Umbani wezomthetho usabadabula osopolitiki



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ZIMBILI izigameko ezibe sematheni uma kuqala isonto. Esokuqala kube wudaba lokucima kukagesi izikhawu nokunenge abantu abaningi kuleli. Isigameko sesibili senzeke eGoli ngesikhathi ufakazi kuKhomishini ebheka ukugwamandwa kwamandla ombuso, uNks uVytjie Mentor eba nomzuzu ‘wokucinyelwa yizibani’. Lo fakazi owaba ngowokuqala nowazigqamisa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana njengomuntu ozodedela udalimede ongabhubhisa imindeni emibili, owakwaGupta nowakwaZuma njengoba ayethi kukhulu akwaziyo ngamalungu ayo yomibili le mindeni.
Phakathi kobufakazi abuvezile ngaphambili yilobo bokuthi wahambela emzini wakwaGupta eSaxonwold nayilapho, kokunye athi wathenjiswa khona izulu nomhlaba, okubalwa isikhundla kuKhabhinethi kaMengameli uZuma. Wathi lokhu kwenziwa ngamalungu omndeni wakwaGupta kukhona noMnu uDuduzane Zuma. Akagcinanga lapho kepha waveza nokuthi ohambweni lwakhe lukaHulumeni (okwabe kuyithimba lakuleli elabe lihambele umhlangano ezweni elingaphandle) wanqwamana nezinsizwa zakwaGupta, uMnu uFana Hlongwane kanye nomfo kaZuma, uDuduzane. Abanye abafaka kulobu bufakazi bakhe yilowo owayengumsizi kaMengameli uZuma, uNks uLakela Kaunda nathi wayexhumana naye ukuhlanganisa umhlangano thizeni emzini wakwaGupta. Umongo wobufakazi lapha kwabe kuwukuthi uMengameli uZuma wabe eyimpaka yabakwaGupta. Khona lapho kuhlose ukuveza ukuthi empeleni ababusi bezwe kwabe kungeyona i-African National Congress (ANC) noMengameli wezwe kepha labe liphethwe eSaxonwold.
Kwaqalwa bonke lobu bufakazi bushaqisa (ikakhulu kulabo abebefisa ukuthi kube yiqiniso) futhi kuyisiqalo esihle ekudaluleleni ‘amaqiniso’ ngemikhuba ebibikwa ngomndeni wakwaGupta nowakwaZuma kepha ikakhulukazi ngokugwamandwa kwamandla ombuso. Nokho kwale ukwenza njengoba namuhla ingxenye ethize kubandakanya neKhomishini isinemibuzo ngobufakazi bukaNks uMentor. Nguye qobo ufakazi oqale wafaka ungabazane ngaye siqu nangobufakazi bakhe. Ube ngowokuqala ukuxolisa kuMnu uFana Hlongwane naqale wafunga ukuthi wahlangana naye. Eqala ukwenza isethulo sakhe ngoMsombuluku, uNks uMentor ufake isixoliso wahoxisa konke akusho ‘ngokuhlangana’ kwakhe noHlongwane. Uvezile ukuthi washweleza nakuye uHlongwane ngephutha alenza. Okunye okuvele ophenyweni lweKhomishini wukuthi omunye wezelamani zakwaGupta athi wayenaye eChina, wayengekho kwakhona kuleyo ndawo. Abaphenyi beKhomishini badedele owabo udalimede uma bekubeka kuNks uMentor ukuthi uMnyango Wezasekhaya okuyiwo ogxiviza ukungena nokuphuma kwabantu kuleli uyalandula ukuthi lo uNks uMentor athi wabe eseChina naye wake waphuma. Ngisho noMnyango Wezohwebo owabe uhlele uhambo uyalandula.
Akugcini lapho nenkampani yezindiza iSouth African Airways (SAA) ithi okukhulunywa nguNks uMentor akuhambisana nalokho abanakho emqulwini yabo nokuthinta ukugibela kwakhe ibhanoyi. Lokhu kumshiya okhalweni ufakazi nokucacile ngesikhathi ephendula ukuthi kuyamnenga. Ugcine esesola iKhomishini ikakhulukazi obehola ubufakazi ngokumjijimeza nokuyinto ebithi kukhona ukuchema enakho. Lokhu uMehluleli uZondo ukuchithe kusaqala nje.
Akayedwa, baningi
Kusebenze isinwe sabaphenyi beKhomishini ukuveza olunye uhlangothi kulolu daba nokubukeka kuthumela umlayezo kwabanye ukuthi yebo izwe liyadinga ukwazi ngezinsolo zokugwamandwa kombuso kepha onolwazi akabi nezinhloso zepolitiki noma acabange ukuthi uzosebenzisa iKhomishini ukufeza izinhloso zakhe zepolitiki. UMnu uNhlanhla Nene nanamuhla usabitoza njengoba naye wabhuduzela waya ngomfutho kuKhomishini nokuthe lapho isiphonsa imibuzo emibili nemithathu zasala phansi izihlangu zakhe, waphoxeka emhlabeni wonke. Kwaba njalo nakuKhomishini eyabe iholwa nguMehluleli uSereti eyabe ibheka izinsolo zokudayiswa kwezikhali. UNks uPatrica de Lille owayevutha enuka abantu okubalwa noMengameli uMbeki kwathi uma esebuzwa kabanzi yiKhomishini wajika washo okunye, nanamuhla ubufakazi bakhe busenemibuzo. Ngonyaka wezi-2003 uMnu uMo Shaik nowadalula ukuthi uMnu uBulelani Ngcuka wabe eyingede yombuso wobandlululo naye efuqwa yipolitiki yangaleso sikhathi kwathi lapho esephekwa ngemibuzo ngu-Advocate uKessie Naidu owabe ehola ubufakazi beKhomishini kaMehluleli uJoos Hefer ukukhuluma kwaba ngokunye kwavela negama lentatheli uNks uRanjeni Munusamy nokuthiwa wanikwa ‘lolu lwazi’ nguShaik. Sekungumlando ukuthi iKhomishini yathola okunye, wahlazeka kanjalo uMo Shaik nowayeyingxenye yezobunhloli bukaKhongolose.
Okwezinkantolo khona kuvela nsuku zaphuma njengoba zikhiphe izinqumo ezinyakazisa imithetho nezinhlaka zamaqembu, kusuka kuNational Freedom Party (NFP) kaNkk uZanele KaMagwaza Msibi, odabeni olwabe luthinta ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, kuya kolwakamuva oluthinta ubuholi eNorth West. Yize kusesekuseni ukuqagula nokwahlulela kepha okusobala wukuthi iKhomishini kaMehluleli uZondo isaqhubeka lapho amanye amaKhomishini nezigcawu zagcina khona. Uma kunje akukho ukungabaza ekutheni nakulokhu bazozithola sebephuma bebheke phansi imsila ingachinsi osopolitiki, usugadlile umbani womthetho.