Now Reading
Kuthikameze izinhlelo ukuhlehla kokhetho eNigeria
Dark Light

Kuthikameze izinhlelo ukuhlehla kokhetho eNigeria

KUDUMALE abaningi ngesonto eledlule ngenkathi iKhomishini Yokhetho eNigeria ithatha isinqumo sokuthi ukhetho obekumele lubanjwe mhla zili-16 kwephezulu, luhlehliselwe umhla wama-23.

Eyokuhlehliswa kwelanga lokhetho eNigeria sekwaba yinhlala yenzeka ngezizathu ezingafani okubalwa ezokuphepha ezweni, ukwentuleka kwezimali, kanye nokunye. Ngaleyo ndlela, lesi sinqumo salo nyaka bekungamele sethuse abaningi kepha okudale lokho ngukuthi lesi sithathwe entathakusa yosuku obekumele kuyiwe ngalo okhethweni. Izinqumo zaphambilini zazithathwa kusenesikhathi ngaphambi kosuku lokhetho. Ithatha lesi sinqumo, iKhomishini iveze ukuthi ithole ekugcineni ukuthi beziningana izifunda ezweni lapho izinto ezidingekayo ukuze izakhamuzi zikwazi ukuvota zingazange zifinyelele khona. Iphinde yathi lokhu kudalwe ukwehluleka kwayo ukuzihlela kahle, kodwa iqinisekise ukuthi lesi sinqumo asiphathelene nokuchema ngokwepolitiki kodwa isithathe ukuze yenze konke okusemandleni ukugwema ukuthi kube nezakhamuzi ezingakwazi ukuvota.

Ukwethulwa kwalesi sinqumo entathakusa kudumaze amathimba ajutshwe yizinhlangano ezahlukene ezinjenge-United Nations (UN); i-African Union (AU), i-European Union (EU) kanye neCommonwealth ukuthi abheke lolu khetho nokubonakale lukhombisa ukuthi iKhomishini Yokhetho ayihlelekile neze. Noma laba bahambeli bekuvezile ukudumala kwabo, babe zwilinye ekutheni kumele le Khomishini isekwe ukuze ingaphindi yehluleke njengoba kuyiwa kumhla wama- 23. Lesi sinqumo sikhalise nezakhamuzi ebesezizihlelele ukuvota ikakhulukazi lezo ebesezibuyele emakhaya, ezikhale ngezindleko zokwehla zenyuka. Kukhale nabezimboni ngokuthi ukuhlehliswa kosuku lokhetho kubalimaze kakhulu ngoba besebezihlelile ukuthi bazovala amasango ngolwe-16.

Lesi sinqumo siphinde sadala ukukhombana ngeminwe kubaholi bamaqembu epolitiki ikakhulukazi elibusayo i-All Progressives Congress (APC) kanye neliphikisayo iPeople’s Democratic Party (PDP). IPDP ithe lesi sinqumo siyingxenye yamaqhingasu okuthi kuphumelele iqembu elibusayo okhethweni, ngoba silandisela izinsuku zokuthi lizihlele kahle futhi liphinde likhankase. Ngakolunye uhlangothi, iqembu elibusayo likhala ngokuthi, iKhomishini yayifunge yagomela ukuthi ikulungele ukwengamela ukhetho ngomhla we-16, ngakho nabo babambe ongezansi ngalesi sinqumo. Noma kukhona lokhu kukhombana ngeminwe wonke amaqembu ikakhulukazi lawa amabili amile ngokuthi akwenziwe konke ukuze lolu khetho lungahlehliswa futhi, aphinde aqhubeke nokunxenxa abalandeli ukuba baphume ngothi lwabo ngosuku oselumisiwe.

