Amandla kayise aphelele ezeni kwavuka amahlaba
UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Uhulumeni wobandlululo wawungagcini ngokubandlulula ngokwezombusazwe kodwa lwaludla lubi ngisho nakwezomnotho lushaya luqothula amabhizinisi aboHlanga
UMNDENI kasomabhizinisi owayedumile eNewcastle ngezikhathi zikahulumeni wobandlululo ubhoboka ngetulo elakhiwa yizikhulu ezimhlophe zikahulumeni wangaleso sikhathi lokuqumba phansi amabhiznisi kayise.
UMnu uNhlanhla Mahlaba oyindodana engukuphela kwayo kaMnu uKenneth Mahlaba owayedume ngelikaBra Kenny futhi enoxhaxha lwamabhasi uthi lezi zikhulu ezimhlophe zikahulumeni wobandlululo zakhela uyise ugibe lokumbophisa ngokumyengela ophathe zithi kumele ayothatha imalimboleko enkampanini kahulumeni iBusiness Investiment Corporation (BIC) ukuze athenge amabhasi ama-5.
Uthi lezi zikhulu zikahulumeni zathi kumele athole amabhasi amasha ngoba iningi lamabhasi akhe ayengasekho esimweni esihle kanti bafuna ukumyengela Ophathe.
UBIC kwakuwuhlaka lukahulumeni lokuxhasa osomabhizinisi abamnyama ngoba ngaleso sikhathi amabhange ayengamboleki imali umuntu omnyama.
Ngemuva kokungena kukahulumerni waKwaZulu, iBIC iguquke kwaba i-Ithala Development Finance Corporation okunamanje isabizwa kanjalo.
“Empeleni ubaba akayibolekanga imali kodwa iBIC yamnikeza amabhasi ama-5 ngemali ezi-R58 000 okwakumele akhokhe isitolimende esiyi-R1439 ngenyanga. Kuthe ngoMasingana 1971 iBIC yathinta ubaba ukuba aqale ngokukhokha imali eyizi-R5650. Izinyanga ezalandelayo ubekhokha izi-R2000 esikhundleni se-R1439. Ekugcineni wabuza abakwaBIC ukuthi sekusele malini bathi sekusele i-R1 439. Ubaba le mali esele wayikhokha ngesheke elilodwa elalizobhanqa izinyanga ezili-12.’’
Le ndodana kaMahlaba iqhuba ithi yize uyise wayesesiqedile isikweletu kodwa wamangala abakwaBIC bemtshela ukuthi usabakweleta.
“Bakusho lokho, ngemuva kokuthi enqabe isicelo sabo sokuba abadayisele umsebenzi wakhe okubalwa kuwo namabhasi akhe angama-58 ngemali ezi-R685 000 ekubeni yena wayefune uR875000,’’ kuqhuba uMnu uMahlaba.
UMnu uMahlaba uqhuba uthi nakhona lapho uyise wayephoqwa ukuba abadayisele iBIC ngoba bemesabisa ngokuthi uma engafuni bazowudla ngenkani wonke umsebenzi wakhe ngoba uyamehlula.
“Umona kula maBhunu wasuswa ukuthi umphakathi omnyama wawusuqubukile ngaleli bhizinisi lezokuthutha. Inkinga yakhe iqale kakhulu ngesikhathi efaka isicelo kwaNdabazabantu sokuba anikezwe imvume yokuqasha umlungu owayezokwengamela amabhizinisi akhe ngoba yena wayengawuqeqeshelwe lo msebenzi,’’ kuqhuba uMnu uMahlaba.
UMnu uMahlaba uqhuba uthi lesi sicelo sikayise sachithwa nguNdabazabantu ngokuthi kuzomele wonke umsebenzi awudayisele iBIC ngoba vele usuyamehlula.
“Uphindile ubaba wayofaka esinye isicelo sokuba anikezwe imvume yokuvula igaraji likaphethilomu nalapho bathi uyovunyelwa kuphela uma evuma ukudayisela iBIC umsebenzi wakhe. Uthi ngenxa yokuthi uyise ubenqaba ukudayisela iBIC umsebenzi wakhe lezi zikhulu zikahulumeni zabe sezicela wonke amabhuku akhe ezimali ngenhloso yokuyowacwaninga nokuthe ngemuva kwezinsuku ezimbili sebewahlolile bamqinisekisa ukuthi asami kahle,’’
UMnu uMahlaba uqhuba uthi: “Umangele ubaba ngoba kuthe ngomhla zingama-23 kuMfumfu 1972 waboshwa yiBIC ngecala lokhu ukhwabanisele uhulumeni imali yamakhuphoni.’’
