UMdunyelwa usemazingeni ehlukene entuthuko yomculo iJazz
KUNGABA ukhuluma ngokukhuliswa kwamakhono amaciko asafufusa kumbe isifundiswa esingumhambi wamazwe emculweni iJazz, uyofi ca ikhona iNkosazane uSylvia Ncediwe Mdunyelwa. Ubuye alingise emafi limini nakuthelevishini.
Le ntokazi eyazalelwa elokishini lakwaLanga eCape Town yangena emculweni ngeminyaka yowe-1970 ngesikhathi iba yilungu leqembu lomculo weJazz elaliholwa nguVictor Ntoni, iSextet. Kule bhendi uMdunyelwa wasebenza namaciko aphambili kuJazz afana nezinsizwa ezimbili zakwaNgcukana u-Ezra noDuke, kukhona noWinston Ngozi, uNick Carter noMerton Barrow.
Wazihlanganisa nokuthuthukisa amakhono abaculi abasafufusa. Ngowe-1990 uMdunyelwa wawelisela phesheya kwezilwandle iqembu labaculi abasebancane wabayisa ku- International Children’s Jazz Festival eCanada. Lesi senzo sakhe samenza waqokelwa umfundaze owawukhishwa yi-Educational Opportunities Council wakwazi ukuyoqhuba izifundo zomculo neshashalazi e-University of California Los Angeles (UCLA). Wazinika isikhathi esanele sokucija ikhono lakhe kule mikhakha yobuciko.
Ebuya eCanada uMdunyelwa wathola isimemo sokujikeleza iGermany lapho acula khona kuBerlin Festival ngowe-1994. Waphinde waba yingxenye yokuphambana ngokwamazwe ngenhloso yokufunda amasiko ezinye izizwe. Wahambela inhlokodolobha iBogota ezweni iColumbia eliseSouth America lapho afi ke wacula khona ngowe-1997. Ngonyaka we-1998 waqopha i-albhamu i-African Diva, Live in Africa eyayimayelana nokucula kwakhe kuStandard Bank Jazz Festival eGrahamstown. Ngowe-1999 uMdunyelwa wasayinda inkontileka yomculo neBlue Note kwathi ngowezi-2000 waqopha i-albhamu esihloko sithi, ‘Ingoma’ eyaqondiswa nguVictor Ntoni. UMdunyelwa wazuza umklomelo i‘Golden Guachupe’ eyayihlonipha iqhaza lakhe lokuthuthukisa umphakathi eCape Town. Waphinde waba yingxenye yohlelo lweBritish Broadcast Corporation (BBC) olwalungempilo kaMbhishophi uDesmond Mpilo Tutu.
UMdunyelwa usebenzele isiteshi esizimele somsakazo esiseCape Town esasaziwa ngeleP4 ethula uhlelo lweJazz ngaphansi kwesihloko iVoice of Jazz. Nasesiteshini somsakazo uMhlobo Wenene usebenzile ethula umculo iJazz. UMdunyelwa uyilungu lebhodi yeFine Music Radio okuyisiteshi esethula umculo weJazz kuphela esizinze eCape Town. Njengamanje uMdunyelwa wakha isikole seJazz elokishini lakubo kwaLanga.
URashid Lombard ongumthwebuli wezithombe zomculo iJazz nongumngane kaMdunyelwa uma ekhuluma ngaye ubeka kanje: ‘USyiva angacula iJazz nanoma wubani othathwa njengohamba phambili kulo mculo. Afi ke ehluke ngakho kubaculi beJazz banamuhla yindlela engenasici axhumana ngayo naleyo naleyo ngoma ayiculayo. Usebenze nabaculi abaphambili beJazz elokishini,’ kuphetha uLombard.
Izingoma aziwa ngazo ngezithi, ‘La kutshon’ilanga; Mbube; Abazali nethi More today than yesterday.’ Umyalezo kubaculi abafi sa ukubizwa ngomakadebona kuJazz nakunoma yiluphi olunye uhlobo lomculo ngomuso uthi:’Awuvele uvuke usungumakadebona emculweni kodwa kusetshenzewa kujulukwe kanzima,’ kuphetha umzwilili owenze lukhulu weJazz emazingeni ehlukene.