Now Reading
UPercy Tau uhlulwe ukubekezela phesheya
Dark Light

UPercy Tau uhlulwe ukubekezela phesheya

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngeledlule kade ethula isikwati sakhe esizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe YoMhlaba ezokuba seQatar ngonyaka ozayo, waphawula ngodaba lukaPercy Tau lokungadlaliswa kwakhe iqembu lase-England iBrighton & Hove Albion.

UBroos wathi: “Ngiyafisa uTau aye kuPitso Mosimane e-Egypt khona ezodlala ngoba kwiBrighton akadlali, ugcina ngokujima kuphela njengeningi labadlali bethu (beBafana) abase-Europe.”

Okushiwo uBroos ngenhla kuliqiniso, ukuthi uma ungumdlali kumele udlalile. UTau ungomunye wabadlali engikholelwayo kubona nekade ngibabona benekusasa elihle kakhulu, kodwa isinqumo sakhe singenze ngamungabaza muva nje.

Isinqumo sakhe uTau odabuka eMalahleni, singenze ngamubona njengegwala ukuze uthole ijezi kumele usebenze kanzima.

Uma kubhekwa uNjabulo Ngcobo osanda kusayiniswa iKazier Chiefs, ngesizini edlule ube iDefender of the Season kuligi iDStv Premiership. Yize kunjalo kodwa kuze kube imanje akakaze adlale nakanye kwiChiefs, esidlale imidlalo emibili yeligi nowodwa weMTN 8.

Lokho akusho ukuthi uNgcobo sekumele azibone njengesahluleki akumele akwenze ukusebenza kanzima, alwele indawo yakhe uma selifika ithuba lakhe bese eyalisebenzisa njengoba enzile ngesizini edlule kwiSwallows FC nakuBafana Bafana kumqhudelwano iCosafa Cup.

Ngamafuphi uma ngingasayina neqembu eligijima kuDStv Premiership bese ngingadlaliswa ethi umqeqeshi owayengiqeqesha phambilini angize eqenjini lakhe eligijima ku-ABC Motsepe League ngoba ngifuna ukudlala kumele ngiye. Ayi angiboni kanjalo.

ULucas “Rhee” Radebe kuze kube inamahlanje uyahlonishwa iqembu lakhona e-England iLeeds, akafikanga kuyona wabe edlala waqale wahlala ngaphandle njengawowonke umuntu walithola ithuba walisebenzisa wagcina enziwa ukaputeni.

UTau uneminyaka yobudala engama-27 benginethemba lokuthi ithuba akade ezolithola ubezolisebenzisa kahle ubezoliphakamisa ifulegi lalapha eNingizimu Afrika. Ngikhumbula iBrighton idlala nompetha be-English Premier League iMan City yize athola ithuba elincane kodwa wakuveza ukuthi kungani egijima e-England. Ngisho uPep Guardiola ongumqeqeshi weCity wakusho kwagcwala umlomo ukuthi uTau unethalente eliyisimanga.

UTau bengimbona ezolandela uBenni McCarthy okunguyena yedwa kuleli owanqoba umqhudelwano omkhulu wamaqembu i-UEFA Champions League neFC Porto yasePortugal, uSteven Pienaar owadlala kakhulu kwi-Everton yakhona e-England, kanye noQuinton Fortune owachitha iminyaka edlala kwiManchester United.

See Also

Ngimbona ebe isibonelo esimbi uTau kubadlali ababukela kuyena, ukusho ukuthi ubafundise ukuthi uma ungalitholi ijezi kumele uhambe kulelo qembu.

Kukhona konke singakhuluma size sibe namankanka abhalwe kabezindaba uTau ngesinqumo sakhe, kodwa yena uma ebona kufanele enze lokhu akwenzile ngeke samuphikisa shuthi ujabule.

SiyiNingizimu Afrika siyadinga ukuqhubeka simeseke njengoba besenza ekhona e-England. Enkulumeni yakhe ngibonile ukuthi uyazama ukuzeseka.

Uma bekungahambi kahle kwiBrighton ubengayi ngani eBelgium lapho okunamaqembu amaziyo khona, okuyiClub Brugge noma i-Anderlecht.

Angiyena umuntu ojwayele ukulalela uJunior Khanye owaduma kwiChiefs, kwazise ezintweni ezithinta ezikanobhutshuzwayo kuleli uyena osekhulunyiswa. Kodwa kulokhu ngihambisane naye njengoba naye ebone uTau njengegwala. Ngizwile ngandlebenye ukuthi uMosimane ufuna uthuli uThabo Cele, ngiyafisa ukuthi anganxenxeki nje abuye laphe e-Africa usemuncane kabi nekusasa lakhe liqhakazile akaqhubeke abheke amathuba angcono khona phesheya kwezilwandle.

Scroll To Top