UMnu uMahlaba uqhuba uthi kuthe uyise esekhululwe ngebheyii yezi-R5 000 ngakusasa wanikela kuNdabazabantu okwase kunguMnu uMaytham ngenhloso yokuyolungisa udaba lwemali okuthiwa uyayikweleta.
“Wamangala efica ehhovisi likaMnu uMaytham ehlezi nezikhulu zakwaBIC okwakunguMnu uMarinus, Mnu uJ.S. Kruger kanye noMnu uG. A. Morgan owayeyi-Administrative Manager eDurban, nalapho uMnu uKruger wathi ukweleta iBIC imali yamabhasi eyizi-R860 387. Wathi le mali kuzomele ayikhokhe ngokushesha,’’ kusaqhuba yena.
Uthi ngenxa yencindezi uyise wacela ukuyoyicela ebhange le mali abayifunayo kodwa benqaba bathi bafuna isheke elingubufakazi.
“Wavuma ukubalethela isheke kodwa uMnu uMarinus wabe esemsetshela ukuthi vele sekuyafana ngisho angayikhokha bona bazoqhubeka nokushaqa wonke amabhizinisi akhe,’’ kusaqhuba yena.
Uqhuba uthi ngemuva kwale nkulumo kaMnu uMarinus, uyise wabe esebuza uMnu uMaytham ukuthi kumele enze njani.
“UMnu uMaytham wamphendula ngokuthi kuzomele asale esewadedela amabhizinisi akhe kwabakwaBIC. Bathe besuka bamphoqa ukuba asayinde amaphepha ambophezela ekutheni uyavuma ukudayisela iBIC nokuthe uma enqaba ukuwasayinda, iBIC yanikela enkantolo enkulu eyofaka amaphepha okuba kushaqwe wonke amabhizinisi akhe nokuthe ngoMandulo 1972 inkantolo yaluphothula udaba lokudliwa kwamabhizinisi akhe,”kusaqhuba uMnu uMahlaba.
UMnu uMahlaba uqhuba uthi kuthe uma uyise esebona ukuthi nenkantolo iyamcindezela wabe esevuma ukuthi asale esebadayisela ngale ntengo ababeyibekile kodwa abakwaBIC bamchitha bathi abasafuni kodwa sebewafuna ngenkantolo.
Umbuso ugcine ushaqe wonke amabhizinisi akhe okubalwa namabhasi angama-58, igaraji likaphethilomu kanye nesikole sokufundela ukushayela.
Kumanje lo mndeni kaMnu uMahlaba owayecebe ngokuxakile usudla imbuya ngothi ngenxa yokuthi umbuso washaqa konke okwakhe.
UMnu uMahlaba uqhuba uthi ezinye zalezi zikhulu zombuso wobandlululo ezazingobhongoza ekucekeleni phansi amabhizinisi kayise kubalwa uMnu uI. O. Marinus owayenguNdabazabantu kanye noMnu uDupreez owagcina esengene esikhundleni sikaMnu uMarinus ngesithi yena useshintshelwe eZululand.
“Abanye kwakunguMnu uKobus Van Wyk naye owagcina enguNdabazabantu eMadadeni nguMnu uSwart owayenguNsumpa welokishi kanye noMnu uVan Niekerk naye owagcina esenguNsumpa welokishi laseMadadeni,’’ kuqhuba uMnu uMahlaba.
Le ndodana kaMahlaba iqhuba ithi: “Empeleni indaba iqale ngowe-1971 ngesikhathi ubaba ebhalela uMnyango wakwaBantu Affairs Administration ecela imvume yokuqasha umlungu owayezokwengamela amabhizinisi akhe ngoba yena wayengaqeqeshelwe lowomsebenzi. Isicelo sikababa sachithwa ngoba lokho abelungu babekuthatha njengenhlamba ukuthi umlungu angaqashwa ngumuntu omnyama,’’
Ngesikhathi iBIC isiwuthathe wonke umsebenzi kaMnu uMahlaba waqasha abelungu ukuzophatha umsebenzi.
Le ndodana kaMahlaba iqhuba ithi uyise yize wayemsulwa kodwa wagcina elivumile icala lenkohlakalo ukuvikela ipulazi lakhe njengoba nalo abelungu babelifuna ngabomvu.
“Walivuma icala lenkohlakalo ngoba eyalelwe ngummeli wakhe owathi kungcono asale esevikela ipulazi kunokuba alahlekelwe yikho konke,’’ kusaqhuba yena.
