Ulwazi lutholakala kangcono ngolimi lwebele: Sihlaziya umthetho wabasebenzi nabaqashi



UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
‘Sihlaziya umthetho wezabasebenzi nabaqashi’
Akusho ukungahlakaniphi noma ukungafundi; ukukhuluma nokubhala nganoma yiluphi ulimi lomdabu. Kuyishwa nje ukuthi ezinkundleni eziningi zamacala nasezinkantolo, alusetshenziswa ulimi lomdabu ngabehluleli nabameli ngezinga elifanayo kunalelo okusetshenziswa ngalo izilimi zesilungu okuyiSiNgisi nesiBhunu. Kuzwela lakhulu lokhu uma usucabanga ukuthi phela manje yithi esiphethe amandla okubusa izwe lethu.
Kuseyinselelo nesidingo esikhulu ukuloba sisabalalise ulwazi ngezilimi zabohlanga. Ukungenzilutho ngalenselelo kufakazela inkoleloze ethi izilimi zabohlanga kaziphelele noma kazikulungele ukusetshenziselwa ulwazi olunzulu njengolwazi olumayelana nomthetho nesayensi nezinye izindima zolwazi. Ibe kuyimbudane ukukholelwa kulokho.
Ukungenzi lutho ngale nselelo kuwukudayisa noma ukuphisana ngobuzibulo bethu singaboHlanga. Ukuzinyeza nokwesaba ukusebenzisa izilimi zethu kuyona yonke imikhakha nakuwo wonke amazinga ezokuxhumana kusiphendula inhlekisa kwezinye izizwe. Futhi kushiyela izizukulwane zethu ukhondolo olubi, oluzilahlekisayo ngoba kudukisa ifagugu lolwazi olunzulu olugxile ezilimi zabohlanga nakusikompilo labo.
Kanti kuyiqiniso elingephikwe ukuthi ulwazi nosikompilo kwethu kucosheka kufundeke kangcono kuphela ngezilimi zabohlanga. Kufanele sibonge kubasunguli bamaphephandaba ezilimi zabohlanga, nakulabo abathuthukisa izilimi zethu ngezindlela ezahlukene ukufundisa, ukubhala nasezinkundleni zomphakathi zokuxhumana ngobuxhakaxhaka.
Seliphumile, liyatholakala ibhuku “Sihlaziya Imithetho-Izindaba Zabasebenzi naBaqashi” okuyiqoqo layo yonke imibhalo yalengosi kusukela kuNdasa kowe-2016. Enye yezinhloso zalencwadi ukulwisa nokwembula ubuze benkoleloze esiyibhale ngenhla. Siqonde ukwandisa ulwazi lomthetho wezabasebenzi kwabohlanga okuyiningi lomphakathi othintekile okungabasebenzi nabaqashi abakhuluma iSiZulu. Inhloso, ukwenza umnikelo ekuthuthukisweni kolimi labohlanga iSiZulu. Phela uMthethosisekelo wezwe uhlinzeka izilimi ezilishumi nambili futhi uzibeka ezingeni elifanayo. Inhlosonqgangi yalencwadi ukufakazela ukuhlinzekwa kwezilimi zabohlanga kuMthethosisekelo.
Lencwadi ingeyesibili yaloluhlobo ngoba eyokuqala engayiloba yasicilelwa ngowezi-1989 esihloko esithi “Umthetho Namalungelo Abasebenzi” yona yayingxile ekuchazeni nasekuhlaziyeni yonke imithetho yezabasebenzi yangalesosikhathi. Leyoncwadi yasicilelwa yiReach Out Publishers eyayingaphansi/isebenzisana neShuter and Shooter. Yadayiswa ezitolo zezincwadi ezinjengoCNA no-Adams & Griggs eThekwini. Nginyathele kulowomgudu futhi ngicaphuna kuleso sizinda ukuloba lencwadi.
Kodwa njengoba kuzobonakala ekuyifundeni, kulencwadi sichaza sihlaziye imithetho nezinqumo zeziNkantolo emacaleni aphathelene naleyomithetho. Sizama nokuthuthukisa ulimi lohlanga ngokusebenzisa amagama esiZulu endaweni yamagama okujwaleke ukuba abeyisiNgisi, yingakho izahluko sizandulele ngohla lwencazelo yamagama abalulekile asetshenzisiwe, nangohla lwemithetho namacala aqukethwe kulencwadi. Omunye wabahlungi balelimbhuku ungutolika okufundele osebenza khona ukutolika kuwo amacala Ezabasebenzi. Usize kakhulu ekuqondiseni lamagama eSingisi asetshenziswa emacaleni ukuthi siwabhale achazeke kahle ngeSiZulu.
Ukuhleleka kwezahluko kuqoqwe ngendlela elandelekayo ngaphansi kwezingxenye ezintathu. Eyokuqala imayelana nobudlelwano bokuqashwa: ukusunguleka nokwehlukaniswa kwabo okuwukuxoshwa, ukumiswa emsebenzuni, ukudilizwa, ukwesula. Ngaphansi kwalesihloko kubhalwe konke okumayelana nobudlelwano bokuqashwa okuxuba: ukuqondisa ubugwegwe, iziteleka, ukuxoxisana ngokuhlanganyela phakathi kwezinhlangothi nezinhlaka ezimele abaqashi nezimele izisebenzi.
Kanti ingxenye yesibili yona igxile kumibandela yokuqashwa. Eyesithathu imayelana nemithetho yemihlomulo, izinxephezelo nemivuzo okubekwe yimithetho eyahlukene yalokho neyozokuphepha emsebenzini. Siphetha ngesigaba somlando wezinyunyana zabasebenzi, ukuvuselela nokukhumbuzu umfundi ngebanga lakwasukela khona umbuthano wabasebenzi nokwaphoqa ukushaya imithetho eyahlukene yokulawula ezokuqashwa.
Umthetho nezindaba zabasebenzi uyindima enkulu, futhi eguquguqukayo. Ngakho-ke kubalulekile ukubuyekeza umbhalo ukuze ukhulume ngesimo samanje. Uma uMvelinqgangi namaThongo bevuma, ngiyolokhu ngiqhubeka nokubhala ngezihloko ezahlukene ngiphinde ngibuyekeze wona lamabhuku ngokuhamba kwesikhathi.
Mangiphethe ngokuqopha ukubonga kubonabonke abangeseka nabangesekayo emizamweni yami yokuloba ngolomdabu. Angeke ngenze ubulungiswa uma ngingaqaguli okokuqala umndeni wami nalabo abangelekelele ukuhlunga wonke umbhalo; abafundi, abasicileli nabalobi be Bayede ikakhulu umfoka Nomajalimane. Ngingekhohlwe ngabangiqashile benginika ithuba nenselelo yokuphenya ngigxile kulendima yomthetho wezabasebenzi ngokuxazulula futhi ngahlulele amacala ezabasebenzi. UMvelinqgangi anibusise nonke.
Ibhuku “Sihlaziya Imithetho-Izindaba Zabasebenzi naBaqashi” liyatholakala ngokuthintana nathi ngocingo, ngeWhatsApp: 0765630397, 0663753909 noma nge email: info@thinasonketrainingconsultancy.co.za noma nokwanda@thinasonketrainingconsultancy.co.za.
UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.