Izihibe ezidalwe yilesi sinqumo azisho ukuthi isasasa alisekho ngalolu khetho, ngoba iNigeria ingelinye lamazwe abalulekile ezwenikazi. Noma bebalelwa ema-72 abagaqele isikhundla sobumengameli, babili kuphela okubonakala besethubeni lokudla umhlanganiso, okunguMnu uMuhammadu Buhari osesikhundleni noma nguMnu u-Atiku Abubakar ohola iqembu iPDP. Uma kuqhathanyiswa nokhetho lokugcina, kwakulula ukubona ukuthi ngubani ozihola zonke, kodwa nonyaka kuthiwa sekodela uMakhasana ngoba kulo mqhudelwano kubukeka sengathi noma yimuphi phakathi kwabo angazithola ephumelela.

Bobabili bayizinkunzi esezimdwayidwa kwezepolitiki eNigeria; bayabaleka ezigamekweni eziningi zepolitiki yezwe zangaphambilini futhi bazobe bengaqali ukutholana phezulu. Isibonelo nje uBuhari, ngaphambi kokuphumelela ukhetho okokuqala ngonyaka wezi- 2015, wabekwa njengoMengameli wezwe ngenkathi kusakhala isicathulo samasotsha eNigeria ngeminyaka ye-1983/85. Wake futhi waba yinhloko yeKhomishini ka-oyela nezimbiwa eNigeria eminyakeni ye-1976/78 eqokwe ngowayenguMengameli ngaleso sikhathi uMnu u-Olusegun Obasanjo. Ngaphambi kokuphumelela ukhetho ngowezi-2015, wayesezame wehluleka amahlandla amathathu (2003, 2007, 2011) ukuba nguMengameli. Kanti u-Abubakur, wayeyiPhini Mengameli amahlandla amabili ngeminyaka ye-1999/2007, ngaphansi kweqembu elibusayo iPDP. Ngenxa yokungaboni ngasolinye no-Obasanjo owayenguMengameli ngaleso sikhathi akazange aqokwe ukuba angenele ukhetho lwangonyaka wezi-2007 ngaphansi kwePDP, wasezithola esehambisana namaqembu aphikisayo. Wazibandakanya ne-APC ngaphambi kokhetho lwezi-2015 kepha waphinde walishiya phansi leli qembu wabuyela kuPDP okuyiyo ayiholayo kulolu khetho.

See Also

Lo mlando ngalaba baholi, ukhombisa ukuthi sebe mkantsh’ubovu kwezepolitiki eNigeria, okwenza bobabili bakwazi ukwethula imihlahlandlela equkethe lokho izakhamuzi ezikubona kubalulekile okufana nezokuphepha nokuthula eNigeria, ukudlondlobalisa umnotho wezwe nokusimamisa izimboni kanye nokuqeda inkohlakalo ikakhulukazi kuHulumeni nezinhlaka zawo. Kuningi okuthiwa uBuhari wayekuthembisile mhla ekhankasela ukhetho olwedlule kodwa angazange akufeze. Njengokuthi wayethembise ukuqeda ubulelesi nenkohlakalo kuHulumeni, noma kukhona okuthiwa ukwenzile, izakhamuzi namaqembu aphikisayo bakhala ngokuthi usebenzise amandla ombuso ukulwa ‘nezitha’ zakhe kwezepolitiki kunokuba abhekane ngokungachemile nalesi sihlava. Ngakolunye uhlangothi, lo mlando ngalaba baholi awuchazi ukuthi bazokwazi ukumelana nazo zonke izingqinamba ezibhekene nezakhamuzi. Uma kubhekwa nje, ezigidini ezingama-84 zezakhamuzi ezibhalisele ukuvota bevile ema-51% okuthiwa bayintsha entula imisebenzi, enezifiso namaphupho empilo esezingeni nengcono kunaleyo yabazali bayo. Yiyona le ntsha esakhala ngokuthi ezepolitiki eNigeria zisalawulwa ngabadala ngakho awenyukile amathemba okuthi ozophumelela lolu khetho uzoguqula izinto.

UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika

Scroll To Top