UMahlaba owazalwa ngo zili-18 kuZibandlela 1931 okuthiwa wayenesibhaxu kubasenbenzi bakhe wayeqale enamatekisi ayisi-8 ayehambela eSoweto naseGoli ngeminyaka yawe-1963.
Kuthe ngowe-1963 uMnu uMahlaba wahlangana noyise uMnu uSimon Mahlaba owayenebhizinisi lamabhasi kodwa ahambela eTranvaal naseVolkrust basungula ibhizinisi lokuthutha abantu eMadadeni. Baqale ngebhasi elilodwa kodwa amabhasi abo agcina esefinyelele kwangama-58 ngenxa yokukhula komsebenzi.
Lokhu bakuqala ngesikhathi uhulumeni wobandlululo esephasise umthetho wokuthuthukisa izinhlanga ngokwehlukana. Uthi benoyise banquma ukubuyela eMadadeni ukuyoqalisa leli bhizinisi lamabhasi ngaphansi kwegama lenkampani yabo eyayibizwa ngokuthi iNewcastle Bantu Syndicate Company. Amanye amalungu ale nkampani yabo kwakunguMnu uZacheus Gumede noMnu uDaniel Khonyelwayo.
“NgoNhlolanja 1966, uMnu uDupreez wababizela ehhovisi lakhe ezobazisa kunomphakathi omnyama owawusuzothuthelwa elokishini elisha eMountain View ngakho kuzomele bengeze amanye amabhasi ayezosiza ukuthutha lo mphakathi okusho ukuthi kwakuzomele bafake isicelo sokuthola esinye isitifiketi sokusebenzela eMountain View nokuthi sekuzosebenza uhlelo lwamakhuphoni,’’ kusho uMnu uMahlaba.
Uqhuba uthi kuthe besasebenza kahle waphinda wababiza uMnu uDupreez manje esezobatshela ukuthi sekuzomele behlise imali yamakhuphoni ngoba umphakathi uyakhononda ngawo.
“Wathi bangakhathazeki ngoba izindleko zokwehlisa imali yamakhuphoni zazizokhokhwa nguhulumeni. Waphinda wathi kuzomele njalo balethe amakhuphoni asesebenzile ukuze bakwazi ukukhokheleka. Kuqhusthekwe kahle kodwa lutho ukuthola le mali uMnu Dupreez owayethe izokhokhwa nguhulumeni kwaze kwaba kufika isikhathi sokuxabana.’’kusho uMnu uMahlaba.
Uqhuba uthi uMnu uDupreez wabe esebayalela ukuthi sekuzomele bahlakaze inkampani yabo manje umuntu asebenze ngokuzimela ngoba umsebenzi wase wandile futhi nemizila seyiminingi nombango umsumkhulu njengoba basebebaningi nabanye osomabhizinisi abasebengenile.
Kulabo abasebengenisile kulemboni yezokuthutha kubalwa uMnu Zwane, uMnu Cebekhulu noMnu Thwala okuthiwa wayeyimpimpi yamaBhunu owayelethelwe ukuzolandela uMnu Mahlaba.
Uhulumeni wagcina esesungule esakhe isikhondlakhondla senkampani yezokuthutha okwakuthiwa iTrans Tugela Transport (TTT) ngenhloso yokugwinya lonke leli bhizinisi labamnyama.
ITTT igcine isibizwa ngokuthi iKwaZulu Transport (KZT). Kwelinye lamaphephandaba esilungu eliphuma kanye ngesonto, uMnu uW. Elof wakwaBIC ngesikhathi ebuzwa yintatheli ngomhla zingama-27 kuNhlaba 1973 wakuqinisekisa ukuthi okuningi okwakushiwo nguMnu uMahlaba ngokuxhoshwa kwakhe amabhizinisi kwakuyiqiniso okubala nokuthi kwakungekho mali ayeyikweleta iBIC.
“Ubaba ugcine esungule eyakhe inkampani eyayibizwa ngokuthi iMadadeni Transport Services (Pty)Ltd egcine ihlakaziwe yagwinywa nguBIC.’’
Kumanje leli bhizinisi lamabhasi sekukhonya kulo uhlanga lwamaNdiya njengoba eNewcastle kugcine sekuphethe uTransnat okuyinkamapni kaMnu uM.P. Paruki odume ngelikaMsobho.
UMnu uParuki usondelene kakhulu nosopolitiki njengoba kunguyena onikwezwe umsebenzi wezokuthutha ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal okubalwa kuzo oMasipala iTheku noThungulu.