathathu aphakathi kowe-1979 kuya kowe-1994. Enkomfeni yangowe-1994 kwaba nesivumelwano samahlandla amabili kwesobumengameli okuyiso esabangela ukuthi uMnu uFestus Gontebanye Mogae aphathe phakathi kowe-1994 kuya kowezi-2004 kuphela, kanjalo nakuJenene uSerêtsê Khama Ian Khama okwaba phakathi kowezi-2004 kuya kowezi-2014 kuphela ukuphatha kwakhe. Nasenkomfeni yakulo nyaka bekulindeleke ukuthi uDkt uMasisi engabangiswa muntu ekufuneni ihlandla lesibili njengoba sekuphela elokuqala ayeqokwe kulo ngowezi-2014.
Zili-20 kuZibandlela wanyakenye, okuwusuku uDkt uMoitoi amemezele ukuphosela inselelo uDkt uMasisi kwesobumengameli kwiBDP, okusebenzisa isikhundla sakhe sobumengameli eBotswana uDkt Masisi wamemezela izinguquko kuKhabhinethi yakhe ezalaxaza uDkt uMoitoi kwesobungqongqoshe wezokuxhumana namazwe angaphandle. Lokhu kwabonakala njengezinye zezindlela zikaDkt uMasisi zokukhuza uDkt uMoitoi ukuthi engancintisani naye enkomfeni yangoNhlaba kwesobumengameli kuBDP.
Kubonakala ingaphumelelanga imizamo kaDkt Masisi yokwethusa imbangi uDkt uMoitoi njengoba engathathanga sikhathi ukubhala kuTwitter ukuthi; “Ngiyezwa kuthiwa ngixoshiwe. Anginankinga nalokho kodwa umncintiswano usazoqhubeka.”
Le mpendulo yacasula amalunga athize eqembu abhala incwadi eyalela uDkt uMoitoi ukuthi akahoxise amazwi akhe aphinde ahoxise nokuphosela kwakhe inselelo umengameli, okuyinto engakenzeki futhi okungabonakali yenzeka.
Kungumkhuba ojwayelekile kwiBDP ukuthi omengameli baphambilini badalule ukweseka umengameli osesihlalweni ikakhulukazi uma esefuna ihlandla lesibili, kodwa okwenziwa owashiyela uDkt Masisi izintambo zombuso zaleli qembu uJenene uKhama ukhomba ukuphikisana nomlando ngokudalula ukweseka kwakhe uDkt uMoitoi. Yize ngesikhathi esengumongameli eBostwana uJenene uKhama aqoka uDkt Masisi njengesekela lakhe ngowezi-2014, kodwa emva kokuphela kwehlandla lakhe lesibili ngoNdasa wanyakenye kwangena uDkt Masisi njengebamba likamengameli ngaphambi kokhetho oluzoba ngoMfumfu wakulonyaka akubanga kusaba khona ukuhoshelana phakathi kwabo.
Lokhu kungahoshelani kusukela enkulumeni ngqangi yokuqala kaDkt Masisi esola uKhama ngokufuna ukumdonsa ngekhala elawule iBDP kanye nohulumeni yize esephelelwe isikhathi. Kwenzeka okungakaze kwenzeka emlandweni weBDP njengoba kunokujikijelana ngamazwi phakathi kukamengameli nowayengumengali phambilini.
Lo mdonsiswano ususukumise ngisho uMnu uMogae osekukade agcina ukuzimbandakanya nezinhlaka zeqembu ukuthi azama ukubhula ilangabi ngokubiza umhlangano ophuthumayo ekuqaleni kukaNdasa kodwa kubonakala kunhlanga zimuka nomoya njengoba uJenene uKhama ethi uzoqhubeka nokweseka uDkt Moitoi kwesobumengameli nakuba ekhuzwa ngokujikela isiko leqembu.