Now Reading
Akukapheleli ngamalungelo
Dark Light

Akukapheleli ngamalungelo

MINYAKA yonke zingama-21 kuNdasa iNingizimu Afrika isuke ibungaza uSuku Lwamalungelo. Phambilini lolu suku lwalaziwa ngeSharpeville emuva kwesiga sokubhujiswa kwaboHlanga ababebhikishela umthetho owawubaphoqa ukuphatha amapasi. Ngalolu suku amaphoyisa ombuso wobandlululo ashiya kulele enkundleni aboHlanga abangama-69.

Lesi sibhicongo sathinta amazwe omhlaba ngoba saguqula umbusazwe saveza okwakungaziwa ngoHulumeni wobandlululo kulabo ababeseka inqubo yawo. Ukungena kwenkululeko ngowe-1994 kuholele ekutheni uHulumeni wedemokhrasi uhlonze lolu suku njengeholidi eNingizimu Afrika.

Ngokwehlukana ngokwezinhlanga abanye bagcwala ezinkundleni lapho izikhulu zikaHulumeni zisuke zethula izinkulumo, kanti abanye baluchitha ezinxanxatheleni zezitolo bethenga abakuthandayo abanye bayozipholela emabhishi bashaywe wumoya wolwandle. Lo mgubho uba yithuba elikahle lokuchazela intsha nesizukulwane ukuthi izwe liphumaphi ngokomlando.

Lolu suku njengaminyaka yonke luzophinda lubungazwe ngoLwesine oluzayo. Owalo nyaka umbungazo uzoba ngowehlukile njengoba esikhathini esiyizinyanga ezimbili nje kuphela amabombo awo wonke amaqembu ezobheka okhethweni lukazwelonke. Lo mbungazo uzophinde wehluke ngokuthi kuzobe kuphela iminyaka engama-25 izwe lathola inkululeko. Ngokuvamisile uHulumeni uba nomcimbi wakhe walolu suku lapho uMengameli wezwe ethula khona inkulumo yosuku. Amaqembu aphikisayo asuke ecuthise izindlebe ecosha uhlamvu nohlamvu lwenkulumo kaMengameli ngenhloso yokugadla nokugxeka. Kubukeka izobe igcagcele esokeni emaqenjini ezepolitiki aphikisayo azosebenzisa lolu suku ukuqinisa imikhankaso yawo yokhetho njengoba sezihubela sakusha. Nosopolitiki bazosebenzisa leli thuba ukwenza izethembiso zempilo engcono kubantu njengokwakhelwa izindlu nokunikezwa imfundo yamahhala.

Umbuzo omkhulu ngothi njengoba sikule minyaka yenkululeko futhi ngesonto elizayo sizogubha usuku lwamalungelo, sisahamba ngakho yini njengezwe uma sizokholwa ukuthi usopolitiki usuke ekwenzela ufefe uma ekwakhela umuzi? Ngaphansi Komqulu Wamalungelo eSintu okuMthethosisekelo wezwe uthi wonke umuntu unelungelo lokuhlonishwa nokunikwa isithunzi esimfanele. Isigaba 26 sithi wonke umuntu unelungelo lobunini bendlu okuyisipikili esashayelelwa nayi-African Commission on Human and People’s Rights.

Lesi sigaba sibeka emahlombe oMbuso umthwalo wokwenza imizamo nokusebenzisa noma yini ekhona ukwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uba nophahla phezu kwekhanda lakhe. Okwenzeka kulesi sikhathi senkululeko, ikakhulukazi kwaboHlanga kuhlukile ngoba basantula izindlu, kusekhona izingane ezisahamba amabanga amade ziwele nemifula uma ziya noma zibuya ezikoleni. Kwezinye izindawo kusekhona umphakathi osaphuza amanzi nezinkomo ngenxa yokuthi intuthuko nenkululeko okukhulunywa ngayo usayizwa ngendaba. Kunezikole okusafundelwa kuzo ngaphansi kwezihlahla ezinye zazo ezadilika ngesikhathi sezikhukhula okumanje azikalungiswa.

Uthisha ofundisa kwesinye sezikole zamabanga aphezulu eMbumbulu ocele ukungadalulwa uthi izimvula ezinamandla ezine kuleli sonto zibamoshile esikoleni futhi zifike vele nomonakalo owenzeka ngezimvula ezedlule ungakalungiswa phezu kokuthi babelubikile udaba eMnyangweni Wezemfundo. Ekhuluma neBAYEDE uthe ngoLwesibili baphoqelekile ukuthi bagoduse izingane ngenxa yokuthi bekungeke kufundeke nhlobo.

See Also

Leli phephandaba selibike kaningi ngosizi lwansukuzonke lwaboHlanga. Ukuthunyelwa kwezidingo nosizo oluphuthumayo ezindaweni zaboHlanga kusagqoza uma kuqhathaniswa nezinye izindawo okwabe kungezezinye izinhlanga. AboHlanga basengabagilwa bezisebenzi zikaHulumeni ezingabakhathalele nhlobo. Lokhu kubonakala ngendlela abaphethwe budlabha ngayo ezikhungweni zezempilo nalapho kuholwa khona imali yempesheni lapho abantu abadala nabagulayo bewela kolayini abanye badlule nokudlula emhlabeni. Sibi ngokwedlulele isimo naseMnyangweni Wezasekhaya.

Zikhona izibhedlela eseziqalile ukunikeza usizo olufanayo nalolo olutholakala ezibhedlela ezizimele ngokweNational Health Insurance (NHI) nokho akukafiki ezingeni elilindelekile. Kwezinye izibhedlela abantu baye bathi uma befika kuzo ngamaholidi noma ngezimpelasonto batshelwe ukuthi udokotela abazukukwazi ukumbona. Ukuthuthwa kwemfucuza ezindaweni zaboHlanga kusengenye yezinto eziseyinkinga. Umphakathi uhlala ukhala ngokuthi kuyenzeka kuphele amasonto imfucuza ingalandwa futhi ungabikelwa nangesizathu salokho.

Luzophinde lugujwe lolu suku yebo, uzosala kodwa umbuzo wokuthi kule minyaka engama-25 kwatholakala inkululeko ngabe amalungelo abantu ahlonishiwe yini? Lokhu kungenxa yosizi olusobala olusakhungethe aboHlanga eNingizimu Afrika. Njengoba kuyiwa okhethweni ziyisi-8 kuNhlaba, aboHlanga bazozibuka isimo abakuso maqede bangazi ukuthi kufanele balushaye kuphi uphawu ohlwini lwamaqembu azobe engovolo ekhankasele ukuvotelwa.

Scroll To Top