Now Reading
Bafuna ukukhiphana inkani emzileni abeF1
Dark Light

Bafuna ukukhiphana inkani emzileni abeF1

IZINKAKHA zomjaho iFormula One uLewis Hamilton noSebastian Vettel zithi kuzoshiyana ukwenza kule sizini emzileni.

Laba bashayeli yibona abazihola phambili emhlabeni njengoba uHamilton waseBritain oshayelela uMercedez esebe ngumpetha amahlandla amahlanu, kwathi uVettel odabuka eGermany oshayela iFerarri waba ngumpetha kane. UHamilton wanqoba ngonyaka wezi-2008, 2014, 2015, 2017 nangowezi-2018.

UVettel yena wanqoba kusukela ngonyaka wezi-2010 kuya kowezi-2013. Abanye asebeke banqoba uJenson Button ngowezi-2009 noNico Rosberg ngowezi-2016. Umjaho wokuqala wokuvula isizini kuzoba i-Australian Grand Prix ngeSonto eMelbourne.Nyakenye uHamilton wanqoba ngamaphuzu ama- 408, walandelwa uVettel owaba namaphuzu ama-320.

“Umlando ngeke nakancane sawuphikisa uma uthi eminyakeni edlule abashayeli beMercedez Benz yibo akade benza ezibukwayo, kodwa sekuyisikhathi sokuthi kubhaleke umlando omusha ngokuthi kuchanase abashayeli beFerrari.

Ngiyaqinisekisa ukuthi amatafula azoguquka. Manje yisikhathi sokuthi ngijabulise abaphathi bezimoto zeFerrari,” kubeka uVettel onqobe i-Australian Grand Prix eminyakeni emibili edlule walandelwa uHamilton. Eqhuba uthe: “Sisebenze kanzima ukuzilungiselela le sizini. Ngazi kahle kamhlophe ukuthi izinto zivune mina eminyakeni emibili kuMelborne Grand Prix, kodwa lokho akusho lutho ngoba ngizimisele ukuthi ngiyinqobe cishe yonke imijaho njengoba ngifuna ukuba umpetha kule sizini. Ngiwenzile amaphutha enze ngakhala ngaphansi kuHamilton, kodwa konke lokhu ngizokuguqula”.

Imijaho yeF1 iba ngama-21 owokugcina uyoba mhla lulunye kuZibandlela okuyi-Abu Dhabi Grand Prix. Lowo mjaho uyoba ingqophamlando njengoba kuyobe kungowenkulungwane kwasungulwa iFormula One.

See Also

“Le sizini izoba nezigigaba ezizoshiya abantu bengawuvali umlomo. Eminyakeni emihlanu impi iba phakathi kwabantu ababili okuyimina noVettel, kodwa kulo nyaka kubukeka sizobona abashayeli abaningi belinyusile izinga. Ngalokho kumele ngilwise okwengwe ukuze ngivikele isicoco sami,” kusho uHamilton.

Uqhube wathi iqembu lakhe yilona elihamba phambili emhlabeni futhi ubona lizoqhubeka nokunqoba izicoco.

Scroll To Top