Now Reading
Ukumelwa emacaleni asezinkundleni ezabasebenzi kuseyindida
Dark Light

Ukumelwa emacaleni asezinkundleni ezabasebenzi kuseyindida

UMA ubuka ukuvuthwa nokuthuthuka kwezabasebenzi, izinyunyana nezinhlangano zabaqashi, kanjalo nezinga lomthetho omayelana nalokhu, akufanele ngabe kusenendida mayelana nokumelwa emacaleni aqulwa yizinkundla zamacala ezabasebenzi. Kusenokungabaza nokungazi ukuthi ubani onelungelo lokumela abamangali nabamangalelwa ezinkundleni ezinjengeCCMA kunye neMikhandlu Yezimboni. Ake sicacise le ndida ngokubheka ukulawula komthetho nezinkantolo mayelana nalokhu.

Masiqalise ngokuthi izinkundla lezi zigunyazwe nguMthetho ukuba zishicilele imithethonqubo yazo evame ukufana futhi ihambisane nobulungiswa obuyibona nhlosonqangi yoMthetho Wezobudlelwana Kwezokuqashwa uNombolo 66 we-1995. Sizosebenzisa imithethonqubo yakwaCCMA ngoba yonke eyemikhandlu kufanele ihambisane nayo kokuningi.

UMthethonqubo uNombolo 25, uthi abanelungelo lokumela abamangali noma abamangalelwa emacaleni ezabasebenzi yilaba uma amacala esesesigabeni sokuxazululwa: ngosesikhundleni sokukhethwa; ngoqashiwe oyisikhulu noma ngoyilungu lenyunyana ebhalisiwe noma lenhlangano yabaqashi ebhalisiwe. Uma ummangali noma ummangalelwa kuyinyunyana noma kuyinhlangano yabaqashi, onelungelo lokubamela kuba ngomunye walaba ababaliwe kodwa ogunyaziwe ukuba azomela lolo hlangothi alumele.

Uma icala selisesigabeni sokuqulwa abanelungelo lokumela abamangali nommangalelwa yilaba esibabale ngenhla, baphinde futhi abamangali nommangalelwa babe nelungelo lokuzimela ngokwabo, noma bemelwe ngabammeli bomthetho. Uma icala limayelana nokuxoshwa ngesizathu sokungaziphathi kahle noma sokwehlulwa ngumsebenzi, abasecaleni kabanalungelo lokumelwa ngummeli wasemthethweni ngaphandle kokuba uKhomishana nezinhlangothi zonke bevumelana; noma ngaphandle kokuba kufakwe isicelo esemukelwe nguye uKhomishana esebhekelele ukuthi: linzima kangakanani icala, linamaphi amaphuzu omthetho, izifiso zomphakathi wonkana kanye nokuqhathanisa ulwazi lwabamangalelene. Uma oyingxenye yecala efaka isikhalo kuKhomishana mayelana nelungelo lokumeleleka kolunye uhlangothi, noma uma uKhomishana ngokwakhe esola ukuthi omele uhlangothi ecaleni akanalungelo lokulumela, uKhomishana unelungelo lokunquma ukuthi lowo osolwayo makaveze ubufakazi obumgunyazayo.

Lobo bufakazi bungaba noma yini ebhaliwe okungaba yinkontileka yokuqashwa, isivumelwano, yisiliphu somholo noma ngamafomu obulungu, lokho nje okuzokwanelisa uKhomishana ezinsolweni zakhe. Yize omele uhlangothi luthile ecaleni enelungelo lwalokho njengoba sesichazile ngenhla, uKhomishana uhlala enegunya lokumxosha uma ekholwa ukuthi ukuba khona kwalowo ecaleni kuphambene nezinhloso zalo Mthethonqubo, nezoMthetho Wezobudlelwana Kwezokuqashwa uNombolo 66 we-1995, uma ebona futhi ukuthi ukubakhona kwalowo ecaleni, kuzothunaza ngokungenabulungiswa ilungelo labantu abayingxenye yecala.

Lo Mthethonqubo ucacile, futhi ulula ukuwuqonda kunoma ngubani osecaleni lezabasebenzi. Kuyadumaza ukubona umuntu owaziyo ukuthi akanalungelo lokuzomela osecaleni ezofuna ukummela. Isibonelo, emacaleni okuxoshelwa ukungaziphathi kahle ummeli wasemthethweni akavumelekile uma engafakanga isicelo futhi samukelwa. Leso sicelo kufanele sifakwe ngokubhaliwe kusasele izinsuku ezili-14 ngaphambi kosuku lwecala. Esinye isibonelo ngesomuntu ongagunyaziwe yinyunyana (osexoshiwe ekubeni yisikhulu senyunyana) ovele ezofuna ukumela abasebenzi emacaleni. Esokugcina isibonelo ngumeluleki ongenazincwadi zokusebenzela inhlangano yabaqashi ovele athushuke ngosuku lwecala efune ukumela umqashi osecaleni.

Kufanele ukuthi wena ongummangali noma ummangalelwa uqinisekise ukuthi lowo ozokumela unalo yini igunya njengoba sesichazile; uma kufanele afake isicelo njengoba sesichazile, kumele umnxuse ukuba asifake ngesikhathi esinqunywe yiMithethonqubo yaleyo nkundla ezothetha icala.

See Also

Kwesinye isikhathi oxoshiwe ukumela osecaleni uyaye ecele ukuba adedelwe ukuthi ethamele abeyinqgapheli ecaleni, kanti nakho lokho kakuvumelekile. Ecaleni leSA Post Office v Govender & Others (2003) 18 ILJ 1733 (LC), uKhomishana wayenqume ukunqabela ummeli wasemthethweni ukuba emele umuntu owayesecaleni, kodwa wabe esevuma ukumdedela ukuthi athamele abe yingqapheli ummeli lowo. Inkantolo yamsola yamjezisa ngokungaziphathi kahle uKhomishana yathi wayeziphikise yena esinqumweni sakhe.

Kwelinye icala uKhomishana wayekade emvumele ummeli wase eshintsha emnqabela; wenqaba futhi nokuhlehlisa icala ukuze ummangali ezitholele ozommela. Nalapho futhi iNkantolo yanquma ukuthi uKhomishana wayeziphathe kabi kakhulu, yamjezisa. Lelo ngelikaCoyler v Essack (1997) 18 ILJ 1382 (LC).

UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.

Scroll To Top