Now Reading
USuthu luyiqaphe eqolo iChiefs
Dark Light

USuthu luyiqaphe eqolo iChiefs

“Ungabo zitshela ukuthi inyoka ifile ngoba kungenzeka ivele igadle kuwena.”
Lawa ngamazwi ashiwo ukaputeni wa-AmaZulu FC uMakhehleni Makhaula, usho la mazwi ngaphambi komdlalo wabo neKaizer Chiefs.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, lo mdlalo uzoqala ngele-15:30 kusasa ngoMgqibelo.

IChiefs kusukela iqalile isizini yangowezi-2021/22 ibhinjelwa yizinto okubufakazi balokho ukuthi kulogi ihlezi endaweni ye-13 emveni kwemidlalo emihlanu inamaphuzu amahlanu. Isanda kuthelwa ngehlazo lamagoli amane kwelilodwa iRoyal AM.

“IChiefs ayenzi impela kahle, kodwa lokho akusho ukuthi kumele siyithathe kancane siyayihlonipha kakhulu. Sizoya kuyona sizimisele ukuthi siyiguqise. Kwazi bani ingafuna ukuvuka ngathi, ingakho kumele siqinise,” kusho uMakhaula.

Uthe njengoba bedlala ekhaya nje ufuna ukuthi beqhubeke nokwenza kahle.
USuthu nalo aluyiqalanga neze kahle le sizini aze avuka ngesikhathi eguqisa iBig Bullets emdlalweni wokuhlunga weCaf Champions League. Emvenikwalokho ludlale ngokulingana neLamontville Golden Arrows, kowokugcina luguqise iBaroka FC ngegoli elilodwa eqandeni.

“Kuliqiniso ukuthi siyiqale kambi isizini, lokho kuyinto eyenzakalayo kwazise sibe nesizini enhle nyakenye amaqembu eze kuthina esesiqaphe ngelokhozi esazi ukuthi kumele agadle ngakuphi. Kungiphathe kabi ukuthi njengoba kuyimina ophethe ibhande izinto sezihamba kabi eqenjini, kodwa imiphumela yakamuva inginika ithemba lokuthi sizoqhubeka nokwenza kahle” kusho lo mdlali oyibamba esiswini.

Ngaphambili wake waba ngukaputeni weFree State Stars, kodwa uthe ukuhola uSuthu ubona kuyinto enzima kakhulu ngoba luyiqembu elidala kakhulu.

USuthu oluqeqeshwa uBenni McCarthy luzoya kulo mdlalo lubuyelwe abadlali balo abamqoka lapho kubalwa u-Augustine Mulenga, uThabo Qalinge, uXola Mlambo, uThembela Sikhakhane, uPhilani Zulu, uKgotso Moleko noTercious Malepe.

See Also

UMakhaula uthe amalungiselelo alo mdlalo ahamba kahle kakhulu, wonke umdlali ukulungele ukubhekana neChiefs ezobe ibheke ukujabulisa abalandeli bayo.
NgoLwesibili uSuthu lusayine inkontileka yeminyaka emithathu okuthi izosebenzisa inkundla iMoses Mabhida Stadium njengekhaya layo. Leli qembu belisebenzisa iJonsson Kings Park Stadium.

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto ihlelwe kanje:
Kusasa ngoMgqibelo:
iChippa United neSupersport United eSisa Dukashe Stadium ngele-15:30
iTS Galaxy neSekhukhune United eMbombela Stadium ngele-15:30
iBaroka FC neStellenbosch ePeter Mokaba Stadium ngele-17:00
iCape Town City ne-Orlando Pirates eCape Town Stadium ngele-17:30

NgeSonto
iLamontville Golden Arrows neMarumo Gallants eSugar Ray Xulu Stadium ngele-15:30
iRoyal AM neMaritzburg United eChatsworth Stadium ngele-15:30
iMamelodi Sundowns neSwallows FC eLoftus Versfeld Stadium ngele-17:30

Scroll To Top