Now Reading
Ngamagqubu wodwa koweLiverpool neManchester United
Dark Light

Ngamagqubu wodwa koweLiverpool neManchester United

KULINDELEKE ukuthi kube izinkani zababili emdlalweni ozoba ngeSonto lapho kuzotholana phezulu iManchester United neLiverpool FC.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni we-English Premier League (EPL), e-Old Trafford Stadium okuyinkundla yeMan United ozoqala ngele-4:05 ntambama.

Yize la maqembu enomlando omkhulu uma etholene phezulu futhi ehlezi enabadlali abasezingeni eliphezulu, kodwa lo mdlalo unesizathu esehlukile ukuthi ungaba yiwo umdlalo omkhulu kule mpelasonto. Leso sizathu esokuthi iLiverpool izofuna nakanjani ukuwunqoba lo mdlalo ukuze ibuyele esicongweni njengoba sekuhlezi iManchester City. Ngokunjalo neMan United izofuna ukuthi iwunqobe lo mdlalo ukuze iqhubeke nokubalwa namaqembu amane aphezulu.

Uma iqembu lisendaweni yesine e-England lisuke lizoba yingxenye yomqhudelwano omkhulu i-UEFA Champions League.

IMan United (iRed Devils) izoya kulo mdlalo ifuna ukuziphindiselela, njengoba emdlalweni wokuqala la maqembu etholene phezulu yahlulwa ngamagoli amathathu kwelilodwa. Amagoli eLiverpool (iThe Reds) avalelwa phakathi uSadio Mane noXherdan Shaqiri owashaya amabili, elokubika leRed Devils lashawa uJesse Lingard.

IThe Reds ecijwa uJurgen Klopp ilele endaweni yesibili kulogi, emidlalweni engama-26 isikwaze ukuthi inqobe engama-20, yadlala ngokulingana kwemihlanu yahlulwa kowodwa inamaphuzu angama-65.

IMan United yona ecijwa u-Ole Gunnar Solskjaer, isendaweni yesine, nayo isidlale imidlalo engama-26 isinqobe eli-15 yadlala ngokulingana kweyisithupha yahlulwa kwemihlanu inamaphuzu angama-51.

See Also

EzikaSolskjaer ziya kulo mdlalo zihambela phezulu njengoba ngoMsombuluko emdlalweni weFA Cup zahlula iChelsea FC ngamagoli amabili eqandeni, avalelwa phakathi u-Ander Herrera noPaul Pogba.

Kanti ezikaKlopp zona zimanqikanqika njengoba ngoLwesibili emdalweni we- UEFA Champions League zidlale ngokulingana ngeqanda nhlangothi zombili neBayern Munich yaseGermany.

Injini yeMan United uJuan Mata ekhuluma nabezindaba ngalo mdalo uthe: “Sesikhohliwe ngokwenzeke koweFA Cup kodwa sibheke emdlalweni wethu wangeSonto, akukho okutheni esikufisayo ngaphandle kwamaphuzu amathathu. Kusukela kufike uSolskjaer izinto zisihambela kahle, njengoba sisahlulwe kanye emidlalweni eli-13 sisafuna ukuthi siqhubeke nokwenza kahle. Kunzima ukuthi sisengayinqoba iligi kodwa isifiso sethu ukuthi sibalwe namaqembu amane phezulu.”

Scroll To Top